zulu.1054.yourworld_flashback
UMHLABA WAKHO
Amahlebezi ngezihlabani
►UJulius wahlonipha uChomee ngoku-mculela u “mshini wam”.
Izihlabani zethu azideli wubumnandi, nathi asideli wukuniphakela konke ezikwenzayo. UNtokozo Maseko wakwaBONA uyasibikela
Ukukhishwa kwemiklomelo yomculo wesintu
Kulo nyaka wacishe wonakala umcimbi wamaSATMA owawubanjelwe e-ICC eThekwini ngenxa yokuhlelwa kwawo kabi (noma sithi ukungahleleki kwawo). Abezindaba nezinye izimenywa babentantiswa bengenandawo yokuhlala. Okwakhanga kulo mcimbi kwaba abaculi ababevunule beconsa.
◄Umculi wakwaXhosa uCamagwini evunule isiNdebele.
◄U-Arthur noKhanyi “I’m back” Mbau sebexolelene emva kokuxatshaniswa wukungathembeki kukaKhanyi.
HAPPY BIRTHDAY CHOMEE
U-Chomee waqala ukuba sematheni esemncane kakhulu kanti kubonakala sengathi usazoqhubeka ngalelo giya aqala ngalo. Le ntokazi yagubha usuku lwayo lokuzalwa ihlanganisa iminyaka engu-23 emcimbini owawubanjelwe eTokyo Sky Club eFourways. U-Arthur Mafokate wayeculisa izihlabani ezazibuthene kulo mcimbi iculo lokuhalalisela uChomee owayengazibekile phansi eshaya imidanso adume ngayo. “Ngesikhathi abasebenza kwi-999 bebuza ukuthi ngifunani ngosuku lwami lokuzalwa ngacela ukucula ngoba yikona engikwazi kangcono!”
◄Wayemuhle kule ngubo uHlengiwe Nkosi weSes’khona.
▲U-HHP (nodadewabo u-Ayandsa Tsambo) wazizwa ehloniphekile ngokuqokwa komucu wakhe othi Ra di Busa kwiBest Vernacular Hip-Hop Song.
◄Umklomelo kaDJ womculo wesintu ovelele wathathwa nguKhathide Ngobe noNgizwe Mchunu boKhozi FM.
▲UTshedi wayegqoke okwasekhempini ngempela.
►Izinsizwa zeKwela Tebza ezingasali emaphathini zanika usomahlaya uDavid Kau ulwazi ashoda ngalo.
Sisekhempini noTshedi
Ukucelwa kwabantu ukuba bagqoke ngendlela ethile uma kunamaphathi eGoli kuvame ukuba yingozi ngoba akekho ogqoka njengoba kushiwo. U-Tshedi Mholo weMalaika owayebukeka emusha ungeke usho ukuthi uneminyaka engu-33, wathumela izimemo zosuku lokuzalwa kwakhe zinemibandela yendlela yokugqoka - ngempela kwaba njalo. I-Club Neh yaphenduka inkundla yokuzingela yagcwala amatende, izimenywa zigqoke imibala yasendle. Abanye babecula behalalisela u ‘singaye’.[z]
▲Iwutha-thaphi lo mdlandla i-3SUM?
▲ UThabiso Mokheti weGenerations noGabriel Tembudzani noSindi Dlathu beMuvhango.
◄Umama wesizwe uMaNtuli eshaye imvunulo enokwaseSwazini.
Izithombe: Oupa Bopape (Chomee/Tshedi)
Solomon Mashakeni (SATMA)
