zulu.1060.bread
ONGAKWENZA
NGESINKWA!
MELBA TOAST WITH CURRIED TUNA MAYONNAISE
* 1/2 isinkwa esidala, qoba izingcezu ezingu-3mm
* 1 x 185g ithini i-tuna, ecwengiwe
* 1/2 inkomishi (125ml) i-mayonnaise
* 1 i-teaspoon (5ml) u-curry powder
* 1 u-lettuce
* 1 inkomishi (250ml) ushizi iCheddar egreythiwe
1. Yenza uthosi nge-toaster noma ubeke izingcezu zesinkwa ethreyini lokubhaka usithose nge-griller.
2. Endishini, hlanganisa i-tuna, i-mayonnaise no-curry powder.
3. Sebenzisa othosi abambalwa esemishini ngalinye wenze ama-layer ehlukene weleke u-lettuce, i-tuna i-mayonnaise noshizi. (njengasesithombeni)
Kwanela: 4
UKUBEKWA KWESINKWA
1. Bheka usuku okufanele lushaye sesidayiswe ngalo uma usithenga.
2. Goqa isinkwa nge-clingwrap noma i-waxwrap. Lokhu kwenza ukuthi singomi futhi singadonsi amanye amaphunga.
3. Isinkwa esine-crust eqinile akufanele sigoqwe. Ukusigoqa kuthambisa i-crust. Isinkwa esine-crust eqinile sisheshe sonakale kanti kuhle usisebenzise ngosuku osithenge ngalo.
4. Beka isinkwa endaweni ephole kahle, kude nohhavini nezinto ezishisayo.
5. Uma ugcina isinkwa isikhathi esingaphezu kosuku, sifake kwi-freezer. Sikhiphe amakhaza ungasiqaqanga into osisonge ngayo.
6. Yenza u-toast ngesinkwa esidala.
OKUMNANDI
Yenza ukudla noma ama-snack amnandi ngalawa masemishi okulula ukuwenza...
CHICKEN SALAD ROLLS
* 4 i-chicken breast engenamathambo
* 2 izipuni (30ml) uwoyela
* 1/4 inkomishi (60ml)
  i-mustard
* 1 isigaxa ugaligi ogxotshiwe
* 1 isipuni (15ml) ushukela
* 1 isipuni (15ml) i-mayonnaise
* 4 ama-bread rolls
* 1 utamatisi oyizingcezu
* 4 amahlamvu ka-lettuce
1. Gcoba inkukhu ngowoyela, thosa epanini kuvuthwe. Beka eceleni upholise.
2. Endishini, hlanganisa i-mustard, ugaligi, ushukela ne-mayonnaise.
3. Sika ama-rolls phakathi ufake u-lettuce, utamatisi ne-chicken breast. ufake i-dressing.
Kwanela: 4
BACON AND BANANA OPEN SANDWICH
* 1 isipuni (15ml) imajarini
* 1 ubhanana oyizingcezu
* 2 ama-teaspoon (10ml) ushukela
* 2 izipuni (30ml) i-peanut butter
* 2 izingcezu uthosi
* 4 imicu ubhekeni othosiwe
* 1 i-teaspoon (5ml) i-syrup
1. Epanini kwimajarini thosa ubhanana ufake noshukela.
2. Gcoba i-peanut butter kuthosi, ufake ubhekeni nobhanana. Faka i-syrup ngaphezulu.
Kwanela: 4
POLONY AND CHEESE EGG TOAST
* 4 izingcezu isinkwa esimhlophe
* 4 izingcezu u-polony
* 4 izingcezu ushizi
* 2 amaqanda
* 1/4 inkomishi (60ml) ubisi
* 2 izipuni (30ml) imajarini
1. Sebenzisa ummese, uvule isikhala ocezwini ngalunye lwesinkwa.
2. Faka u-polony noshizi ezikhaleni.
3. Endishini, hlanganisa amaqanda nobisi. Cwilisa isinkwa kule ngxube.
4. Epanini, shisa imajarini uthose isinkwa nhlangothi zombili sibe nsundu ngokusagolide.
Kwanela: 4[z]
Amaresiphi nezindlela zokuhlela:
Gemini Food Promotions
Izithombe: Kim Thunder
