zulu.1053.BEC events
Indawo: E-Pyramid ku-96 Eloff Street Extension eGoli
Usuku: uLwesine 11 May 2006
Isikhathi: Fikani ngo-6 ntambama ukuze siqale ngo-6.30.
Imali: R30 umuntu (kukhokhwa emnyango)
Eyokudla ibaliwe. Umuntu uyozithengela ngokwakhe e-bar.
SHAYELA KULE NOMBOLO UKUZE UBHUKE:
011-883-8829
UBUSIKA sebufikile, iyiphi indlela engcono ukwedlula ukuzakhela imali ngokudayisa obhulankethi?
Amalungu eBONA Club ngabanye babantu abanenhlanhla abangazisungulela amabhizinisi bazenzele imali ngokuthengisa obhulankethi be-Aranda. Ungabathenga babe baningi ngesaphulelo bese ubadayisa uzitholele inzuzo.
Imiklomelo yeProudly South African Homegrown
LE MIKLOMELO okumanje isingena onyakeni wesibili ikhuthaza izinkampani ezikhiqiza imikhiqizo yakuleli ezivelele ngaphansi kweProudly South African.
Ngenxa yokubambisana phakathi kwabeProudly South African, i-Department of Trade and Industry neWesBank, le miklomelo iqhakambisa igalelo lamaSMEs nezinye izinhlangano ekufezeni izinhloso zabeProudly South African.
I-Proudly South African yethulwa ngo-2001 ngokubambisana kukahulumeni, abezamabhizinisi, abezezimboni zemisebenzi ngenhloso yokukhuthaza ukuthengwa kwemikhiqizo yakuleli ukuze kusimame umnotho kuvuleke namathuba emisebenzi.
Le miklomelo inemikhakha eyahlukene kubandakanya izinhlangano (ezinabasebenzi abangu-1-150) nezinkulu (ezinabasebenzi abangaphezu kuka-150).
Imikhakha imi kanje:
PSA Company of the Year; PSA Product of the Year; PSA Service of the Year; PSA Innovator of the Year; PSA Exporter of the Year, nowePSA Bridge-Builder of the Year.
Ukuze uthole olunye ulwazi ngomkhankaso wabeProudly South African neProudly South African Homegrown Awards, vakashela ku:
www.proudlysa.co.za noma ushayele kule nombolo
011-327-7778.
Izikhulumi
BONA ZULU – June 2006
UPinky Dibeng noChad Ramagofu bakwaSAICOM South Africa
Oyosithokozisa nguMzet
USIZO lomsebenzi omuhle lungakutholela cishe amakhasimende amasha amane, ekubeni uma umsebenzi wakho ungawenzi ngokugculisayo, ungalahlekelwa amakhasimende cishe ayisishiyagalombili. Ebhizinisini ukuzinikela kuchaza lokhu:
Izeluleko zokunakekela amakhasimende zeMageu Number 1
MC: Joyce Skefu
n Thatha isikhathi sakho ungawujahi
umsebenzi.
n Hlola umsebenzi wakho zikhathi zonke.
n Phatha amakhasimende ngendlela nawe
ongathanda ukuphathwa ngayo.
n Qedela umsebenzi wakho ngokuyikho.
n Ziqhenye ngomsebenzi wakho.
n Feza izethembiso zakho.
n Thembeka.
n Enza okungaphezu kowakuthembisa.
Taste the Soul of Africa... Taste success with Mageu Number 1
I-forum yakule nyanga izobanjelwa eGoli
Ingqikithi: Ukuxhumana ongakumela ngabeSAICOM South Africa
SOUTH AFRICANS HAVE NO BUSINESS BEING POOR!
UMzet
UPinky Dibeng
QALA IBHIZINISI NGABAKWA-ARANDA
Odinga ukuba ukwenze:
1. Hambela ama-forum noma ama-workshop abeBONA Empowerment Club.
2. Thola imininingwane yebhizinisi lakho nefomu yoku oda emicimbini yethu kulo nyaka.
3. Qala uzitholele amakhasimende, uxhumane nabantu ongabathengisela. Ungadayisa emphakathini, kuma-spaza shop noma ezikoleni.
Qhubeka ufunde uBONA ukuze uthole kabanzi ngebhizinisi lobhulankethi bakwa-Aranda nangama-workshop eBONA Empowerment Club kulo nyaka.
U BONA nabeSAICOM Payphones bazobe bene-empowerment forum ezokwaziwa ngokuthi “Ukuxhumana ongakumela ngabeSAICOM South Africa”. Lapha kuyogxilwa ekufundiseni ngozisungulela ibhizinisi locingo emphakathini wangakini. AbakwaSAICOM bazonikhombisa ukuthi anganisiza kanjani amabhizinisi enu nemindeni yenu nomphakathi imbala.
U-SAICOM uhamba phambili kwezezingcingo zamaGSM kanti uyakudilivela futhi. Le nkampani ikholelwa kubantu kunasekwenzeni inzuzo kanti futhi izibophezele ekusebenzisaneni namakhasimende azimisele ngokuphumelela kwezamabhizinisi.
AMAKHASIMENDE akwaSAICOM kuningi azokuhlomula ngokuzisungulela amabhizinisi. Uhlelo lwalokho lulula kakhulu: awekho amakontileka (contracts), kunezindlela ezilula zokukhokha, ayikho imibandela yokusebenza kwakho kanti kukhona nocingo lukazwelonke elingakusiza.
U-SAICOM ungenye yezinkampani ezidlondlobala ngokushesha eSA kanti usuhlomulise izinkulungwane zabantu bakuleli. Qiniseka ukuthi nawe uzitholela indawo namuhla!
USHUKELA we-Illovo ugcina abantu bakuleli benomdlandla kanti uyatholakala ucolisekile (omhlophe) noma ungacolisekile ) o-brown).
O-brown noma ongacolisekile, uwushukela ngokwendalo. Awugqunyisiwe, awufakwanga izithako zemibala. Lo shukela ulungele ukubhaka nokwenza iziphuzo ezishisayo kanti yiwo osetshenziswa abahluzi botshwala uma benza utshwala besintu KwaZulu-Natal.
Ushukela o-brown ufakwe ezikhwameni ezinhle zikapulasitiki ezitholakala ngo-500g no-1kg.
Uchunge locolisekile lubanzi kakhulu - kusukela ezikhwameni ezincane ezingu-250g kuya kwezinkulu ezingu-12,5kg ezihambisana naleso esijwayelekile esingu-2,5kg. Ezindaweni eziningi, yizo lezi zikhwanyana ze-Illovo ezihamba phambili kubathengi.
Ngakhoke bheka izikhwama eziluhlaza nezimhlophe esuphamakethe eseduze nawe. Everybody loves Illovo!
BONA ZULU – June 2006
BAKE AND COOK FOR PROFIT WORKSHOP JOHANNESBURG
Ingqikithi: Ibhizinisi lezobunjiniyela: izindlela ezehlukene zokwenza inzuzo.
Isikhulumi: Rebecca Masinga
Usuku: ULwesihlanu 12 May 2006.
Indawo: E-Pyramid, ku-96 Eloff Street Extension eGoli
Isikhathi: 9 ekuseni kuya emini
Imali: R10 umuntu (kukhokhwa emnyango)
Eyokudla ibaliwe.
UKUZE UBHUKE, SHAYELA KULE NOMBOLO: 011-883-8829 NGESIKHATHI ZOMSEBENZI
