zulu.1228.yrstyle_pond's
BUYISA
UTHANDO
EMPILWENI
YAKHO!
HLANGANYELA nathi ekuseni sizitike ngobumnandi, sihleke sitomotwe. UBONA nabakwaPond’s bahlangene ukuze bakunike ithuba eliyingqayizivele!
Akekho umuntu ongafuni ukubukeka kahle kodwa kokunye asazi ukuthi sizoqalaphi. Uzofundiswa ngokubaluleka kokubukeka kahle nokuzethemba, nokuthi ungalubuyisela kanjani uthando nesivuthevuthe othandweni lwakho.
Le workshop izokhombisa ukuthi ukunakekelwa kwesikhumba nokugqoka ube sesitayeleni kungenza muphi umehluko ekubukekeni kwakho, kanti kuyobe kukhona nochwepheshe wezothando oyokweluleka abesimame ngokuthi bangakhululeka kanjani ngokomqondo empilweni yabo.
Izikhulumi: U-Sbu Mpungose, umhleli kaBONA uzokhuluma ngongaba nako kwi-wardrobe yakho.
U-Ali Murray ongumeluleki kwezothando uzokweluleka abesimame ngokulawula impilo yabo othandweni.
Abacwali bakwaPond’s bayokhombisa ngokusetshenziswa kwemikhiqizo yabo uthole nethuba lokuyisebenzisa.
Imininingwane ye-workshop:
Indawo: Southern Sun Grayston, Sandton, eGoli
Usuku: UMgqibelo, 28 November, 2009
Isikhathi: Kubhaliswa kusukela ngo-8am (Uhlelo luqala ngo-9am)
Kubiza: R150 umuntu (Kubandakanya nokokubamba umoya uma ufika, isidlo nezikhwanyana eniyohamba nazo ezinezinto ezikhala kahle.)
Ukubhuka/Ukukhokha:
Shayela u-Annah ku-086-010-5954 (ngoMsombuluko kuya kuLwesine ngo-9am kuya ku-4pm; ngoLwesihlanu: 9am kuya ku-1pm). Azi i-reference number yakho ngoba iyona oyongena ngayo kwi-workshop. Ningafiki nezingane. Imali ekhokhwayo kumele ikhokhwe zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa zokusebenza ubhukile. Ayikho imali eyobuyiswa. [z]
I-WORKSHOP KA-BONA
Sbu Mpungose
Ali Murray
