zulu.1195.yourworld_knowall
UMALUME UTHI UNOMNGANI OWAVUKA ESEMPUNGA EKHANDA. KUNGENZEKA NGEMPELA LOKHO?
Lebo Maseko, Vosloorus
Ukahle kakhulu ngoba awuzikholwa zonke izinto ozizwayo. Lo mbuzo ubuzwa emhlabeni wonke kanti impendulo ithi cha lokho ngeke kwenzeka. Izinwele ziba mhlophe uma ama-cells akhiqiza umbala wezinwele ojwayelekile eyeka ukusebenza ngenxa yokukhula. Kodwa ukukhandleka kwengqondo nomzimba kungasheshe kuwugugise umzimba.
Nokugundwa kwezinwele njalo kungenza usheshe ube mpunga kanti yingakho nje abantu besheshe babe mpunga kunangeminyaka yo-1970.
Okusho ukuthi ukugundwa kwezinwele kuhlangene nokugqilazeka kwemizwa futhi kwandisa amathuba okuthi izinwele zisheshe zibe mhlophe kubukeke sengathi ulale wavuka sezimhlophe.
NgiTHANDA IMIKHIQIZO YAKWA-Nokia, Diesel, Converse - KANYE NE-Gucci NE-Beemer . . . NGABE YIMUPHI UMKHIQIZO OPHUMA PHAMBILI EMHLABENI?
Jabu Dlamini, Diepkloof
Siyabonga ngombuzo wakho ntokazi yemikhiqizo ephambili! Indlela owubuka ngayo umkhiqizo ophambili incike ekutheni usuke ukubekile yini engqondweni ukubaluleka kwenkampani ewenzayo, ukubaluleka komkhiqizo odayiswayo, isibalo somkhiqizo othengisiwe noma umkhiqizo othandwayo. Ukwenza isibonelo, ngokocwaningo uBONA yiphephabhuku elithandwayo eSA.
Emhlabeni jikelele umkhiqizo obaluleke nobiza kakhulu kunayo yonke yi-Google ye-Internet ebiza cishe R800 billion.
Uma ungowesimame ozithandayo izinto, ngiyazi une-cellphone ene-Internet. Pho kungani ungajoyini abezokuxhumana? Vakashela ku-www.worldtopbrands.com
IMIBUZO YAKHO
Ngabe kukhona into oke uzibuze ukuthi yenzeka kanjani, kuphi noma nini? Nakhu lapho uzothola
khona izimpendulo ngemibuzo ekuqwashisa nasebusuku ulele
KUKHONA UMLISA OSEKHULILE NGEMINYAKA ENGIMGAQELE OGAMA LAKHE NGU-Sexton. UMNGANI WAMI UTHI IGAMA LAKHE LIYANYANISWA NOKUFA! KUNGENZEKA KANJANI LOKHO NGOBA MUHLE?
Katlego Mashatile, Thokoza
Umngani wakho uqinisile Katlego! Igama elithi Sexton lichaza umuntu oqashwe njengomqaphi wesonto namangcwaba alelo sonto. Kusho ukuthi uvame ukumba amangcwaba, ashaye insimbi yesonto enze nokunye.
Ungazibuza ukuthi umuntu bamqambelani igama elinje. Kodwa ngesikhathi izikole zisaphoqa izingane ukuba zibe namagama esiNgisi, leli gama lalizwakala kahle.
ezosaziwayo
ISIPHO SOKUVALA IGEBE
Ngaphambi kokuba u-Oprah adume wake wasukela umculi u-Aretha Franklin wamtshela ukuthi walahlwa. U-Aretha wabuyela emotweni yakhe ende eyutshumo wanika u-Oprah u-R800. U-Oprah wayiqeda leyo mali ngokuhlala ehhotela.
IQINISO
Emhlabeni igolide elisolwandle liphindaphindeke ngokungaphezulu kuka-200 kunelimbiwa ezimayini.
BUZA KITHINA Ngabe unombuzo kaMiss Know-all? Bhalela ekhelini elithi Miss Know-all, Box 32083, Mobeni, 4060.
