zulu.1215.yourbackpage_last
Ukugcina kwami ukuya endaweni engaphandle...
NgoJuly kulo nyaka. Ngaya eMelika emgubhweni weMandela Day nokuyilapho ngacula khona noJosh Groban. Ngaya naseLos Angeles ngahlangana noKeb Mol ophrojuse i-albhamu yami elandelayo.
Ukugcina kwami ukuvakasha ngenhloso yokuzijabulisa...
Angisakhumbuli. Ngaqala ukuhamba ngicula kusukela ngo-2003 kanti sengike ngazama ukuya eholidini kodwa akwenzeki. Ngimatasa. Sengike ngacula kuma-shows angu-41 ezinsukwini ezingu-47 e-Europe naseMelika. Ngisanda kuba yingxenye yeWho Do You Think You Are? kuSABC2 ngathola ithuba lokwakha isihlahla somndeni wami. Sengike ngaya kababa eSwazini kanti ngilangazelela ukuya eLesotho. Angikaze ngiye khona kanti ngingathanda ukufuna umkhondo wezinyanya zikamama.
Isikhathi engigcine ukuba ngedwa ngaso...
Ngesikhathi ngiye eMelika ngoJuly. Ngachitha isonto elilodwa endaweni eyayiseduze kweVenice Beach eLA. Ngathola ithuba lokucabanga, ngabhala ngabuye ngelula izinyawo ngajabula kakhulu. Ukuba nomndeni kwenze ngayeka ukucabangela mina ngedwa. Ngithanda ukuchitha isikhathi nezingane zami nonkosikazi ekhaya. Ayikho indawo enjengekhaya.
Okokugcina okungenze ngaziqhenya ngokuba ngowaseSA...
Wukugubha iMandela Day eNew York. UMadiba ngumuntu ohloniphekile onobuntu omele bonke abantu. Wakhuthaza abaningi, uyiqhawe lamaqhawe kanti ungowaseSA njengami. Ngiyaziqhenya ngalokho!
Ukudla okumnandi engigcine ukukudla...
Ngakudla nabangani bami eColorado eMelika. Ngadla isidlo sase-Ethiopia okokuqala ngqa empilweni yami kanti ngokosiko lwakhona kufanele kube yibona abakufunza ukudla. Wawungathi ngiyingane kanti bonke babebangisana befuna ukungifunza.
Into yokugcina engidinile...
Wudaba lweDaily Sun olwaluthi isibongo sami sangempela ngingowakwaZwane. Intatheli yayikhona ngesikhathi ngihlangana nodadewethu kwiWho Do You Think You Are? kanti kungenzeka ukuthi yezwa ingxoxo yethu. Ayikuzwanga kahle esasikukhuluma kanti ngifisa sengathi lelo phutha lingalungiseka. Ngiyakwazi ukubamba ulaka kodwa lokho kwangicasula kakhulu.
Umculi engigcine ukucula naye esteji...
NguHabib Koité waseMali noDobet Gnahoré esasicula nabo kwi-Oppikoppi Festival ngo-August. Siyingxenye yohlelo olubizwa nge-Acoustic Africa.
Engigcine ukukuthenga...
Yincwadi kaDon Mattera ethi They Passed This Way And Touched Our Lives. I-albhamu yami elandelayo izophuma ngenyanga ezayo noma ekuqaleni konyaka ozayo kanti kunenkondlo yakhe engifuna ibe yiculo. Leyo nkondlo ibhalelwe uNadine Gordimer umbhali engicabanga ukuthi wasebenza ngesikhathi sobandlululo kanti kufanele ahlonishwe.
Isithombe sokugcina engithwetshulwe sona...
Engisithwebule noGloria Gaynor kwiNelson Mandela Day Concert. Baningi abantu engithwetshulwe nabo kodwa ngangifuna ukuthwetshulwa nomculi u-Aretha Franklin ekhonsathini. Savaleleka eliftini naye kodwa wayegadwe onogada abaningi ngangakwazi ukushutha naye! [z]
Nihlanganiselwe nguNtokozo Maseko
IKHASI LOKUGCINA
UVusi Mahlasela ongumculi, umbhali wezingoma, imbongi, isishoshovu sezepolitiki nenxusa le-46664 Foundation kaBaba uMandela, uhlala ehamba kodwa uthi ayikho indawo enjengekhaya
