zulu.1209.motoring
Imoto enhle!
EZEZIMOTO
Inkulu iyabiza, kanti lapha eSA kumanje iHummer H3 yimoto enesithunzi - nokuyindlela yokukhombisa umuntu wonke ukuthi - sekufike abakhulu
KULIQINISO ukuthi labo abathanda ukugqama, lena iyona moto abayithandayo - kodwa futhi izinto eziningi esizizwayo ezishiwo ngeHummer azilona iqiniso. Siyakusiza ukuze ukwazi ukwehlukanisa iqiniso emangeni.
Make sibheke usayizi, abanye bathi iHummer inkulu ekuhambeni emigwaqweni.
Lokhu akusilo iqiniso. I-Hummer inkulu kodwa i-H3, eyenziwa ePort Elizabeth, ayinkulu njengaleyo engu-ngqo yezempi yakwelaseMelika neH2.
Empeleni iH3 yakwaGeneral Motors incanyana kuneLand Rover Discovery ibe ncane kakhulu kuneMercedes-Benz GL neML series, iToyota Land Cruiser, i-Audi Q7, iJeep Grand Cherokee neRange Rover ukubala nje ezimbalwa.
Iwudla kanjani iHummer uphethiloli? Impendulo ilele kusayizi wephakethe lakho. Ngokujwayelekile iH3 ingadla ngaphansi kwamalitha angu-15 ebangeni elingu 100km.
Kodwa amanye ama-4X4 amakhulu akhona asebenzisa amalitha angu-25 ebangeni elingu-100km nokuyinani eliphindeke kabili kunalelo leHummer.
Njengoba sichazile ukuthi uma ungeke umelane nophethiloli, kuyacaca ngeke uyimele nemoto.
Injani ekubizeni? Nakuba bebaningi abayithandayo, kodwa imali yayo engu-“R1 million” ivele ibaqede amandla. Kodwa iqiniso wukuthi iHummer ayibizi kakhulu. Iningi lethu lididanisa iHummer H3 kunenkudlwana futhi ebizayo iH2 okuyimoto engakaze ilethwe ngokusemthethweni eSA.
I-H3 idayisa phakathi kuka-R393 000 noR480 000, (nokuncika ekutheni singakanani isaphulelo ongasithola). Ibiza njengama-4X4 – kodwa futhi ibiza kancane kunezimoto eziningi.
ESIKUPHAWULILE
Make sikutshele ngesikuthandile nesingakuthandanga ngeHummer H3.
ý U-gearbox
Uma siqala ngokungekuhle singathi, u-gearbox oyi-four-speed automatic ngeke usisebenzele thina. Igiya eliphezulu liphakeme kakhulu kanti elesithathu liphansi kakhulu - ngakhoke imoto izwakala sengathi isegiyeni elingafanele njalo. Eyi-five noma six-speed auto gearbox ingangcono.
ý Injini
Injini yeHummer engu-five-cylinder 3,7 litre ayinawo amandla amakhulu kodwa ingaye ifinyelele ku-100km ngehora cishe esikhathini esingu-10,5 seconds. Ijubane layo eliphezulu lingu-156km ngehora.
þ Ukubukeka kwayo
Yinhle impela, yenziwe ngekhwalithi ephezulu kanti nomsindo wokuduma uphansi awuyizwa noma isihamba endaweni evulekile. Inazo zonke izinto ongazicabanga - i-aircon, ABS brakes, airbags, sound system, izihlalo ezisebenza ngogesi, izibuko ezisebenza ngogesi ne-traction control.
þ Iyabambelela
Uma unesifiso sokuyizwa ezintabeni zase-Eastern Cape noma KwaZulu-Natal kulapho uzobona ukuthi iyabambelela emgwaqweni. Ukuma kwayo ngaphambili kuchaza ukuthi ama-bumper ayo ngeke athinte phansi ezintabeni eziphakeme.
þ Ukubukeka
Ngisho ngabe ungayimela noma cha, iHummer ngenye yezimoto ezinhle engakhombisi nje kuphela ukuthi “usufike qathatha”, kodwa futhi iluphawu olukhombisa ukuthi usendleleni ebange esicongweni sempumelelo.[z]
Indaba: Gavin Foster
Uma ungeke ukwazi ukume-lana nophe-thiloli, ngeke umelane nemoto
INDLELA...
Yoku-booster imoto
Thola kuqala ukuthi yini ebulale ibhethri yakho. Uma kwenzekile futhi washiya amalambu ekhanya, kungenzeka yehlelwe amandla. Uma kungenjalo, bheka amanzi ukuthi akwi-level efanele yini. Uma ephansi, agcwalise - namanzi ompompi angakusiza uma engekho lawo ebhethri.
Uma kwenzeka ibhethri iklayekile ivuza, ungalokothi uyidumise ngokuxhuma izintambo - thenga ibhethri entsha.
Uku-booster imoto:
1. Paka enye imoto isondele nebhethri kweyakho. Izimoto mazingathintani. Qiniseka ukuthi ama-ignition ezimoto zombili acishiwe namagiya aku-neutral. Cisha zonke izinto ngaphakathi.
2. Xhuma intambo ebomvu ku-positive (+) ebhethrini yemoto engadumi olunye uhlangothi uluxhume ku-positive wenye ibhethri.
3. Xhuma intambo emnyama ku-negative webhethri (-) kwenye ibhethri. Olunye uhlangothi luxhume endaweni eyinsimbi emotweni. (Lokhu kuzonciphisa amathuba okuba kugqamuke umlilo ebhethrini.) Gudluka ngasendaweni enophethiloli, ungabhemi, qiniseka ukuthi izintambo azithintani.
4. Dumisa injini yenye imoto uyiyeke idume imizuzu embalwa. Bheka ukuthi i-hooter yemoto yakho iyasebenza yini.
5. Dumisa injini yemoto yakho (okuyimoto enebhethri efile).
6. Khanyisa wonke ama-lights nama-indicators ukuze kugwemeke umlilo lapho usuzikhipha izintambo.
7. Khipha zonke izinto ngendlela obuzixhume ngayo.
▲Ukunciphisa amathuba omlilo, i-negative cable kufanele uyifake enjinini kunokuyixhuma kwi-negative yebhethri efile.
