zulu.103.fashion_NEW
Yomdanso
Okunezimbali kusesitayeleni kuleli hlobo. Kukhona izingubo ezinhle ongakhetha kuzona nezitayela ezingakufanela.
Khetha ezinezimbali ezinkulu ukuze ugqame kahle, noma ukhethe ezinezimbali ezincane.
U-Chomee uzokukhombisa ukuthi intombazane kumele igqoke kanjani kuleli hlobo (ukudalulela nokunye ongakwazi ngaye)
Indaba nguPatricia McCracken
BONA ZULU November 2008
IFESHINI YESIHLABANI
Indlovukazi
Ingubo
e-purple
Ingubo e-purple enezimbali nezintambo emqaleni (R149,90), Meltz.
U-CHOMMEE (igama lakhe langempela nguThulisile Madihlaba) wayeneminyaka eyisishiyagalombili eqala ukudansela u-Arthur Mafokate kanti wake wabonakala nezingqalabutho ezinjengoBrenda Fassie noLebo Mathosa. Manje usekhiphe i-albhamu yakhe yesine ethi Queen Of Dance.
“Ngineminyaka engu-10 ngisemculweni. Kule mboni awukwazi ukubambelela entweni eyodwa. Kufanele ukhule wenze okwehlukile,” kusho yena.
Wayemuhle ezothe kahle kubonakala ukuthi kuyamthokozisa ukwenza into ayikhonze kakhulu empilweni yakhe ngesikhathi sithwebula izithombe zefeshini epaki yaseJozi.
“Konje ngagcina nini ukugqoka ingubo?” kusho kubuza yena. “Ngizizwa ngingowesimame ophelele kulezi zingubo. Ngiyazithanda!
“Ngithanda nemibala yazo. Ngizozithengela ezami!”
Ezimpahleni zakhe zokugqoka kukhona ama-short, ama-vest, ama-sandals namakepisi. Uyazithanda nezinto ezicwebezelayo.
Wafika egqoke i-short yakhe ngosuku esasizomthwebula ngalo, ehlobe ngomgexo onesiphambano sedayimane, ibhande elinamadayimane kanye nochunge lwama-boots akhe amahle. “Ngihlose
ukuba ngumculi ophuma phambili. Ngilinde usuku lokubhukwa kwekhonsathi lami lapho ngiyobe ngingesiyo ingxenye yabaculi abazocula – ngifuna ukufana noMadonna,” kusho yena.
Uphezu kwezinhloso zokufeza lelo phupho lakhe ngoba uzimisele ngokuhlala kule mboni… Ngale kokucula ubuye enze izifundo zobuntatheli.
Uyazilolonga azame imidanso emisha masonto
onke kusukela ngo-11 kuye
ku-4, afunde kusukela ngo-6 kuya ku-8.
“Angivamile ukuya emaphathini. Phakathi nesonto ngenza umsebenzi wami wesikole kanti ngempelasonto ngivame ukuba nama-show engizocula kuwona.” kusho yena.
Kuyenzeka abe nama-show amane ngezinsuku ezimbili noma ezintathu ezingxenyeni zezwe ezihlukene.
Kodwa ithuba alitholayo ulisebenzisa ngokuzihlalela ekhaya eSoweto nomama wakhe nezingane zakubo.
Kokunye uthumela abangani amaSMS bahlangane ngempelasonto eMidrand lapho ehlala khona.
NgokukaChomee, uCharlize Theron uyisibonelo esihle uma kukhulunywa ngokusabalalisa ulwazi lwakho entweni oyenzayo.
“U-Charlize waqala ngokudansa kanti into enomdanso phakathi ngiyayiqaphela. Washiya ikhaya lakubo eneminyaka engu-16 kwenzeka izinto ezimbi kuyena,” kusho uChomee.
U-Chomee wamangala uma ethola ukuthi kukhona okunye angakwenza kahle ngaphandle kokudansa…
Wafakwa eqenjini leKaizer Chiefs okudlala kulona izihlabani zabesimame ezinjengoKelly Khumalo noSonia Sedibe.
Abathandi bebhola bathokoza uma bebona izihlabani zikhahlela ibhola. Kodwa okwenzeka wayengakulindele.
“Ngangingazi ukuthi kumnandi kanjena ukufaka igoli lokuqala emdlalweni wokuqala njengoba kwenzeka kimina. [z]
►
Ingubo ehlotshisiwe
Ingubo ende ewusilika (R650), Foschini Collection.
BONA ZULU November 2008
BONA ZULU November 2008
Ingubo eveza
amahlombe
Emnyama nokumhlophe (R360), Truworths.
►
Okuphuzi
Ingubo enombala ophuzi nemifingcizo (R79,99), Jet.
BONA ZULU November 2008
BONA ZULU November 2008
U-Chomee wasikhombisa ezinye
izimpahla
ezikwi-
wardrobe
yakhe
azithandayo...
◄Ipholile inemibala
Ingubo enezimbali ne-sequin (R199,90), Meltz. (Umgexo owomkhangisi.)
►Ubhlu muhle
Ingubo enezimbali ezi-bhlu nezimhlophe kanye nezinkinobho (R199,90), Meltz.
BONA ZULU November 2008
Izithombe zefeshini zangaphandle nguPeter Whitfield;
i-styling: Leana Schoeman; izinwele ne-makeup: Bianca Burns.
Izithombe zasestudiyo ngu- Ivan Naude; izinwele ne-makeup: Faith Seuoe; i-styling: Marina Walsh
▲Ngabe iyini imfihlo kaChomee uma edansa? “Ngilula imisipha yami ngingakangeni esteji,” kusho yena. (Ingubo: Foschini; umgexo: Woolworths; amacici: Ruby In The Dust.)
