zulu.1218.A and A
ROY REED
ezalapha nalaphaya
BONA ZULU – July 2007
Kwethulwa owefeshini
I-MTN Durban Fashion Week yethulwa ngesitayela esihle kanti kulokho kufanele kubongwe i-champagne yakwaMoet & Chandon kanye nezihlwele ezazikulo mcimbi eSuncoast Casino Hotel.
izithombe nguRAJESH JANTILAL
UDkt. Precious Moloi ongusihlalo weLeisureworx, noNarissa Ramdhani we-Ifa Lethu.
Umsiki wengqephu u-Ayanda Maphumulo noThami wakwa-Afrodisiac besemcimbini.
UThokozani Pepper ongumsiki wengqephu wakwaBlack Pepper ekanye nomngani wakhe emcimbini.
Bahle abantwana bagezile! Lezi zimomondiya zazemukela izihambeli mhla kwethulwa iMTN Durban Fashion Week.
U-Forest kwelase- Africa
U-Forest Whitaker owamukelwa ngokwase-Africa eThekwini nongumdlali waseHollywood owawina umklomelo weGolden-Globe, kwamthokozisa ukwamukela isipho esiyisipesheli kumasipala emcimbini owawuse-International Convention Centre. Ephonswa imibuzo enkomfeni yabezindaba, uWhitaker (kwesobunxele) wakhombisa ukuthi uyayithanda iNkosi uShaka – uLogie Naidoo (kwesokudla) oyisekela lemeya wapha uWhitaker isithombe somdwebo wakhe (uWhitaker) adwetshwe kusona njengomholi wesizwe samaZulu. Lo mdwebo wenziwa nguLungelo Gumede (phakathi nendawo)!
Hamba kahle…
Kwakubuthene osaziwayo e-University Of Johannesburg eSoweto bezovalelisa kuLindiwe “Doobsie” Chibi wemidlalo kamabonakude.
izithombe nguMOLEFI SEBATI
ULerato noCandy.
ULiopelo Maphathe, Meme noKhanyisile Mbau.
Kuhlonyiswa izitshudeni ngamakhono
I-Tlakula High School eselokishini laKwa-Thema, eSprings, iqale uhlelo lokuhlomisa abafundi ngamakhono kwezamabhizinisi.
Izitshudeni ezingu-75 zafunda izifundo eziphathelene namabhizinisi, ukuwakhangisa, ukwenza ucwaningo, ukunqunywa kwamanani nokuphathwa kwawo.
UForce Khashane onguMhleli kaBONA wayeyisikhulumi sosuku emcimbini wokwamukelwa kwezitifiketi.
izithombe nguMOLEFI SEBATIE
Abafundi bokuqala abemukela izitifiketi zokucijwa kwezamabhizinisi bekanye noSteven Nkosi (ekugcineni kwesobunxele) nothisha uKhanyisile Msimang (ekugcineni kwesokudla).
UBonga Khumalo oyisiphathimandla sohlelo lokuxhaswa kwamabhizinisi ekhuluma nabafundi.
U-Force Khashane wakwaBONA wayeyisikhulumi sosuku emcimbini wokwamukelwa kwezitifiketi.
