zulu.1147.sweets
Ama-dessert ehla esiphundu
Ngisho ngabe o-pudding ngabemicimbi eyisipesheli kodwa umndeni wakho uzofuna impinda yalezi zibiliboco ezimnandi
Caramel Apple Tart
1 x 800g ithini lama-pie apples
2 izipuni (30ml) imajarini
1/2 inkomishi (125ml) ushukela
2 amaqanda
1 inkomishi (250ml) ufulawa
2 ama-teaspoon (10ml) i-baking powder
1/2 inkomishi (125ml) ubisi
1 x 395g ithini likakhondensi
1. Hlela kahle ama-pie apples kwi-pie-dish egcotshiwe.
2. Endishini hlanganisa ndawonye imajarini noshukela kuze kube sakhilimu. Faka amaqanda, elilodwa ngesikhathi ukushayisise.
3. Kwenye indishi sefela ndawonye ufulawa ne-baking powder ufake ubisi.
4. Kufake engxubeni esakhilimu ukushaye kuze kuhlangane kahle.
5. Kubhake kuhhavini oshisiswe ngezinga elingu-180oC imizuzu
engu-30.
6. Epanini shisisa ukhondensi bese uwuthela phezu kwe-tart.
Kubiza: R18,49
BONA ZULU – July 2007
amaresiphi nezindlela zokuhlela ngabeGEMINI FOOD PROMOTIONS
isithombe nguKIM THUNDER
Baked Custard
6 amaqanda
2 ama-teaspoon (10ml) i-vanilla essence
1/3 inkomishi (85ml) i-castor sugar
1 ilitha yobisi olushisayo
i-ground nutmeg
1. Kujeke, phehla ndawonye amaqanda, i-vanilla essence noshukela, ulokhu ufaka ubisi kancane kancane.
2. Kuthele kwi-ovenproof dish egcotshiwe. Kuvuvuzele nge-nutmeg.
3. Kufake endishini yamanzi. Kubhake ungakumbozile kuhhavini oshisiswe ngezinga elingu-180oC imizuzu engu-45 kuze kuqine.
Kubiza: R12,90
Raisin Pudding
Pudding
1 inkomishi (250ml) ufulawa i-self-raising
1/4 inkomishi (60ml) ushukela
ibinzana likasawoti
45g imajarini
1 inkomishi (250ml) ama-raisins
1 ikhasi likalamula eligreythiwe
1/2 inkomishi (125ml)
Usosi
2 izinkomishi (500ml) amanzi abilayo
1 inkomishi (250ml) ushukela onsundu
1/4 inkomishi (60ml) imajarini
1. Endishini sefela ndawonye ufulawa, ushukela nosawoti. Usebenzisa iminwe, khuhlela phakathi imajarini, ingxube ize ifane nezimvuthu zesinkwa.
2. Bondela phakathi ama-raisins nekhasi likalamula. Faka ubisi ukuhlanganise kwakheke inhlama.
3. Kuvuvuzele kahle kwi-ovenproof dish egcotshiwe engu-20cm x 20cm.
4. Usosi. Faka zonke izithako epanini. Kushise kahle kuze kuncibilike imajarini. Kufake ngesipuni phezu kwenhlama ka-pudding.
5. Kubhake kuhhavini oshisiswe ngezinga elingu-180oC imizuzu engu-45-60. Kuseve kushisa nokhilimu, i-custard noma kokubili.
Kubiza: R15,76
Delicious Pudding
Pudding
1 isipuni (15ml) imajarini
1 inkomishi (250ml) ushukela
1 iqanda
1 inkomishi (250ml) ufulawa
1 inkomishi (250ml) ubisi
1 i-teaspoon (5ml) i-bicarbonate of soda
1 i-teaspoon (5ml) u-vinegar
1 isipuni(15ml) i-apricot jam noma i-syrup
Usosi
3/4 inkomishi (185ml) ushukela
1/2 inkomishi (125ml) ubisi
1 i-teaspoon (5ml) i-vanilla essence
1 isipuni (15ml) imajarini
1. Endishini phehla ndawonye imajarini noshukela kuze kube sakhilimu. Faka iqanda ukushayisise. Bondela phakathi ufulawa nobisi.
2. Kujeke hlanganisa ndawonye i-bicarbonate of soda, u-vinegar nojamu. Kufake engxubeni kafulawa.
3. Kuphendulele kwi-ovenproof dish egcotshiwe. Kubhake kuhhavini oshisiswe ngezinga elingu-180oC imizuzu engu-30 kuze kube nsunjwana.
4. Usosi. Epanini hlanganisa ndawonye zonke izithako. Kubilise ukuseve no-pudding oshisayo.
Kubiza: R8,70 [z]
Caramel Apple Tart.
u
BONA ZULU – July 2007
t
Ama-dessert ehla esiphundu
BONA ZULU – July 2007
