zulu.110.rain making
Sisezweni leNdlovukazi yeMvula
Intukuthelo yamadlozi
indaba nezithombe nguNGWAKO WAGA MODJADJI
UMGWAQO ongamakhilomitha angu-5 obheke ezintabeni zaseBalobedu uya eKhethakoni, indawo enesiGodlo sasebuKhosini bakwaModjadji. Sekuphele iminyaka engu-200 iziNdlovukazi zeMvula zesizwe sabaBalobedu zenza imicimbi yokucela imvula kule ndawo.
Njengoba isizwe samaZulu sasivame ukuhlushwa yisomiso, kuthiwa iNkosi uShaka yayibuye iyokhonza esizweni sabaBalobedu ukuze kuthokoze amadlozi emvula.
Izintaba zaseKhethakoni zivame ukuba nenkungu kodwa ngosuku okwakuyocelwa ngalo imvula kwakungenankungu zibonakala kahle izindlu ezakhiwe ngodaka nezitini zesizwe sabaBalobedu.
Kule ndawo kuhlale kuphithizela abantu benza imisebenzi yabo yansuku zonke. Ubabona beme kolayini abade bekha amanzi empompini nokuyinkomba yokuthi amanzi abaluleke ngempela kulesi sifunda.
Ngo-October, kwenziwa umcimbi wokucela imvula.
Abadala nabancane batheleka ngobuningi babo bezobukela abemindeni emihlanu yesizwe sasebukhosini bakwaModjadji - abakwaMathekga, Masopha, Morwatshehla, Mmapeule nabakwaModjadji - bezocela imvula emadlozini abo.
Kodwa izinto zazithanda ukwehluka kancane kulo nyaka. Umcimbi wawuphethwe umuntu wesilisa.
Amahewu
Umntwana uMpapatla wathela amahewu agaywa ekhaya abizwa nge "mophapo," kwi "Thokoleng" (indawo engcwele) ngesikhathi ekhuluma namadlozi.
Lawa mahewu aphuziswa uMokgadi, inkunzi yenkomo emnyama eyaqanjwa ngelungu lomndeni wasebukhosini.
Imophapo yabuye yaphuzwa amanye amalungu omndeni ukuze kwelashwe izifo babe nenhlanhla.
Emva kwalokho kwadliwa inyama kwaphuzwa utshwala obugaywe ekhaya imbongi yabongela inkosi.
Kwakulindeleke ukuba line ezinsukwini ezimbalwa...
"Imvula iyisibusiso esizweni sethu," kusho uJones Modjadji, oyilungu loMkhandlu woBukhosi bakwaModjadji. "Sikholelwa emandleni amadlozi kanti sikholwa wukuthi axhumana nathi ngomcimbi wokucela imvula.
"Yithina kuphela esinamandla okucela imvula emadlozini."
Uphondo
Okumqoka kakhulu uma kwenziwa lo mcimbi wukuphathwa kophondo olwaqala ukuphathwa ekuqaleni kweminyaka yo-1800 aboMndeni wasebuKhosini bakwaModjadji.
Maduze nje abomndeni wakwaMokoto, abayizihlobo zakwaModjadji baveza olunye udaba ngesikhathi bethi yibona ababusa aBalobedu Ba ha Modjadji.
Babuye bathi uphondo olusetshenziswa abakwaModjadji uma kucelwa imvula ngolwabo ngoba balunikwa okhokho babo kanti esikhathini esedlule aboMndeni wasebuKhosini bakwaModjadji kwakufanele baqale baxhumane nabakwaMokoto ngaphambi kokuba benze lo mcimbi.
Ngabe yileso sizathu esenza ukuba imvula ingani manje"
Kunjalo, emva kokukhothama kweNdlovukazi yeMvula uMakobo Caroline Modjadji VI, abantu babecabanga ukuthi kusazothatha isikhathi ukuthi amadlozi ababusise ngemvula.
"Kade lagcina ukuna kanti senginokungabaza ukuthi le ndaba yemvula namadlozi iliqiniso," kusho uJoe Shoroma, esamfica e-tavern ngosuku lomcimbi.
Inganekwane
U-Joe uneminyaka engu-29 kanti ubalwa esizukulwaneni sama-cellphone, amaDVD ne-hip-hop. Uyakwazi nokubaluleka kokusetshenziswa kwamakhondomu njengoba kunombhedukazwe we-AIDS.
Le ndaba yokucela imvula akayizwa kahle kanti uyifanisa nezinganekwane ezazibhalwa ezincwadini ezazifundwa e-primary ezazikhuluma ngamazimuzimu nezintulo.
Kodwa ngisho nabantu abadala abanjengoDerrick Mmapeule oneminyaka engu-82 abasayithembi kahle eyokuthi abesizwe saBalobedu basenamandla okunisa imvula.
"Esikhathini esedlule lalina kakhulu," kusho yena amehlo akhe ewaphonsa ezintabeni.
"Angazi noma sisazoba nayo yini leyo nhlanhla. Phambilini sasiba nomcimbi emva kwalokho izulu line. Kodwa ngiyafisa ukwazi ukuthi lisayophinda line yini""
Amazwi akhe azwakalisa uvalo lwesizwe sonke kanti ithimba lakwaBONA laze layifulathela leya ndawo kungenaphawu lokuthi lingase line. [z]
BONA ZULU - December 2007
Kwahlangana abozalo lomndeni wasebukhosini esigodlweni bezocela imvula emadlozini kodwa imvula yangabonakala. Ngabe abesizwe sabaBalobedu abasenawo amandla okunisa imvula"
Umcimbi wokucela imvula waqala ukwenziwa ngeminyaka yo-1800.
NGENHLA: INdlovukazi yeMvula eseyakhothama, uMakobo Caroline Modjadji VI.
PHEZULU: Amahewu agaywa ekhaya abizwa nge "mophapo," athelwa kwi "Thokoleng" (indawo engcwele).
BONA ZULU - December 2007
