Uhlelo lokusiza ngamandla kwabahlukunyeziwe
Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Isicelo sosizo lwezimali kahulumeni kumasosha
Isicelo somxhaso lwabantu abancikile
Somxhaso lwesondlo sengane
Somxhaso lwengane okungeyona
Sempesheni yabadala
Zokuhlengwa kwabantu abakhubazekile
Imali yosizo kahulumeni ifakelwe kwiakhawunti yoma
Somxhaso wemali zabakhubazeke unomphela
Zomphakathi zonakekelo lwezempilo kwasebegugile
Izinkonzo zokusekela imindeni
Uhlelo lokusiza ngamandla kwabahlukunyeziwe
Osizo lwemali kahulumeni
Ekusebenziseni kabi izidakamizwa
Somxhaso sosizo ngokulandela uhlelo lokwabelwa umh
Ngokudla kwabakusimo esibucayi senhlupheko
Ukubuyisela izimali zosizo lukahulumeni
Ukwenza isicelo futhi sosizo lwemali kahulumeni
Ukuqoka umuntu ukuthi emukele imali
Emali endaweni ehlala izingane
Izinkonzo amasevisi kaMasipala ayisisekelo amahala
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo kubantu
Uhlelo lokusiza ngamandla kwabahlukunyeziwe
Uhlelo lokusiza ngamandla kwabahlukunyeziwe
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana
Izincazelo
Uhlelo lwe-Victim Empowerment Programme (VEP) lugqugquzela ukusungulwa kanye nokuxhumanisa izinhlelo nokusebenzisana phakathi kweminyango kahulumeni ehlukene noma kwezinhlelo zemikhakha ehlukene kanye nemigomo yosekelo, ukuvikela kanye nokusiza ngamandla kwabahlukunyezwe wubugebengu nodlame.
I-VEP igxila kakhulu kwabesimame nezingane. Abahlukunyezwe wudlame lwasekhaya abakusimo esiphuthumayo bangahlala endaweni yokukhosela isikhathi esiphakathi kwamaviki amabili nezinyanga eziyisithupha, kuye ngezimo zabo.
Uhlelo lutholakala kwabahlukunyezwe wubugebengu nodlame.
Phezulu
Izinyathelo okumele zilandelwe
Xhumana nanoma yisiphi isikhungo sabahlukunyeziwe (victim support centre), maqondana nendawo yokukhosela yabesimame abahlukunyeziwe kanye nezingane, ukuthola abanikeza ngenkonzo kahulumeni noma izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni zama-NGO, ezibhekene nonakekelo lwabantu abahlukunyezwe wudlame lwasekhaya.
Umeluleki (counsellor) onikeza ngenkonzo yezempilo, ilunga lenkonzo yamaPhoyisa abe-SAPS, noma isikhulu sephoyisa, usonhlalonhle, uthisha, noma omunye umuntu obhekene nezenhlalakahle yabantu abakhalazayo (abahlukunyeziwe) bangena izicelo zomyalelo wokuvikelwa.
Qinisekisa ukuthi lapho umuntu ongeyena ohlukunyeziwe eletha isicelo somyalelo wokuvikelwa, kukhona incwadi yokuvuma ebhalwe ngumenzi wesikhalazo, ehambisana nesicelo.
Alikho ifomu elibekwe lalokhu kuvuma - incwadi ebhalwe ngumkhalazi yokuvuma yenele. Kodwa-ke, kukhona zimo ezithile lapho khona kungeke kwakhonakala ukuthola incwadi yokuvuma, ezifana nokuthi umkhalazi:
ukhubazekile ngokwengqondo uqulekile noma uma inkantolo ineliseka ngokuthi lowo muntu akakwazi ukwenza ukuvuma ngokwakhe noma ukunikeza imvume.
Phezulu
Umthetho osetshenziswayo
Phezulu
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Isikhathi esidingekayo sokulungiselela umyalelo wesivikelo, sihlukile ngokuya ngekantolo nenkantolo kodwa kuncike ngosuko lapho okuyolalelwa khona udaba lomyalelo wokuvikela enkantolo.
Usonhlalonhle kanye nezinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni kumele zenze okulandelayo:
o zisekele abahlukunyezwe wudlame esiteshini samaphoyisa, enkantolo kanye nasezibhedlela, kanye nokusiza umenzi wesicelo ngamandla lapho edinga usizo; kanye o nokunikeza ngolwazi maqondana nenqubo ezolandelwa, amalungelo omuntu okhalazayo, ukuthi uzowuthola kanjani umyalelo wokumvikela kanye nezinye izinto angakhetha kuzo;
Kuwumsebenzi osemahlombe kasonhlalonhle ukwenza okulandelayo:
o ukuthumela ohlukunyeziwe kwezinye izindawo zosizo ezingamsiza, isibonelo, umyalelo wenkantolo, ukuthola ukwelashwa, izinkonzo zokwelulekwa (counselling services), kanye nezinye izindawo zokukhosela;
o ukusiza nge-testimony yobuchwepheshe njengomuntu obhekene nalolu daba owazi zonke izihibe ebudlelwaneni bomndeni;
o ukuba ngumuntu oxhumanisayo enkantolo yomthetho lapho ingane engufakazi khona ngokusebenzisa amasevisi izinkonzo zokuxhumanisa;
o ukusiza ngezinkonzo zokweluleka (counselling service) kumuntu ohlukunyeziwe kanye nakuwo onke amalunga omndeni;
o ukwenza uhlelo lwezokuphepha komuntu noma abantu abahlukunyeziwe (abantu abahlukunyeziwe kumele bakwazi ukusho bona izidingo zabo zezokuphepha kanye nokwenza uhlelo lwabo lokuphepha ngokusizwa ngusonhlalonhle).
Phezulu
Izindleko
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
Phezulu
Amafomu okumele agcwaliswe
Phezulu
Indawo nendlela yokuxhumana
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
