zulu.1250.health
86 BONA ZULU - October 2005
Ezempilo
Qeda izinduna
Akusibo abasha kuphela abanenkinga yamabala adalwa yizinduna. Abesimame abadala bayaba nezinduna kanti lokho kudalwa yisizathu esifanayo - uguquko kuma-hormones. Kuvame ukuthi kubona lokhu kudalwe wukukhulelwa, ama-periods noma ukuqala noma ukuyeka amaphilisi okuhlela.
NgokweMayo Clinic eseMelika ungazigwema noma uzidambise izinduna ngalolu hlobo:
Geza ubuso ngokokugeza ubuso okungenamandla kakhulu. Ungawasebenzisi ama-mask nokokuhlikihla ubuso ngoba kuyasixebula isikhumba.
Thenga i-lotion yezinduna emtholampilo noma ekhemisi.
Ungakusebenzisi okokugcoba okunamafutha njengama-sunscreen, imikhiqizo yezinwele nokokufihla izinduna.
Ungawavumeli ama-braids akho ukuba alengele ebusweni, noma izikhafu, noma izintambo zezingcingo ngoba lokho kwenza kwakhele ukungcola eziqwini zoboya.
Ungazipitshizi izinduna ngoba zizokwanda noma kusale amabala. Zama ukubonana nodokotela wakho noma uye emtholampilo ukuze uthole ukwelashwa.-
nguSamantha Scott
Okuhle ngekhofi
Kunezindaba ezimnandi ngekhofi ezivela eJapan. Abacwaningi bathole ukuthi lingadambisa umdlavuza wesibindi, abaphuza izinkomishi ezimbili ngosuku banamathuba angu-48 percent okwehlisa lo mdlavuza kanti abaphuza izinkomishi ezinhlanu banamathuba angu-76 percent.
izithombe abeGREAT STOCK!
iqiniso:
Izithende zezicathulo ubude bazo obungu-3cm zenza umzimba wakho ubhenele ngaphambili kakhulu ube nezinhlungu ezingapheli kushintshe nokuma kwamadolo nama-hips
Phasa izivivinyo
. . . Uyazi ukuthi kufanele udle isidlo sasekuseni kodwa ngabe bewazi ukuthi ukuzivocavoca kukuvula ingqondo, kukuphaphamise ucabange kahle" Ukuhamba kathathu ngesonto kwanele ekuvuseleleni i-oxygen
engena ebuchosheni.
Hlala uphilile ngezeluleko zikaPatricia McCracken
Vikela amehlo engane yakho
Umgomo we-Eye Awareness Week, eqala ngomhlaka 11 kuya kumhlaka 15 October umayelana nokugwema ukuba abantwana bagcine bengasaboni emehlweni kanti ngaleso sikhathi uzokwazi ukuthatha umntwana wakho aye kudokotela wamehlo ozomhlola mahhala. Ngaleyo ndlela udokotela uzokwazi ukubona uma ingane inenkinga yokungaboni kahle, inolwelwesi noma inezinkinga ezidalwa yisifo sikashukela ngokukaCharmaine du Preez weSA Optometric Association. Izingane ezintulayo zizophiwa izibuko zamehlo.
AbakwaSter-Kinekor bazokhombisa ngokuhlolwa kwamehlo ema-cinema akwaSter-Kinekor akhethiweyo ezweni lonkana kanti abafundi bazoyiswa kulawo ma-cinema baphiwe ama-popcorn babukele ne-movie emva kokuhlolwa. AbakwaSter-Kinekor bazobuye baxhase izingane ngezibuko ezizidingayo.
"Kusemqoka ukuba uyibone kusenesikhathi inkinga yamehlo enganeni ngoba ayisizakali uma isikhulile," kusho uCharmaine."
Shayela abakwaSAOA ku-011-805-4517 uthole ulwazi ngodokotela wamehlo noma indawo okuzoboniswa kuyona ngokuhlolwa kwamehlo. -
nguSamantha Scott [z]
iqiniso:
Ababhemayo bezwa izinhlungu ngokuphindiweyo kunabangabhemi.
