zulu.1158.generations
BONA ZULU - February 2006
Uthini Umthetho
Inomswakama
NgoJanuary 2005 ngathenga indlu kwi-estate agent eyaziwayo. Emva kokuba isibhaliswe ngegama lami, ngathola ukuthi inomswakama ongapheli. Amanzi ayazigelezela ezindongeni agcwale phansi.
Ngabiza inkampani ehlola umswakama ezindlini yangitshela ukuthi sekuneminyaka le ndlu inenkinga yalo mswakama. Owayeyihlola wangikhombisa okwenziwa owayengumniniyo ezama ukugqiba lowo mswakama. Wathi unesiqiniseko sokuthi i-estate agent yangifihlela ngamabomu ukuthi inomswakama.
Kwathi uma ngibikela umakhelwane ngokwenzekile, wahleka wathi naye ubenolwazi ngenkinga yale ndlu kanti akekho umuntu ongazi ngayo.
Ukuyilungisa kuzodla imali engaphezulu kuka-R20 000.
Ngokwami, owangidayisela indlu ne-estate agent abathembekanga kimina ngokungifihlela kwabo ngale nkinga.
Kuyiphutha ukuthi kube yimina engizokhokha izindleko zokulungiswa kwayo. Yini engingayenza"
JW, Joburg
lUmswakama ongapheli kule ndlu uyiphutha elingakagqami kakhulu (latent).
Kodwa kuyicala ukulifihla ngamabomu iphutha eliveli obala uma nithengiselana. Kuseyicala ngisho noma ngabe umthengisi angathi leyo nto wawuyithenga injengoba injalo.
Wena mthengi kufanele ube nobufakazi bokuthi indlu inomswakama ongapheli noma kube khona okuzofakazela okunye kwalokhu okulandelayo...
tUkuthi umthengisi wagcizelela ukuthi indlu ayinankinga noma akuthengisela kona kwakuyikhwalithi.
tUkuthi umthengisi wayengumkhiqizi walokho akuthengisela kona noma wavuma ngokwakhe ukuthi unolwazi olugcwele ngento eyayithengiswa.
tUkuthi umthengisi akaphumelanga obala ngenkinga eyayikhona ayenolwazi lwayo, noma wayenolwazi ngayo kodwa wayilandula.
Iphuzu lokuqala nelesithathu liyangena kule nkinga yakho. Sikholwa wukuthi ungamvulela icala owayengumnini muzi ne-estate agent bakhokhe izindleko zomonakalo odalekile. Kulezo zindleko kuzoba khona ezomthetho nezokulungiswa kwenkinga esendlini. Kuzodingeka bakhokhele nendawo ozobe uqube kuyona okwesikhashana ngesikhathi besalungisa indlu uma kungukuthi ngeke bakwazi ukuyilungisa uhleli kuyona.
Uma usubale imali ezodingeka ngokulungiswa kwayo, babhalele incwadi ebaphoqa ukuba bakhokhe. Kufanele bakhokhe leyo mali zingakapheli izinsuku ezintathu kanti uma bengakhokhi, encwadini ozoyibhala akucace ukuthi bazothola isamanisi.
Uma i-estate agent nowayengumnini muzi bengafuni ukukhokha, kuzodingeka ukuba uthole ummeli ozoludlulisela phambili udaba lwakho.
Sinesiqiniseko sokuthi inkinga yakho izoxazululeka. [z]
Lolu sizo nilwethulelwa uBONA naboPhiko loFezela
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
Sibhalele: Ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060. AbeScorpion bazonika wonke umuntu obhalele le ngosi yomthetho, 'Uthini Umthetho' ivawusha yamahhala yemizuzu engu-30 yokubonana nommeli wabo kwelinye lamahhovisi abo noma baxoxisane ngocingo.
UCAMILLA WALDMAN usebenza kanzima ukwanelisa izigidigidi zababukeli njalo ebusuku phakathi nesonto. Ngonyaka odlule waze wachitha isikhathi nosaziwayo bama-strippers aseGoli nabadansi ecwaninga kabanzi ngendawo yakhe yokuphatha abaqwayizi. Izinzipho zakhe ezinde uzivikela ngamagilavu uma eya ekhaya emva komsebenzi.
"Iwigi emnyama nezinzipho yizona zinto u-Anne aziwa ngazo. Angisebenzisi izinzipho zokuthengwa - ngiyaziyeka zikhule ngoba zingikhumbuza ukuthi u-Anne uphuma kuphi.
"Waqala ngokuqwayiza, wagcina ngokuphatha abaqwayizi endaweni yabezambane likapondo eGoli nokuyilapho kwakuthenga khona osomabhizinisi. "Emva kwalokho wahlangana noTau (Rapulana Seiphemo) waphoqeka ukwephula umthetho wakhe ngokuba ajole ne-client."
U-Anne waqhamuka kanjalo kwiGenerations esikhathini esingangonyaka esedlule. Wathandana noTau, kodwa wamephucwa nguKarabo (Connie Ferguson).
Kusukela ngaleso sikhathi u-Anne wayiyeka eyokuqwayiza waba ngumphathi wabaqwayizi.
Ngisho nabesimame bayamesaba: wangena enkampanini yokushicilela Ezweni ngokuba enze uBusi (Leleti Khumalo) athobele yena, waba ngomunye wabahleli benkampani yephephabhuku.
Kukhulu okuseza no-Anne - njengokuziphindiselela kumfowabo kaBusi uSibusiso 'Ngamla' Dlomo (Menzi Ngubane).
UNgamla nguchwepheshe wobugebengu bezamabhizinisi kodwa akazi ukuthi wacishe wafaka u-Anne ezinkingeni eminyakeni eminingi eyedlule. Kumanje u-Anne uselindele ukuba akhokhelwe.
U-Anne ngumdlali ophambili kuGenerations onyakeni ka-2006, kusho umbhali walo mdlalo uTanya Tiedje.
"Ngendawo yakhe ayidlalayo, kuningi okuzothusa abaningi ngaye okusazovela."
UCamilla uthi imali njengamanje yisona sikhali u-Anne asidingayo ukuze aziphindiselele kuNgamla. "Akesabi lutho. Ungumpetha ekukhohliseni abantu - uye azenze akhange kwabesilisa afune ukuzwelwa ngabesimame abangamsiza."
"U-Anne wenza ama-mask amaningi ukuze aluthe abantu adinga ukubalawula," kusho uCamilla. "Kodwa ngaphansi kwalawo ma-mask kukhona ongowesimame ongenasimilo ohlale ezimisele ukulwisana nanoma ngubani oma phambi kwezifiso zakhe."
Ukudlala indawo yowesimame ongenasimilo yisifiso sanoma wubani kwi-soapie.
IGenerations isiyacasula yathandwa abalandeli abaningi kule minyaka eyedlule ngokungaziphathi kahle kukaNtsiki Lukele (Pam Nomvete), Julia Motene (Xolile Tshabalala) naye u-Anne.
USophie Ndaba, ongomunye wezintandokazi zeGenerations nodlala indawo kaQueen Moroka, baningi abadlali ayenabo abanye asebahamba kule minyaka elishumi eyedlule nokuyinto azi kamhlophe ukuthi bangabantu abasheshayo ukuzwela.
"USophie wangexwayisa ukuthi ngizoba nezinkinga eziningi ngokudlala indawo ka-Anne de Villiers," kusho uCamilla.
Kodwa uthe bahluke kakhulu no-Anne empilweni yangempela. "Anginaso isibindi sokwenza into engasile," esho encokola. "Ikhaya lami, umntanami nomyeni wami kulapho ngithola khona ukuphumula uma sengingasekho emsebenzini.
"Ngingumuntu okhonze ikhaya. Njalo emva komsebenzi ngiphuthuma emndenini wami ngiyobaphekela ukudla kwakusihlwa.
"Udumo emphakathini oludalwa wukuba kulo mdlalo, yinto ejwayelekayo.
"Ngesikhathi ngifika kwiGenerations ngonyaka odlule ngingu-madam ophethe abaqwayizi, abesilisa abadala babengibuza ngokudinwa bethi: 'Uyenzelani lento"'
"Amantombazane amancane ayecela ukuzongisebenzela."[z]
Ufuna ukuziphindisela
Ezocansi, ukulutha abantu nemizamo yokubulala -
u-Anne de Villiers angenza noma yini ukuthola amandla kwiGenerations...
nguDOUG GORDON
BONA ZULU - February 2006
"Iwigi emnyama nezinzipho yizinto aziwa ngazo u-Anne," kusho yena.
Izinzipho namacebo amabi
