zulu.1077.teens
Sihlale sihlehlisa izinto okufanele sizenze ngoba sithi, ikusasa lisekhona. Uma into ethile okufanele siyenze sesiyiyeke isikhathi eside, akube kusaba lula ukuba siyenze. Nazi izindlela esingasinda ngazo kulokhu kwenqena okungagcina kusidalele ukukhathazeka
EZABASHA
Indlela yokwenza izinto
UYAWAZI umuzwa wakho. Konke kuqala kahle. Uthisha unitshela ngomsebenzi okufanele niwenze - kodwa kukhona labo ababona kungcono bawuzibe ngoba bethi isikhathi sisekhona.
Kunalabo abakwazi ukuziba into bakhohlwe iyona. Kwabaningi lokhu yinto ehlale ikhona. Isikhathi esisichithayo asithokozisi ngoba sizibona sinecala.
Siye sizicabange njengabantu abangamavila ngoba sehluleka wukuqala okufanele sikwenze.
Ngoba siphatheka ngale ndlela, kuba nzima kakhulu ukuqala - noma ukuqeda - lowo msebenzi.
Nazi izindlela zokwehlukana nokwenqena:
STEP 1: Azi indlela yokwenza
Uma sidla siyazi ukuthi kukhona okufanele singakudli. Lokhu kuyefana nalokhu: uma sizimisele ngokuba siqede umsebenzi wethu kukhona ezinye izindlela noma imicabango okudingeka ukuba siyigweme. Zibuze lokhu okulandelayo:
Ngabe ngishaya sengathi ngikholwa wukuthi umsebenzi uzophela uma ngingawunaki?
Ngabe ngicabanga ukuthi mncane umsebenzi okufanele wenziwe, noma mhlawumbe ngicabanga kakhulu ngawo? (Ukwenza isibonelo: ake sithi usuyasiqonda isihloko, ngakhoke asisekho isidingo sokutadishela isivivinyo kusasa.)
Ngabe ngiyazikhohlisa ngokwenza izinto ezifana nokukilina ekamelweni lami esikhundleni sokutadisha?
Ngabe ngicabanga ukuthi ukubambezeleka okuncane yizinto ezingasho lutho? (Ukwenza isibonelo: ukukubeka eceleni ukubhala i-essay ukuze uzibukele iTV. Iqiniso wukuthi noma ungachitha isikhathi esingakanani ubukana neTV, i-essay ikulindele ukuba uyiqede.)
Ngabe ngigxila engxenyeni eyodwa yomsebenzi? (Lapha kulapho uchitha khona amahora amaningi uhlobisa ubhale umsebenzi wakho noma uphinde ubhale i-paragraph ye-essay yakho kodwa hhayi ukubhekana nengxenye yomsebenzi.)
Uma sikuqonda ukuthi sizikhohlisa kanjani, kuzokuba lula ukugwema le migoqo. Lokhu ungakuqala ngokuba ungakwenzi okungafanele. Ungazitsheli ukuthi umsebenzi uzophela uma uwuziba ungawenzi ngoba uyohlale ukugqolozele.
STEP 2: Thembeka kuwena
Uma uzimisele ngokuchitha isikhathi esincane noma ukwenza imizamo emsebenzini othile, kufanele uqale ngokukuvuma lokho - ungavumeli umuzwa wokuzisola uphazamise lokho okholelwa kukhona.
Ukwenza isibonelo, uma lolo hlelo lomsebenzi lungasho lutho, kungayinto enhle ukugxila kwezinye izifundo.
Ngakolunye uhlangothi kungenzeka ukuthi kukhona isifundo esikuzabalazisayo. Lokhu kuchaza ukuthi kungakuhle ukuba uchithe isikhathi esiningi sakho kulesi sifundo.
Khumbula: UFat Charlie uthi thembeka! Lokhu akukuniki ithuba lokuba uwubukele phansi umsebenzi onzima.
STEP 3: Hlela kahle
Azi kabanzi ukuthi yini edingekayo kuwena bese uyabona ukuthi yini okufanele uyenze ukuze uqede lowo msebenzi. Olunye usizo:
Uhlukanise. Umsebenzi wonke kungabukeka ungelula, kodwa ukuwuhlukanisa izigaba ezincane kuzowenza wenzeke kalula.
Lapho usuwuhlukanisile, zinike isikhathi sokuwuqeda.
Ungazikhohlisi uthi ungenza omkhulu ngaphezu kwamandla.
Umvuzo nokuphumula. Qiniseka ukuthi uzinika isikhathi sokuphumula. Lokhu kuzokunika isikhathi sokuba uthokozele ukuphumelela kwakho, ngeke ulokhu uba nexhala lesazela sokungawenzi umsebenzi.
Azi imiqathanga. Bheka izinto ezingama endleleni yakho kwesizishilo. Azi nalapho uzikhohlisa ngokwakho.
Khombisa ukucabanga. Ukuzidinelwa kungakwenza ungabi nenhliziyo yokwenza umsebenzi wakho. Eminye imisebenzi ingathatha isikhathi esifushane kunalesi obusilindele, ngakhoke kuzodingeka uhlele kabusha i-timetable yakho.
Okokugcina
Ukuzisola. Ukuzimisela. Ukunengeka. Sikhulumile ngomuzwa owuzwayo lapho ulokhu uyeka into okufanele uyenze. Ngabe unakho ukujabula lapho wazi ukuthi kukhona okufanele ukwenze kodwa ongakwenzanga? Awuboni kungakwenzela ukujabula ukwenza umsebenzi wakho ofanele kuqala?[z]
