zulu.1052.yourworld_overseas
Omama abashisayo
O-sisters abamnyama nezingane zabo
▲JADA
UWill Smith noJada Pinkett bafanelene kakhulu. Bahle, banethalente kanti futhi bangabantu abathembekile kubona bobabili - nasezifungweni zabo zomshado. Lokho kubenza babe yizihlabani zaseHollywood ezehlukile.
Ngaphezu kwalokho, izingane zabo uJaden (11) noWillow (9) zibukeka zihamba ezinyathelweni zabazali bazo ngobuhle nangokubukeka.
Lapha uJada unoWillow owayedlala kwi-I Am Legend nobaba wakhe.
IZIHLABANI ZAPHESHEYA
OMAMA ABASHISAYO
▲HOLLY
UHolly Robinson Peete usaziwa ngendawo ayidlala kwiHangin’ With Mr Cooper. NgoJune 10, 1995 washada noRodney Peete ongumdlali we-American Football.
Lapha unendodakazi yakhe uRyan nendodana uRodney Jr (owazalwa ngomhlaka 19 October 1997). URodney eneminyaka emithathu, kwatholakala ukuthi unokukhubazeka. UHolly nomyeni wakhe kusukela lapho bakha inhlangano okuthiwa yi-HollyRod okuhloswe ngayo ukwenza ngcono izimpilo zezingane emhlabeni ezikhungethwe yizimo ezinzima empilweni.
◄MEL B
Ngaphandle kokungabaza lona ngumama obedlula bonke. UMelanie Brown odume ngokuthi nguMel B usanda kuthinteka ehlazweni. Wayethinteka odabeni lokuthandana no-Eddie Murphy nokuludaba olwalandelwa kakhulu ngabamaphepha.
Kwabikwa ukuthi emizimbeni yabo babenama-tatoo ayebhalwe amagama abo - elomunye komunye. Le ntokazi kwabikwa ukuthi yayizoshada nalo mdlali wamafilimi. Emva kwalokho bahlukana, uMel wakhulelwa.
“Asazike ukuthi ngekabani ngempela leyo ngane kuze kube iyazalwa kuhlolwa negazi,” kusho u-Eddie.
Kwathi ngo-April 3, 2007 wazalwa u-Angel Iris Murphy Brown nokwaqondana futhi nosuku lokuzalwa luka-Eddie. Ukuhlolwa kwakhomba ukuthi u-Eddie nguye ubaba.
◄MICHELLE
Uma kukhulunywa nomuntu ophethe isitayela, sikhuluma ngo-Michelle Obama – esimbona nendodakazi uSasha (8) wavotelwa waba ngomunye kwi-“25 Most Inspiring Women” eyavotelwa yiphephabhuku i-Essence ngo-May 2006.
Abefeshini bakholwa wukuthi leFirst lady yokuqala emnyama eMelika izoletha ubuhle bezefeshini eWhite House.
Ungumuntu okhonze izingubo zakhe kunalezo azinikwa ngabasiki bengqephu yefeshini.
UBarack noMichelle bayizibonelo ezinhle kubazali abaningi noma kuphi. Ngaphambi kokugcotshwa, uMongameli Obama washicilela incwadi evulelekile eyibhekise kumadodakazi akhe, echaza ukuthi yini ayifunayo kuwona nezinye izingane: “uma nikhula ngaphandle kwemibandela emaphusheni enu, akukho eningeke nikunqobe, niyokhula nibe ngabesimame abawusizo nabazinikele emhlabeni.”
◄ANGELA
U-Angela Bassett ngumdlali wezithombe owaqokelwa umklomelo wama-Oscar ngendawo ayeyidlala elingisa uTina Turner efilimini ethi What’s Love Got To Do With It, washada nomdlali wezithombe uCourtney B Vance ngo-1997. Emva kweminyaka ezama ukuthola umntwana, kwadinga ukuba athole izikhuthazi. Umphumela walokho kwaba wukuzalwa kwamawele uSlater Josiah noBronwyn Golden abazalwa ngoJanuary 27, 2006.
▼GARCELLE
UGarcelle Beauvois ngumkhangisi osengumdlali wezithombe. Ngo-2008 wethula iPetit Bijou okuluchunge lobucwebe bezingane.Leli gama lichaza ukuthi “ubucwebe obuhle obuncane” kanti olwezingane zeminyaka engu-4 - 16. “Ukufuna ubucwebe obuqondene nabo kuyingxenye yendalo nokuzibonakalisa ngokwesitayela somuntu ngamunye,” kusho uGarcelle esimbona lapha nendodakazi
u-Oliver.
▲WHITNEY
UWhitney Houston kungenzeka abe yizinto zonke kulezi zinsuku, kodwa akasiso isibonelo esihle endodakazini yakhe - okunamahlebezi okuthi yake yazama ukugwaza umama wayo ngesikhathi benenkulumo-mpikiswano yazama nokuzibulala iseneminyaka engu-15.
Ukuzibandakanya kwalo mculi nezidakamizwa kwaba wudaba lwawo wonke amaphepha. Abaningi bagxeka yena kunomyeni wakhe ongumculi weR&B uBobby Brown.
Akekho owaphoqa le ntokazi ukuhlala nomyeni wayo uBobby noma ishiye phansi emculweni.
UWhitney akasiye umama oyisibonelo esihle. UBobbi Kristina Houston Brown indodakazi yabo okumanje uneminyaka engu-19 usekwedlulisile okubi okwenzeka esikhathini esedlule.[z]
OMAMA ABANGEBAHLE
