zulu.1210.lovelife
Ucwaningo lukaBONA
Amalungu eqembu le-loveLife uJabu, Bongani, Njabulo, Vuyo noFreda.
indaba nguTEDDY GOMBA
izithombe nguMOLEFI SEBATIE
INHLANGANO ezimele i-loveLife yaziwa ngemikhankaso yayo yentsha yokuqwashisa nge-HIV/AIDS, kodwa abanye bathi ikhuthaza ucansi olungaphephile kanti bafaka ingcindezi kuhulumeni ukuba uqede uxhaso lwezimali olubhekiswe kulezi zinhlelo.
Baningi abethuswa wukuba uhulumeni ulweseke lolu hlelo enhlosweni yalo yokunxenxa abazali ukuba bakhulumisane nezingane zabo ngezocansi ukuze kugwemeke ukubhebhetheka kwe-AIDS.
Lezi zinkulumo-mpikiswano akubanga yinto ekhulunywa abezindaba kuphela, kodwa sezike zezwakala nasephalamende.
Okunye okuqhubela phambili le ndida yindlela i-loveLife ekhangisa ngayo - njengamabhodi anemiyalezo ethi “Born Free” nethi “Take Back The Future”.
Kodwa oyisekela lesikhulu esiphezulu uGrace Matlape uthi le mikhankaso yenzelwe ukufinyelela kubantu abasha.
“Senzela abantu abasha ngoba yibo abasengcupheni enkulu - kungakho sisebenzisa ama-poster, ama-condom can, amaphephabhuku namabhodi ezikhangiso,” kuchaza yena.
“Siphumelele ukufinyelela kubantu abasha ngoba sisebenzisa ulimi lwabo.
“Lokho singakufakazela ngobuningi bezingcingo esizitholayo ezikhungweni zethu zezingcingo zinyanga zonke.”
Kusukela kwezingu-180 000, kwenyukele kwezingaphezu kuka-300 000.
Ama-Groundbreakers
“Labo abangamavolontiya babizwa ngokuthi ama-groundbreakers nokuyibo abaqiniseka ukuthi sifinyelela kuyo yonke imiphakathi ezweni lonkana,” kusho uMatlape.
Ama-groundbreakers aphakathi kweminyaka engu-18 nengu-25 kanti abhekene nomsebenzi wokwakha ngokuvuselela ontanga nokubaqwashisa ngezingozi zocansi olungaphephile kanjalo nezinkoleloze ezihambisana ne-AIDS.
“Sibhalisa ama-groundbreakers aye afinyelele ku-7 000 ngonyaka. Athola iholo elincane ngenyanga - ukuze akwazi ukugibela bese esayina ikontileka yonyaka owodwa nathi,” kusho uMatlape.
“Emva kokuphela kwekontileka yonyaka wabo owodwa, siyazama sibafake emsebenzini kuthi ingxenye enkulu iqashwe ngaphansi kwabakwa-loveLife noma babe ngaphansi kwezinhlelo zokufundela umsebenzi ngaphakathi emsebenzini. Iningi labo liyaqhubeka nezifundo zalo emanyuvesi.”
NgokukaMatlape, noma ngubani oyi-groundbreaker kuye kudingeke ukuba afike nabanye abahlanu abaziwa ngokuthi “izimpintshi,” abafundisa ngezindlela zokuphila, baphinde bathole ukuqeqeshwa kwezamakhomphyutha.
Uqhube wathi ucwaningo lwakamumva lweSABC nabeKaiser Foundation lwathola ukuthi labo abayingxenye yezinhlelo ze-loveLife abekho engcupheni yokuba babe-HIV kanti yibo abawasebenzisayo amakhondomu futhi baphinde bahlolelwe i-HIV.
Okumele kuqashelwe
Abe-loveLife basebenzisa le mikhankaso yabo namavolontiya, emitholampilo kahulumeni nasezikoleni ukwedlulisela imiyalezo yabo yokuphila ngokuyikho.
Ngesikhathi sivakashele kulesi sikhungo sentsha sabakwa-loveLife eningizimu yeGoli e-Orange Farm, uBONA wahlangana noMbali Kunene (22) ongomunye wabafundisa ontanga yakhe elokishini eliseduze kwale ndawo iPalm Springs.
“Ngangazi nge-loveLife kodwa ngingazi ukuthi yini abayenzayo kwaze kwaba ngiyabajoyina,” kusho kuvuma yena.
“Sengiyakwazi ukutshela ontanga yethu ukuba bayeke izinto ezizokuba yingozi empilweni yabo.”
Lesi sikhungo sinamakilasi okudansa, awe-basketball kanjalo nezifundo zekhomphyutha kodwa ngeshwa asihloleli iHIV.
“Maduze nje sizokwethula uhlelo lokuba ogogo kube yibo abadala ukuxhumana phakathi kwabantu abadala nezingane zabo,” kusho uMatlape.
Kuyacaca kusazothatha emikhulu imizamo ukuba bakwazi ukukhombisa iSA ukuthi imikhankaso yabo yokuqwashisa ngesifo se-HIV/AIDS iyasebenza.[z]
BONA ZULU – August 2007
Bafundisa intsha ukuba ithande impilo
Uhlelo lwabo lwentsha lokuqwashisa nge-HIV/AIDS, abanye bathi lukhuthaza ukungaziphathi kahle ngokocansi. Kodwa le nhlangano ezimele icabanga ngokwehlukile…
Ama-groundbreakers nezimpintshi zithokozela umdlalo webhola.
Abantu abasha besesikhungweni sentsha sabe-loveLife i-Y-Centre e-Orange Farm, eningizimu yeGoli.
BONA ZULU – August 2007
UGrace Matlape, oyi-deputy CEO yakwa-loveLife.
