Izinkonzo (amasevisi) kaMasipala ayisisekelo amahala
Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Isicelo sosizo lwezimali kahulumeni kumasosha
Isicelo somxhaso lwabantu abancikile
Somxhaso lwesondlo sengane
Somxhaso lwengane okungeyona
Sempesheni yabadala
Zokuhlengwa kwabantu abakhubazekile
Imali yosizo kahulumeni ifakelwe kwiakhawunti yoma
Somxhaso wemali zabakhubazeke unomphela
Zomphakathi zonakekelo lwezempilo kwasebegugile
Izinkonzo zokusekela imindeni
Uhlelo lokusiza ngamandla kwabahlukunyeziwe
Osizo lwemali kahulumeni
Ekusebenziseni kabi izidakamizwa
Somxhaso sosizo ngokulandela uhlelo lokwabelwa umh
Ngokudla kwabakusimo esibucayi senhlupheko
Ukubuyisela izimali zosizo lukahulumeni
Ukwenza isicelo futhi sosizo lwemali kahulumeni
Ukuqoka umuntu ukuthi emukele imali
Emali endaweni ehlala izingane
Izinkonzo amasevisi kaMasipala ayisisekelo amahala
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo kubantu
Izinkonzo amasevisi kaMasipala ayisisekelo amahala
Izinkonzo (amasevisi) kaMasipala ayisisekelo amahala
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana
Izincazelo
Amanzi ayisisekelo sokuqala amahhala awumthamo we-6kl (6000l) amanzi ngenyanga kumuzi nomuzi. Lo mthamo ungahluka kumasipala nomasipala, kanti kumele uxhumane nomasipala wakini ngqo ukuthola ulwazi ngokuthi yini isevisi (inkonzo) yamanzi ayisisekelo sokuqala amahhala kumasipala wakini. Kumele ukhokhele amanzi owasebenzisayo angaphezulu komthamo ophakelwa mahhala.
Ugesi oyisisekelo sokuqala wamahhala
Abasebenzisi benqubo yokuthenga ugesi abangakawusebenzisi ebizwa ngokuthi yi-pre-paid electricity meters, bazokwazi ukubona lapho ugesi usuphelile, nakhona kuzodingeka bathene omunye futhi. Abasebenzisi bakagesi abawukhokhela ekupheleni kwenyanga noma labo abasebenzisa inqubo ebizwa ngokuthi ama-credit meters, ngeke bakwazi ukubona lapho sebesebenzise onke amayunithi abo. Basoshajwa (khokhiswa) ukusebenzisa ongaphezulu ekupheleni kwenyanga nenyanga.
Abasebenzisi bakagesi abangenawo ugesi wama-grid energy banganikezwa ugesi ongewona ama-grid enegy ngomasipala babo. Kumele uxhumane nomasipala wakini ukuthola ukuthi ngabe yiyiphi inhlobo yogesi eniwusebenzisayo.
Ukuthola ukuxhunyelwa ugesi namanzi endlini yakho noma endaweni yebhizinisi, xhumana nomasipala wakini, lapho onomuzi khona noma onebhizinisi khona.
Kwezinye izndawo, umphakeli kagesi kazwelonke okungu-ESKOM, uphakela ugesi ngokuqonde ngqo.
Izindlu zangasese zamahhala
Uhulumeni akakaqali ukusebenzisa inqubo yohlelo lwezindlu zangasese zamahhala. Umnyango wezaManzi wenza uhlaka lokunikezelwa kwezindlu zangasese zamahhala. Lapho isu seliphethiwe, ohulumeni bezindawo abanikeza ngezindlu zangasese bazokwazi ukusebenzisa lolu hlelo.
Uhulumeni akakaqali ukusebenzisa inqubo yohlelo lokuchithwa kukadoti lwamahhala. Umnyango wezesimo sendalo nezokuvakasha wenza uhlaka lokuchithwa kukadoti mahhala. Lapho isu seliphethiwe, ohulumeni bezindawo abenza imisebenzi yokuchithwa kukadoti bazokwazi ukusebenzisa lolu hlelo.
Ukukhokhela izinkonzo (amasevisi) kamasipala
Kukhona izindlela ezimbili zokukhokhokhela izinkonzo (amasevisi) kamasipala:
Ukukhokhela ama-akhawunti ngaphambi kokusebenzisa ugesi ukuthenga amayuniti angu (kWh/kl) ngemali yakho kusho ukuthi uzosebenzisa kuphela amayunithi owakhokhele noma owathengile. Lapho ususebenzise onke amayunithi, kanti usadinga amanye, kuzomele uthenge amanye.
Ama-akhawunti othola izitatimende ngemuva kokusebenzisa (billed accounts) asho ukuthi ungasebenzisa noma yimuphi umthamo kagesi namanzi. Umasipala wakini uzokuthumela isitatimende njalo ngenyanga esikhombisa umthamo kagesi noma amanzi owasebenzisile kanye nenani lemali okumele uyikhokhe.
Phezulu
Izinyathelo okumele zilandelwe
Hambisa la madokhumende alandelayo:
o ikhophi eqinisekiswe ngabomthetho kaMazisi wakho (se-ID) yakho o ubufakazi bendawo ohlala kuyo noma lapho okukhona ibhizinisi
Gcwalisa ifomu lesicelo.
Khokhela imali yesicelo ebekiwe.
Phezulu
Umthetho osetshenziswayo
Phezulu
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Ukubonelelwa kwesicelo sakho kuqala ngosuku ofakela ngalo isicelo sakho sokusekelwa kwabantu abahluphekile (ngezinkonzo zesisekelo zamahhala) Isicelo sakho sizohlolwa ebese kwenziwa isinqumo sokuthi ngabe ukufanele yini ukuthola izinkonzo zesisekelo zamahhla (ukusekelwa kwabantu abahluphekile) noma cha. Ngokuya ngokwenqubo kamasipala wakini, uzobhaliswa ngokufaneleka ukuthola izinkonzo zamahhala ngaphansi kohlelo olubizwa ngokuthi yi-Free Basic Services (FBS), ebese unikezwa usekelo olufanele.
Phezulu
Izindleko
Amanzi: Amalithi okuqala angu-6 000 wamalitha kumuzi ngenyanga, atholakala mahhala, kanti amanye amalitha angaphezulu kwalana ayakhokhelwa ngenani elibekwa ngomasipala.
Phezulu
Amafomu okumele agcwaliswe
Amafomu okusekela abantu abahluphekile (awatholakali kwi-inthanethi). Omasipala abaningi banamafomu ezicelo. Buza kumasipala wakini ngohlelo lokusekela abantu abahluphekile.
Phezulu
Indawo nendlela yokuxhumana
Yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka:
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
