zulu.1049.letterjun
SIBHALELE...
izincwadi
Ewine R100
Isizathu esifile
SIHLALE sizwa ukuthi izigebengu zenza ubugebengu ngenxa yokuswela umsebenzi. Nakuba ngazi ukuthi baningi abantu abangasebenzi kuleli lizwe, lesi yisizathu ESIFILE!!!
Uma bonke abantu abampofu beba yizigebengu, umhlaba ungaphenduka isihogo!
Ubuphofu abenzi ukuba abantu babe yizigebengu.
Cabanga nje ukuthi kubuhlungu kangakanani kubantu abazama ngawo wonke amandla ukuziphilisa uma bezwa izigebengu zibeka izaba ezifana nalesi.
Abantu abahamba ngezimoto ezibizayo nabahlala ezindlini ezinhle basebenza kanzima ukuze babe nalezo zinto.
Uma bakwazi ukwenza lokho, nami ngingakwenza!
Yilokho engizitshela kona.
Impumelelo uyithola ngokufunda usebenze ngokuzikhandla.
Masiyeke ukubeka izaba ezingasho lutho.
Abaphila ngobugebengu bangamavila, abayeke ukucasha ngobuphofu.
Phillistus Phetla, Rustenburg
Zwakalisa uvo lwakho: • bhalela kuleli kheli: Letters to the Editor,
Box 32083, Mobeni, 4060, South Africa• i-fax: 031-912-2720
• i-e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
Izingane zethu
Masivikele izingane zethu uma sifuna ukuthi ikusasa leSouth Africa libe lihle.
Ngiyamdabukela owesilisa noma owesimame ohlukumeza ingane. “Ingane yakho yingane yami kanti eyami ngeyakho” – kufanele kuhambe kanjalo kanti kubi ukungathathi zinyathelo uma ubona ingane yakwamakhelwane ihlukumezeka.
Bonke abantu kumele basukume bayisize ingane esuke isengozini.
Amalungelo ezingane ngamalungelo esintu. Usuke ungemsulwa uma ubukela ingane ihlukunyezwa.
Izingane masizinike uthando ukuze zisitshele kalula uma zihlukunyezwa.
Zokwana Papikie, Mogoto
Hlala wedwa
Kungcono uhlale wedwa kunokuhlala nabantu abangalungile.
Kuyiqiniso ukuthi ugcina usukwenza okwenziwa abantu ozwana nabo.
Unawo amandla okukhetha indlela ofuna ukuhamba ngayo. Ungavumi ukudukiswa abantu ozwana nabo, yenza owaziyo ukuthi kuhle.
Khetha abangani abaziphethe kahle abazokusiza ukuze uhlale uphila impilo ehlelekile.
Lebogang Mpudi, Kwa-Xuma
BONA ZULU – June 2007
Ungasebenzisa igama obhala ngalo kodwa usinike futhi elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo lokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
u
KU-BONA OLANDELAYO
I-exercise book likaBONA lamahhala!
t
izincwadi
Funda ukubhajetha!
UKUBHAJETHA akulula kodwa kuyindlela yokufeza izinjongo zakho kwezezimali.
Okokuqala okufanele ukuqonde wukwazi umehluko phakathi kokudingayo nokufunayo.
Ezintweni ozidingayo empilweni kukhona ukudla, ugesi namanzi. Ezintweni ozifunayo kukhona izinto ezinjengeDVD player.
Yonga imali ukuze ube namandla okuthenga lezo zinto ozifunayo ngaphandle kokungena ezikweletini.
MK, Dinokana
Ngabe isimo sibi?
Umhlaba uyashintsha. Imisebenzi ayikho, indlala ne-AIDS kubulala amathemba ethu, isimo sibukeka simuncu kakhulu kunakuqala.
Kodwa mhlawumbe akufanele silahle ithemba.
Noma yisiphi isinyathelo esingasithatha ukuze silungise isimo singenza omkhulu umehluko.
Uma sifunda ukwenza izinto ezinomqondo singakwazi ukulwa nalolu sizi olungaka esibhekene nalo.
Kukhona abantu abangazihluphi ngokuzikhandla empilweni, kube khona labo abasebenza kanzima bezikhandla.
Abangazikhandli yilabo abayizehluleki, ekubeni abazikhandlayo yibo abaphumelelayo.
Uma ngiqhuba kahle ezifundweni ngizicabangela ngakwezothando, ngisuke ngizakhela ikusasa elisha.
Uma ngiyeka ukusola uhulumeni nabazali bami ngokungahambi kahle kwezinto empilweni yami, ngizoba nephupho lokuthi ngelinye ilanga ngiyoqasha abantu kunokufuna ukuqashwa.
Uma ngiziphatha kahle, ngiyosiza abagulayo kunokusabalalisa izifo.
Uma ngizicabangela, ngiyoba ngubaba okhaliphile.
Asiqale namuhla!
Sipho Thokozani Madonsela
BONA ZULU – June 2007
Angu-80 percent amathuba okuba ingane ekhulele eSA iboshwe kunokuthi iye enyuvesi. Ngisho nezingane ezineminyaka engu-10 seziyizigebengu.
Yikhaya elingasiza ekunqandeni lokhu.
Abazali mabasize izingane zabo kusukela zizelwe ukuze ziphile impilo ehlelekile.
Izingane zenza ezikubona kithina.
Yithina esizihlahlela indlela. Ukukhulela ekhaya elinemfundiso kuzinika amandla okwenza okufanele empilweni.
Asikhombise izingane zethu ikusasa elingenazidakamizwa, elingenamaqembu ezigelekeqe nelingenamajele.
Asizisize ukuze zibe wutho kusasa.
Mzuvukile Maya, PE
Mazibe nekusasa
ITHIMBA LABABHALI
BONA WEBSITE
http://www.bona.co.za
JOHANNESBURG
Caxton House, 368 Jan Smuts Ave,
Craighall, Johannesburg, 2001
Ucingo: 011-889-0600;
Fax: 011-889-0792
UMhleli: Force Khashane
e-mail: forcek@caxton.co.za
Intatheli: Teddy Gomba
IHHOVISI ELIKHULU (DURBAN)
19-21 Joyner Road, Prospecton
Box 32083, Mobeni, 4060
Ucingo: 031-910-5745;
Fax: 031-912-2720
e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
UMhleli Owengamele: Lorna King
IPhini loMhleli: Patricia McCracken
Zulu: Manqoba Dlamini (uMhleli);
Zanele Mbatha
Sesotho: Lerato Zulu (uMhleli);
Moeketsi Letsohla
Xhosa: Dumisani Ntshentshe (uMhleli);
Ntombikhona Kwebulana
UMhleli Ohluzayo: Marie Gurr
UMqondisi wezoBuciko:
Jozia Lorek
Abahlela izithombe:
Jenny Weideman;
Clive Thompson; Kyle Young
UNobhala: Phindile Mkhize
IMenenja yezokuthuthukisa:
Christine Marot
Ucingo: 031-910-5723
ADVERTISING
JOHANNESBURG
368 Jan Smuts Avenue, Craighall, 2196
Ucingo: 011-293-6000 Fax: 011-789-9656
DURBAN
19-21 Joyner Rd, Prospecton, 4110
Ucingo: 031-910-5700 Fax: 031-902-8829
CAPE TOWN
Caxton Magazines, 36 Old Mill Rd, Ndabeni, 7405
Ucingo: 021-530-6270 Fax: 021-531-3795
DISTRIBUTION
RNA
12 Nobel Street, Industria, 2093
Box 101, Maraisburg, 1700
Ucingo: 011-248-3500 Fax: 011-474-3575
SUBSCRIPTIONS
Box 725, Maraisburg, 1700
Ucingo: 011-473-8700 Fax: 011-474-5479
