zulu.1237.facts
Amakhasi kaBONA Athokozisayo
I-Puzzle yezithombe
BONA ZULU - March 2006
Iqiniso ngezindlulamithi
lIndlulamithi yisilwane eside ukwedlula zonke eziphilayo emhlabeni. Ubude bezamaduna buphakathi kuka-5 no-6 metres kanti isisindo sazo singu- 900kg. Ezezinsikazi zimfishane kanti nesisindo sazo singaphansi.
lIzindlulamithi zidume ngomqala wazo omude owenza zikwazi ukubuka amaqabunga ezihlahla - kodwa ukwakheka komqala akuhlukile kokwezinye izilwane ezincelisayo. Ayinamathambo angeziwe kulawo akhele umgogodla kodwa awayo makhulu.
lIzimpondo zayo ziyithambo kanti zibizwa nge "ossicorns."
lInhliziyo yendlulamithi ingu-10kg kanti iphampa igazi ngokuphindwe kabili ukuze lifike nasebuchosheni kulesi silwane esikhulukazi.
lEyensikazi ikhulelwa izinyanga ezingu-15.
lUbude bezizelwe bungu-1,8m. Indlulamithi igxuma emva kwamahora ambalwa izelwe.
lIzivikela ngokuzikhahlela kakhulu izitha zayo. Uma ikhahlele kanye ingaqhekeza ugebhezi lwebhubesi.
lIzindlulamithi zilala amahora amabili njalo emahoreni
angu-24.
Landela imicibisholo ugcwalise izikhala
Ubisi lwembuzi lusetshenziswa ngaphezu kolwenkomo emhlabeni
Isisindo solimi lomkhomo singaphezu kwesendlovu esikhulile!
Izimpendulo zama-puzzle ziseKHASINI 100
Beka ngokuyikho
Wabale!
Umuntu uhamba amanyathelo angu-18 000 ngosuku.
E-Thailand isandla sobunxele sithathwa njengesingahlanzekile, okusho ukuthi akufanele udle ngaso. Futhi, ukukhomba umuntu ngomunwe owodwa kuthathwa njengokudelela, ngawo ungakhomba izilwane nokunye.
Igama elithi MUHAMMAD
lande kakhulu emhlabeni
Hlela lawa magama ngendlela efanele
Ikhabe liyi-vegetable alisiso isithelo
BONA ZULU - March 2006
BONA ZULU - March 2006
Amakhasi kaBONA Athokozisayo
AmaMulti-Game
Ukufa kwesiko
BENGAKAFIKI abase-Europe eNorth America, babengu-5 million ababengabokudabuka eMelika kuleli lizwekazi.
Kusukela ngo-1492 kuya ku-1890, isibalo sabamhlophe sakhuphuka sisuka ku-0 saya ku-75 million.
Ngo-1890, isibalo sababedabuka eMelika sehla saba ngu-250 000..
Imithetho eyindida
OBonke abantu abahlala eKentucky eMelika baphoqwa ngumthetho ukuba babhave okungenani kanye ngonyaka.
OKwakungukwephula umthetho eWetaskiwin, e-Alberta ukubophela ihhashi leduna eduze kwelensikazi kuMain Street.
OE-Saudi Arabia, owesimame angamdivosa umyeni wakhe uma engamthengeli ikhofi.
OUkudla i-chewing gum akukho emthethweni eSingapore ngoba kuthiwa unukubeza imvelo.
OKwakungekho emthethweni eBellingham, eWashington ukuthi owesimame ahlehle ngamanyathelo angaphezu kwamathathu uma edansa.
UGH! Abesimame bagcina beyigwinyile i-lipstick abayigcobayo.
Bheka ukuthi ulimi lwakho ulwazi kangakanani. Yisithombe esizokunika impendulo, yini esesithombeni"
Antantiswa yini amafu"
I-GRAVITY izidonsela phansi izinto kodwa lokho akwenzeki emafwini uma enqamula emoyeni. Kodwa kukhona okwenziwa yi-gravity emafwini - yenza ame ngendlela efanele ngesikhathi iwadonsela emhlabeni yenze kuphume isithwathwa nemvula kuwona.
Ilanga liyawahwamukisa amanzi asemachibini, emifuleni nasolwandle. Lawo manzi abizwa nge "water vapour," ayakhuphuka aye emoyeni ofudumele.
Umoya uyaphola usabalale kwakheke amafu.
Umoya opholile awukwazi ukubamba umhwamuko wamanzi njengomoya ofudumele. Lowo mhwamuko uyaqina ugcine usuyimvula nesithwathwa.
Bheka ufunde
Yisithombe esizokutshela ukuthi yini okumele uyibhale ezikweleni ezingenalutho
BONA ZULU - March 2006
GREAT STOCK!
