zulu.1128.SaskoJuly
wina imiklomelo ka-R400 000!
NGABE ubeka inhliziyo yakho nomoya wakho ekuphekeni? Ngabe abantu bayabuya bafune impinda? Uma kunjalo, nanti ithuba lakho lokwenza ukubhaka kwakho kukukhulumele uziwinele imiklomelo emangalisayo yenani lika-R400 000 emncintiswaneni oxhaswe iSasko Flour, Ellerines noBONA.
Kunemincintiswano emithathu eyehlukene yazinyanga zonke. Yonke ineziqubulo ezehlukene:
n July – puddings
n August – muffins (sweet and savoury)
n September – quiches.
Indlela yokungenela
Zinyanga zonke thumela iresiphi yakho yesiqubulo saleyo nyanga usebenzisa iSasko Flour, kanye nefomu yokungenela osuyigcwalisile ukuthumele kuleli kheli: BONA/Sasko Bake With Your Soul (July), Box 1127, Rivonia, 2128. Ungangenela inyanga eyodwa noma uzingenele zonke - kukuwena!
Njalo ngenyanga kuzokhethwa oyedwa ofinyelele kumafayineli ekhethwa kweminye imingenelo etholakele. Bonke abahlanu abafinyelele kumafayineli kusukela kuMay, June, July, August noSeptember bayofakwa emncintiswaneni wokupheka ngo-October eSchool of Culinary Art eRandburg lapho beyoncintisana khona ukuze kutholakale oyowina umklomelo omkhulu nabane abayofinyelela kumafayineli.
Imiklomelo yabafinyelele kumafayineli
Oyowina umklomelo omkhulu: Ivawusha yefenisha yakwa-Ellerines ka-R60 000; 5-piece Denver kitchen scheme; 4-in-1 izinto zikagesi (okuyiketela leTedelex, steam iron, double hotplate ne-2-slice sandwich-maker); 26-L Defy microwave oven; Defy Gold 4-plate stove; Defy 240-L double-door fridge; Defy Gold 9,2kg twin-tub umshini wokuwasha; KIC 175-L chest freezer; 8-piece Emerald dinette set; Estia mini kitchen and health griller. Konke okubiza: R83 600.
Owokuqala ofinyelele kumafayineli: Ivawusha yefenisha yakwa-Ellerines ka-R30 000; 26-L Defy microwave oven; Defy Gold 4-plate stove; LG 240-L combi fridge, ne-Defy Gold 9,2kg twin-tub umshini wokuwasha. Konke okubiza: R42 500.
Owesibili ofinyelele kumafayineli: Ivawusha yefenisha yakwa-Ellerines ka-R20 000; Estia mini kitchen and health griller; Fuchs 4-plate stove; LG 240-L combi fridge, ne-4-in-1 izinto zikagesi (okuyiketela leTedelex, steam iron, double hotplate, 2-slice sandwich-maker). Konke okubiza:
R28 600.
Owesithathu ofinyelele kumafayineli: Ivawusha yefenisha yakwa-Ellerines ka-R15 000; KIC 223-L top freezer-fridge ne-Fuchs 4-plate stove. Konke okubiza: R20 600.
Owesine ofinyelele kumafayineli: Ivawusha yefenisha yakwa-Ellerines ka-R12 000; KIC 223-L top freezer fridge. Konke okubiza: R14 900.
KUKHONA OKUNYE ...
Imiklomelo yanyanga zonke
Ukwengeza kwabawine zinyanga zonke badlulela emncintiswaneni wokubhaka nokupheka, abathathu abayofinyelela kumafayineli bayokhethwa njalo ngenyanga ngokwamaresiphi atholakele. Emunye kwabathathu, uzowina:
n July: i-26-L Defy microwave oven.
n August: i-Defy Gold 4-plate stove.
n September: i-240-L LG combi-fridge.
Imiklomelo yabathengi
Bheka izimoto zakwaSasko Flour kulama-shopping centre alandelayo nokuyilapho amaphakethe angu-10 ezimpahla zikagesi, 10 ama-mini kitchen nama-microwave angu-5 kuyimiklomelo ezowinwa: ezitolo zakwaSpar ezikhethiweyo ePort Elizabeth, ezitolo zakwaScore ezikhethiweyo eGauteng, nasezitolo zakwaRhino ezikhethiweyo eThekwini.
BONA ZULU – July 2007
IMITHETHO. 1. Lo mncintiswano uvuleleke kuwo wonke umuntu ngaphandle kwabasebenzi bakwaCaxton nabemindeni yabo, abaxhasi babo nababathuthukisela ukuthengiswa kwemikhiqizo yabo. 2. Isinqumo samajaji singujuqu akuyukuxhunywana kubuzwane ngaso.
3. Imiklomelo ngeke ishintshaniswe ngemali. 4. Kuyokwamukelwa kuphela imingenelo engu-ngqo ethunyelwe ngeposi. 5. Imiklomelo engalandwanga kwaze kwaphela izinyanga eziyisithupha, iyodliwa. 6. Izindleko zokuhamba, ukudla nendawo yokulala - ningahlupheki, bayobhekelelwa labo abahlanu abayohamba bayoncintisana ngokupheka. 7. Chwaneka i-barcode yeSasko emngenelweni wakho. 8. Amajaji ayokhetha obashaye bonke emakhanda nabafinyelele kumafayineli - kulabo abahlanu abayoqhudelana kowokupheka.
BAKE WITH YOUR SOUL (JULY)
Gcwalisa ifomu uyithumele kuleli kheli: BONA/Sasko Bake With Your Soul (July), Box 1127, Rivonia, 2128.
Igama: ....................................................................
Ikheli: .....................................................................
.......................................... Ikhodi:..........................
Ucingo/Cell: ..........................................................
(Siyacela usinike inombolo otholakala kuyona emini)
Umbuzo: Isiphi isitolo sefenisha
esiyingxenye yabaxhasi balo
mncintiswano?
Impendulo: ............................................................
Usuku lokuvala: Umncintiswano kaJuly: 31 July, 2007
BONA ZULU – July 2007
WINA NGE-SMS NOMA
NGOKUVULA I-AKHAWUNTI ENTSHA
Ngisho ngabe awukwazi ukupheka noma ukubhaka, kodwa usengaziwinela imiklomelo emangalisayo. Okufanele ukwenze wukuSMSa igama lenkampani yefenisha exhase lo mncintiswano ku-33455. I-SMS ngayinye izobiza R1,50 noma uthathe iphephabhuku lakho uBONA uhambe nalo lapho uyovula i-akhawunti yakho kwa-Ellerines ukuze igama lakho lifakwe kowokutonyulelwa inhlanhla.
Zinyanga zonke kuzokhethwa abane bemingenelo yamaSMS nabathathu abavule ama-akhawunti amasha kwa-Ellerines. Owinile ngamunye uzothola:
n July: i-26-L Defy microwave oven noma i-240-L Defy double-door fridge.
n August: i-Defy Gold 4-plate stove noma i-4-in-1 izimpahla zikagesi (okuyiketela leTedelex, steam iron, double hotplate ne-2-slice sandwich-maker).
n September: i-LG 240-L combi fridge noma i-Estia mini kitchen with health griller.[z]
CHWANEKA I-BARCODE YE-SASKO FLOUR
