zulu.1079.Cup of Nations
Kubuhlungu...
Ukudlala kwethu kwi-African Nations Cup sekusiphendule ihlaya - ngabe abaphathi bebhola bakuleli sikhona isifundo abasifundile" Iyiphi indlela eya phambili njengoba u-2010 ususeduze"
Vuka South Africa!
BONA ZULU - April 2006
UKWEHLULWA kweBafana Bafana cishe kuvuse abaningi ngomqhudelwano wakamumva we-African Nations Cup obubanjelwe kwelaseGibhithe nokuyilapho amazwe asenyakatho yezwe lase-Africa kuyiwo agcina ethokozile kunalawo aseningizimu.
I-South Africa 'yaqopha umlando' kulo mqhudelwano ngokubuyela ekhaya iphuma e-Alexandria lapho kwakubanjelwe khona lo mqhudelwano ithwele inguzunga yeqanda ingenalo nelokubika ekhaya iphoyinti nokuyinto eyayiqala ngqa ukwenzeka.
Kuzokhumbuleka ukuthi eminyakeni engu-10 eyedlule iSouth Africa yawina lo mqhudelwano weNations Cup ekubeni yayiqala ukungena kuwo.
Kusukela ngaleso sikhathi selehle kakhulu izinga layo kangangoba kulo nyaka sibe enkulu inhlekisa.
Kulokhu into eyagqama bha kwaba wukungabi nalo ulwazi ngezinga lebhola lamazwe omhlaba kukaTed Dumitru. Ngesikhathi eya eGibhithe wayeqhosha ethi 'abafana' bakhe bangakwazi ukuwina indebe yakwelase-Africa, kodwa kwathi lapho bebuya bangamukelwa ngezandla ezinhle.
Iqembu lesizwe kuyaqala ukuba likeliswe libe ngunombolo 50 emazweni omhlaba njengoba kwenzekile - nokuyinto ekhathaza abaningi njengoba sibheke emidlalweni yeNdebe yoMhlaba ka-2010.
Abaphathi bebhola babhekene nengcindezi yokuthola umqeqeshi omusha ozokwakha iBafana ukuze ikwazi ukubhekana nezingqungqulu zomhlaba emidlalweni yeNdebe yoMhlaba khona lapha ekhaya.
Abanye benza kahle kakhulu
Ukwenyuka kwezinga lalo mqhudelwano weNations Cup obubanjelwe eGibhithe, kuwenze waba nesithunzi esihle uma uqhathaniswa neminye yalo mqhudelwano esiyake yadlalelwa.
Kukhombise okukhulu ukukhula kwebhola lase-Africa.
Igalelo labadlali abadlala emazweni aphesheya lidlale enkulu indima emaqenjini abo kangangoba iningi lamaqembu lalihleleke kahle kakhulu kusukela emidlalweni yokulungiselela lo mqhudelwano kanjalo nasemidlalweni yawo uqobo.
Izwe laseGibhithe laqopha umlando njengoba le ndebe yalo mqhudelwano seliyiwine kahlanu.
Ngokwenza njalo, selibe yizwe lesithathu eminyakeni eyishumi edlule ukuwina le ndebe ezweni layo.
Emdlalweni wefayineli, iGibhithe yehlula iCote d'Ivoire sekushaywa amaphenathi - nokwase sekungokwesithathu kumafayineli amane okugcina kushaywa amaphenathi ukuze kubonakale inkunzi yakwelase-Africa.
Bakwazi ukumelana nokungabikho konyazi lomdlali wabo u-Ahmed 'Mido' Hossam kumafayineli emva kokuba lo mdlali akhuluma kabi ngolaka kumqeqeshi wakhe uHassan Shehata ngesikhathi emkhipha kuma-semi final bedlala neSenegal.
Izwe laseGibhithe lafaka amagoli amaningi ukwedlula wonke amanye kulo mqhudelwano kanti futhi laliqine kakhulu kubadlali basemumva.
Ubuqhawe bukanozinti u-Essam Al Hadari, hhayi nje kuphela sekukhahlelwa amaphenathi kumafayineli kodwa kuyo yonke imidlalo eyisithupha eyadlalwa yiGibhithe kulo mqhudelwano, yibo obadalela leli lizwe impumelelo.
Bazuza lukhulu futhi ngesenzo sikaDidier Drogba kumafayineli nakwesikanompempe waseCameroon uRaphael Evehe kuma-semi-final nokuyilapho iSenegal yenqatshelwa iphenathi ngasemaphethelweni omdlalo owawinwa yiGibhithe ngo-2-1.
UDrogba owaba nesikhulu isandla ekutheni iCote d'Ivoire ifinyelele kumafayineli wageja iphenathi ngenxa yokwethuka ngaleyo ndlela lehlulwa kanjalo izwe lakhe.
Iqembu laseCote d'Ivoire lokhu kwalisiza kakhulu njengoba kwaba yilo kuphela elafinyelela kuleli zinga kwiNations Cup phakathi kwamahlanu azomela i-Africa emqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba ozoba kulo nyaka.
I-South Africa yona"
Ukuqophisana ngamabhonasi nokuzithethelela ngokungasitholi isikhathi sokuzilungiselela ngesinye sezizathu ezanikwa ngokungaphumeleli kweBafana.
Ukwehlulwa kweBafana kwaba yinto eshesha kakhulu ngoba yehlulwa zibekwa.
I-South Africa yilona lizwe eladlala kulo mqhudelwano likhombisa ngokusobala ukuthi isipiliyoni sasingekho - kodwa futhi ukufakwa kwabadlali abayisikhombisa ababengakaze badlale kwiBafana kuchaza ngokusobala ukuthi sasingekho ndawo.
Ukushintshashintsha komqeqeshi abadlali kwaphetha ngokuba ekugcineni afake abadlali abangazange baziqeqeshe naye kodwa ababa nenhlanhla badlala kahle emdlalweni wokuzilungiselela bedlala nepiki yePSL eThekwini.
Okunye okwethusa wukuqokwa komdlali wasemumva uPierre Issa okwase kuphele izinyanga eziyisithupha engadlali ekilabhini yakhe kanjalo nokukhishwa kuka-Aaron Mokoena.
Cishe wonke amazwe angu-15 ayedlala eGibhithe afika nezikimu zawo eziqinile kulo mqhudelwano owawusudlalelwa okuka-25 njengoba kwakukhona nezihlabani ezifana noSamuel Eto'o, Didier Drogba noStephen Appiah.
Amakhono abo asheshe agqama bakhombisa futhi ukuthi kulo mqhudelwano kufanele noma ngubani azinikele - nokuyinto iBafana Bafana engazange iyenze. [z]
indaba nguMARK GLEESON
KWESIKHULU: Singoshampeni... izwe laseGibhithe lithokozela ukuwina.
NGEZANSI KWESOBUNXELE: Umbuzo... ngabe uDumitru nguye okufanele agxekwe ngokungadlali kahle kweBafana"
NGENHLA: Wageja kungafanele neze uDidier Drogba (kwesobunxele) "wasiza" iGibhithe yaba ngoshampeni ngokwehlulwa kwakhe yiphenathi.
NGEZANSI KWESOKUDLA: UFerdinand Coly weSenegal bebanga ibhola nokapteni waseGhana uStephen Appiah.
BONA ZULU - April 2006
