zulu.1172.legal
Ungakuzami ngokwakho lokhu!
INKINGA
Nginebhizinisi lokuvuselela izimoto. Umsebenzi wami une-guarantee yenyanga eyodwa. Ezinyangeni ezine emva kokukhanda imoto endala yekhasimende, kwaphuka u-gearbox. Emva kwalokho langiphoqelela ukuba ngikhokhele ukudonswa kwemoto yalo nezindleko zokufakwa kuka-gearbox.
Ngalichazela ukuthi ngizokhanda ibhonethi nesicabha. Angikaze ngiwuthinte u-gearbox ngoba akushiwongo.
Sengithole incwadi yabammeli ethi imoto yalethwa kimina u-gearbox usebenza nokuthi ukungasebenzi kwawo eNamibia kungenxa yami.
Incwadi iphinde ithi ngesikhathi ngiyihlola (test drive), yimi engangizobhekana nanoma yiziphi izindleko zokulimala. Ummeli njengamanje usehlongoza ukungikhiphela amasamanisi.
Ngenzenjani?
MB, Cape Town
ISELULEKO SOFEZELA
Siyabonga ngokusithumelela ikhophi ye-invoice yakho (esikhombisa imininingwane ye-guarantee) yokukhanda, nekhophi yeresidi owalinika ikhasimende iphuma efemini efakela o-gearbox. Ukubekwa kwakho icala kuncike ekutheni, ekukhandeni kwakho kwenzeka iphutha, nokuthi wasebenzisa ama-parts angekho ezingeni ekubeni kwakune-guarantee - waphinde washayela imoto yalimala.
Ngabe yini eyadala ukuba u-gearbox ulimale? Ngabe lokhu akudalwanga wukushayelwa kwayo ngesikhathi ihlolwa ezinyangeni ezine ezedlule ngaphambi kokulimala kwawo?
I-invoice yakho ikubeka kucace ukuthi i-guarantee yomsebenzi wakho yisikhathi senyanga eyodwa. U-gearbox wephuka emva kwezinyanga ezintathu sesiphelile isikhathi sakho se-guarantee - ngabe kungenzeka ukuthi ikhasimende kufanele libambelele kuleyo guarantee?
Ikhasimende kufanele likhombise ukuthi...
wavuma ukukhanda ezinye izinto emotweni yalo mahhala.
nobabili nanikwazi lokho, ekukhandeni uyaqikelela unekhono nokuthi usebenzisa izinto ezifanele ezisezingeni nezingeke ziyilimaze imoto.
wasebenzisa izinto ezingekho ezingeni nokuthi u-gearbox wawubulala ngokwakho ngokungaqikeleli nokushayela kabi.
Uma engaphumelela ukukhombisa ubufakazi balezi zinto angaqhubeka nokukubeka icala ngokulimala mhlawumbe ngokungaqikeleli nokwephula isethembiso.
Sashayela umnini wegalaji okuyilo elenza ukukhanda sabuza ngo-gearbox olimele. Ngabe lokhu kwenzeka kanjani? Ngabe walinyazwa wukushayelwa kwemoto?
Umnini wegalaji wachaza ukuthi ama-ball bearings amabili aku-gearbox ayelimele nokuyinto eyavimbela umshayeli ukuba ashintshe amagiya. Wathi lokhu kungenzeka ngokungakhandeki kahle noma ngokuqhubeka kokusetshenziswa isikhathi eside.
Waphinde wabona ukuthi u-gearbox wawungakaze uvulwe. Ngokwesicelo sethu, wenza isifungo, sokuthi yena njengochwepheshe wathola ukuthi u-gearbox wawususebenze ngaphezu kwamakhilomitha angu-200 000.
Thumela ikhophi ye-affidavit kummeli wakhe nencwadi esikwenzele yona.
Sinethemba lokuthi uma ummeli wakhe efunda konke lokhu, uzotshela ikhasimende lakhe ukuthi alikho lelo cala kanti nokwesatshiswa ngamasamanisi kuzophela.[z]
UTHINI UMTHETHO
ESITHOMBENI KULINGISIWE
UMQONDO OMUHLE
Siyamncoma lo mfundi ngokugcina amakhophi ama-invoice amabili namaresidi. Lokhu yinto okufanele siyenze sonke. Kulesi sikhathi samakhomphyutha, ukusebenza kwamabhizinisi kulula kakhulu kanti futhi kubaluleke ngokumangalisayo.
Njalo cela i-print-out yento ebalulekile. Ungacabangi ukuthi kuphephile uma okubhaliweyo kwakho nokubalulekile kukwi-disk. Ungalokothi uhambise into ebhaliwe ongenayo ikhophi yayo.
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legal Advice, Box 32083, Mobeni, 4060 - ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
Senze yonke imizamo ukuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
BONA ZULU August 2008
