zulu.1203.freeforyou
Imititilizo
6 AMAHAMPA
20 AMAHAMPA
Ama-lollipops ezingane
Yilwa nokungcola
Nakuba kungekho okusha ebesesike sakuzwa ngeMr Min kule minyaka edlule, isibuyile kanti ayigcini ngokutholakala ngephunga elisapetshisi nje kuphela kodwa isiyatholakala nangezinye izinhlobo ezimbili: i-Almond Wood Polish neSandalwood Wood Polish.
Le mikhiqizo emisha ine-beeswax yoqobo ne-wood oil eyenzelwe ukondla nokuvikela ifenisha yokhuni. Lo pholishi uthakwe nangokuvikela ipulangwe emanzini.
Bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona emini, emhlane we-postcard ukuze uthole ihampa yeMr Min eyodwa kwayisithupha ebiza R500 iyinye uyithumele kuleli kheli: BONA/Mr Min Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060.
Bonke omama bayawugada ushukela osekudleni kwezingane zabo kanti ngenxa yaleso sizathu abakwaHealthpops banochunge lwama-lollipop amane angenashukela, anempilo alungele izingane.
Yilawa:
•Ama-healthpops, ane-calorie encane kunaleyo ekushukela nakahle kwabanesifo sikashukela nabantu abagade isisindo sabo;
•Ama-vitapops, akhuthaza izingane ukuba zithole okunama-vitamin;
•Ama-flupops, axosha umkhuhlane kanye
•Nama-bushpops, i-antioxidant ethakwe ngeRooibos.
Abafundi abangu-20 bazothola ihampa enama-lollipop ebiza u-R150. Bhala igama lakho, ikheli, nenombolo yocingo otholakala kuyona emini, emhlane we-postcard uyithumele kuleli kheli: BONA/Healthpops Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060.
BONA ZULU – December 2005
Ungawungenela futhi lo mncintiswano nge-cellphone. Bhala uBONA, shiya isikhala, bhala uFREE, ubhale igama lomtitilizo owufunayo (MR MIN, noma REVLON, noma HEALTHPOPS, noma LIFEGAIN) uthumele ku-34110. Ungawungenela kaningi ngokuthanda kwakho. I-SMS ngayinye ibiza u-R2.
Zizwe unokuzethemba ngalo Khisimusi
AbakwaRevlon bakholwa wukuthi akekho umuntu ongakudingi ukuphathwa ntofontofo ikakhulu ngesikhathi sikaKhisimusi.
UBONA uphisana ngamahampa eRevlon ayisithupha aneziqholo zabesimame zeWhimsical nezabesilisa zohlobo lwe-DE1 okubiza uR588.
Ukuze uthole eyakho, bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona emini, emhlane we-postcard uyithumele kuleli kheli: BONA/Revlon Whimsical/DE1 Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060.[z]
6 AMAHAMPA
12 AMAHAMPA
Lekelela amasosha omzimba wakho
I-Lifegain yimpushana enama-protein ethakwe ngama-vitamin nama-mineral angu-24 nama-amino acids angu-21. Isiza umzimba ukuze umelane nezifo eziyingozi ngokuvuselela amasosha omzimba yehlise nokukhandleka komzimba nengqondo.
I-Aspalathox+ iyi-super-immune-boosting antioxidant esiza umzimba ukuze ulwe namagciwane nezifo.
UBONA uphisana ngamahampa angu-12 abiza u-R270 iyinye. Bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona emini emhlane we-postcard uyithumele kuleli kheli: BONA/Lifegain/Aspalathox+ Giveaway, Private Bag X1030, Lyttelton, 0140.
Usuku lokuvala:
30 December 2005
Izipho zika-
R12 700
