zulu.1136.timothy
Impilo yosaziwayo
BONA ZULU – June 2007
“Ngesikhathi ngivuma ukuba ngunkosikazi kaTimothy, ngaphinde ngafunga ukuthi ngizomsiza nasemsebenzini wakhe wokucula,” kusho uSibhekile.
Ngabe isihlabani somculo sisebenzisana kanjani nomkaso ukuDumisa uNkulunkulu…
NGAPHANDLE kukankosikazi wakhe uSibhekile, uTimothy Myeni ucabanga ukuthi umsebenzi wakhe ngabe kade wama. Laba bashadikazi baseSwazini ababhali nje kuphela ngokubambisana izingoma, kodwa futhi bangamalungu e-Ncandweni Christ Ambassadors, okuyiqembu eselimangaze abaningi emculweni woKholo ngokuthengisa amakhophi angaphezu kuka-400 000 amaCD alo.
“Ngesikhathi ngivuma ukuba ngunkosikazi kaTimothy, ngaphinde ngafunga ukuthi ngizomsiza nasemsebenzini wakhe wokucula nami ngibe ngumculi,” kusho uSibhekile.
Empeleni amalungu amathathu omndeni wakwaMyeni acula kuleli qembu eselikhiphe ama-albhamu ayisishiyagalolunye. Udadewabo kaTimothy uThabile Tshabedze ngomunye wabacula phambili.
Uma bengaculi, basuke bezijimela emshinini wokujima.
UTimothy ophinde aziwe ngokuthi wuBambelela kuJesu, ngowesishiyagalolunye emndenini wabantwana abangu-11. Abesilisa yibona abaningi njengoba abesimame bebabili.
UTimothy akazimisele ukulinganisa noma ukwephula “irekhodi” labazali bakhe.
“Iphupho lami wukushintsha izimpilo zenhlalo yabantu baseNcandweni kunokuba ngenze izingane eziningi,” kusho yena.
Yena noSibhekile banezingane ezimbili, uWenziwe (5) noTibusiso (2).
UTimothy wuqweqwe lukathisha we-mathematics nesayensi owancamela ukuzehlukanisa noshoki ne-blackboard ukuze ayokwenza umsebenzi wokuba ngumculi.
Emva kwalokho kwaqhamuka ipolitiki. Udumo aluthola njengomholi weNcandweni Christ Ambassadors lwamenza wavotelwa njengelungu lephalamende kuhulumeni waseSwazini.
“Ngakhethelwa ephalamende ngabantu ngenxa yodumo lwami lomculo ngoba futhi ngangilusizo kubantu baseNcandweni.
“Minyaka yonke senza iphathi senzele ogogo. Iqembu lethu lo mculo woKholo liye libathokozise siphinde sihlabe izinkomo ezine ukunika ogogo ukudla,” kusho uTimothy okunguye ilungu lephalamende elincane kunawo wonke eSwazini njengoba eneminyaka engu-32.
“INcandweni yindawo ekhahlanyezwe wububha nokwenyuka kwezinga lokungaqashwa kwabantu. Ezinye zezindawo kule ndawo azinayo imigwaqo, ugesi noma amanzi.”
UTimothy ungumfundisi futhi webandla iNcandweni Evangelical Church ashumayela kulona njalo ngamasonto. “Abantu abadala bebandla lethu baqaphela isiphiwo sobuholi kimina emva kokwedlula kukababa emhlabeni owayengumfundisi walo leli bandla, babona ukuthi yimi okufanele ngingene ezicathulweni zakhe,” kusho uTim.
Wahlangana noSibhekile ekolishi lokuqeqeshela ubuthisha.
Ukuhlangana kwabo kuhamba kuye kufinyelele ekubambisaneni nasekuhlobiseni ikhaya labo.
“Yimi enginezwi lokugcina ekukhethweni kwemibala. Umyeni wami uyazi ukuthi ngiyawuthanda umbala o-brown noma imibala egqwalile.”
Izindonga ze-living room yabo zihlotshiswe ngemiklomelo yomculo. “Abantu kufanele babone ukuthi sibusisekile,” kusho uSibhekile. [z]
Eminye yemiklomelo yalaba baculi. UTimothy ubhala izingoma ngokubambisana nomkakhe.
Sisekhaya noTimothy Myeni
BONA ZULU – June 2007
indaba nguFORCE KHASHANE
izithombe nguPAPI MOLOI
Le dining room isifanele ngempela isidlo somndeni.
u
t
“Njalo ngonyaka senzela ogogo iphathi.”
BONA ZULU – June 2007
UTimothy noSibhekile nezingane zabo uWenziwe (5) noTibusiso (2).
Kuconsisa amathe! UTimothy ethokozela okumnandi okubhakwe nguSibhekile.
Ibhasi iqembu elihamba ngayo.
