Isicelo sokwamukela ingane engeyona eyakho ngokuzalwa ukuze uyikhulise
Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Isicelo sokwamukela ingane engeyona eyakho ngokuza
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo Kubantu
Ukuba ngumzali
Ukuthatha ingane engeyona eyakho ngokuzala ukuyina
Isicelo sokwamukela ingane engeyona eyakho ngokuza
Isicelo sokwamukela ingane engeyona eyakho ngokuzalwa ukuze uyikhulise
Izincazelo
I-adopshini isho ukwamukela ukuba ngumgadi ngokomthetho wengane, ngokulandela inqubo yosiko nesemthethweni yengane engeyabanye abazali ngokuzalwa. Ingane engeyona eyakho ngokuzalwa oyithathayo ukuze uyondle (foster child) uyithathe kubazali bayo ebese ibekwa ngokomthetho kubazali abangabanakekeli, noma endaweni yokunakekelwa kuyo (foster home).
Ingane ingamukelwa engeyona eyakho ngokuzalwa. Ingamukelwa wumyeni nonkosikazi wakhe ngokuhlanganyela;
umfelwa noma umfelokazi umuntu ongashadile noma umuntu odivosile;
umuntu oshadile, owakwakhe ongumzali wengane; noma ubaba ngokuzala wengane ezalelwe ngaphandle komendo.
Uma ufuna ukwamukela ingane engeyona eyakho ngokuzalwa (adopt), kumele uhlangabezane nezidingo ezilandelayo:
Kumele ube nezindlela zokunakekela (zokondla) kanye nokukhokhela imfundo yayo.
Kumele ube negama elihle, ube ngumuntu omuhle nofanele ukuthenjwa nokunakekela ingane.
Uma ungesona isakhamuzi saseNingizimu Afrika, kumele kube ukufanele (uyakhwalifaya) ukuba yisakhamuzi noma usuwenze isicelo sokuba yisakhamuzi.
Ukwamukela ingane ngendlela yemfihlo (secret adoptions), lapho khona abazali abangavunyelwe ukuwazi ukuthi ngobani abantu abathatha lengane ukuyinakekela, noma lapho abanakekeli bezohamba ngemuva kokuthatha ingane, kulawulwa yisigaba 18 somthetho wonakekelo lwezingane iChild Care Act, 1983, nakhona kungenzeka uma inkantolo yezingane yeneliseka ngokuthi lokhu kuzoba yinzuzo enganeni nokubonelela kakhulu isidingo sengane.
Uma inkantolo yezingane ibeke ukuthi ingane noma izingane zidinga unakekelo kanye nokuvikelwa, umantshi wenkantolo yezingane uzobeka lezi zingane kunakekelo, endaweni ehlala izingane, esikoleni semboni noma endaweni yokuvikeleka. Kodwa, ingane noma izingane zingabekwa ngaphansi konakekelo lomzali, umnakekeli noma umgadi, lapho ezizoba ngaphansi kweso (kwesuphavishini) kasonhlalonhle. Kulesi simo, aboMnyango wezeNtuthuko yaBantu bakhokhela umzali onakekela ingane imali yosizo lomxhaso (foster care grant), kubazali abanakekela ingane.
Isiphakamiso sokwamukelwa kwengane kumele kube ngesibonelela isidingo sengane kanye nokuba yinzuzo ekuphileni kahle kwengane.
Izinyathelo okumele zilandelwe
Hamba uye kumabhalane wenkantolo yezingane kudistriki lapho ingane ehlala khona.
Fakela ifomu kanye nokulandelayo o isitifikedi esiqinisekisiwe sikamazisi (ID) yomenzi nomenzi wesicelo kanye nesitifikedi sokuqala sokuzalwa (original birth certificate), noma umazisi wakuqala wengane nengane okumele yamukelwe ngabanakekeli;
Ukuvuma kokwemukala ingane ngomunye ukuze inakekelwe, kumele kutholakale kwabalandelayo:
Abazali bengane bangempela
Umama wengane ezalelwe ngaphandle komendo
Ingane ngokwayo, uma ingaphezulu kweminyaka engu-10; kanti inkantolo kumele yeneliseke ukuthi ingane iyaqondisisa ngokubunjalo kanye nokubaluleka kwalokho kuvuma.
Akukho ukuvuma okubhaliwe okudingekayo ngaphansi kwezimo ezilandelayo.
o Uma abazali bokuzala bengane beshonile kanti kungekho muntu oqokwe ukugada ingane o uma umzali engakwazi ukuvuma ngenxa yokuthi ugula ngengqndo;
eshiye ingane, kanti futhi engaziwa ukuthi ukuphi;
elimaze ingane noma eyiphathe kabi ingane, noma evumele ingane ukuthi ilinyazwe noma iphathwe kabi;
ebangele ukuthi noma esize ukuthi ingane ihuhwe ngezocansi, ithwale ngempoqo, noma ukuthi ingane ifakelwe kwezokuthengisa ngomzimba (prostitution); noma ebangele noma ukusiza ingane ukuthi yenze izenzo zemikhuba nezimbi;
uma umzali wengane, ngokulandela isigaba 16 ifakelwe ngaphansi konakekelo lomzali womnakekeli (foster parent), noma iyingane efuna esikoleni sendawo yezingane noma esikoleni semboni; noma egodla ukuvuma kwakhe ngesizathu esingazwakali.
Imithetho nemigomo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi kanye nesikhathi sokwenziwa komsebenzi
Ukugunyazisa ukwemukelwa kwengane ngomunye ongeyena umzali (adoption) kuvame ukuthatha isikhathi eside kanti kungathatha isikhathi eside nakakhulu uma udaba luyisixaka-xaka (complex).
Izindleko (Imali ekhokhwayo)
Maqondana nezindleko zemibuzo, xhumana nama-ejensi afanele okugunyazisa ukwamukelwa kwezingane, izinkantolo zeZingane kanye nabehhovisi lezeNtuthuko yaBantu.
Amafomu okumele agcwaliswe
Form 12B: Ukwamukela ingane engeyona eyakho ngokuzalwa: isitatimende ngomzali ongeyena umzali ngokuzala
Imininingwane yokuxhumana
Yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka:
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
