zulu.102.health
Ezempilo
BONA ZULU - December 2006
Hlikihla uqede izinhlungu
Uma uphathwa yikhanda, zama lokhu - hlikihla i-peppermint esiphongweni.
Ocwaningweni olwenziwa eMelika kabili ngesonto kulabo bantu abahlushwa yikhanda, u-95 percent wamavolontiya wezwa umehluko ingakapheli imizuzu emibili uyihlikihlile - izinhlungu zaphela engxenyeni yehora.
IQINISO:
Umuntu omdala ukhiqiza u-40 000 litres wamathe empilweni yakhe.
Dlela esitsheni esincane
Ngabe awufuni ukudla kakhulu kulama holidi- Ngokwabacwaningi base-University of Illinois eMelika, sebenzisa izitsha ezincane uma uphaka.
Abakuqaphela kwabakhonze amaphathi wukuthi labo abanikwa izindishi ezinkulu zokudla babewudla bawuphinde kathathu u-ice cream kunababedlela kwezincane! Ngisho nababedla ngezipuni ezinkulu babedla ukudlula ababedla ngezincane.
Beletha ngokwemvelo
Sekusesitayeleni ukucela ukubeletha ngokuHlinzwa - kanti elaseMelika yilona elikwenza kakhulu lokhu ngoba ingane eyodwa kwezintathu ibelethwa ngokuhlinzwa kukamama. Kodwa ngokocwaningo olwenziwe khona, izingane zomama ababeletha ngale ndlela ngaphandle kwesizathu esithinta ezempilo zisengozini yokushona zingakabi nenyanga zizelwe.
Khetha iPink Lady
Uma ukhetha i-apula ongalithenga khetha iStarking noma iPink Lady - i-apula elinekhasi elibomvu linezithako zempilo ezisivikelayo.
Hlala uphilile noPatricia McCracken
Yithi CHA
. . . Uthathe
okhiye bemoto
ubanike ilungu
lomndeni noma umngani ekuseni ngosuku olulandela obuye ngalo ephathini. Ukushayela unebhabhalazi kukhubaza indlela oshayela ngayo kuqede nomdlandla.[z]
Izithelo ziyaqabula
Ukukhohlwa kuba mandla kakhulu kwabadala. Kodwa emva kocwaningo olwenziwe ezigulini ezingu-2 000 eminyakeni engu-10, abacwaningi baseJapan nabaseMelika bathola ukuthi abaphuza ujusi wezithelo noma wama-veg kathathu ngesonto abalengeli engozini yokuba nenkinga yokukhohlwa kunalabo abaphuza ujusi kanye ngesonto. Ngokwabo, imbangela yalokho wukuthi ujusi ukhuthaza ukusebenza kwama-antioxidants emvelo ezithelweni nakuma-veg.
BONA - August 2005
