ZULU.1015.10 questions
SIXOXA NESIHLABANI
Lapho abafundi bakaBONA bethola ithuba lokubuza izihlabani zabo imibuzo
10 imibuzo
ka
CONNIE
FERGUSON
1.Lo mshado weGenerations uzoba yisiphihli sonyaka kulo mdlalo. Imishado kade yayilokhu ikhona kulo mdlalo. Yimuphi ongasoze wawukhohlwa?
Nikiwe Ndlovu, Mdantsane
Sengibone imishado eminingi kwiGenerations - owomfowethu u-Archie, okaQueen, okaLumka nowami ngishada noDkt uMandla.
2. Wake waba yimpelesi emshadweni wangempela?
AK Vuyile, Kroonstad
Sengike ngaba yimpelesi yomngani wami uMapaseka ngeminyaka yo-1990.
3. Ngabe uyayithanda imishado?
NP Nel, Seapoint
Ngiyaluthokozela uthando nokuthandana kwabantu emshadweni - nendlela imishado ehlanganisa ngayo imindeni - ifana noKhisimusi nokujabula okungaphezu kobuhlungu bemingcwabo.
Ubona abantu okade wabagcina, ukudla okunhlobonhlobo okumnandi, umculo omnandi nemimoya emihle yabantu abasuke bekhona.
4. Ngicabanga ukuthi iningi labesimame liyayithokozela imishado - wena yini oyithandayo ngayo?
MK Motlhasedi, Umlazi
Engikuthandayo wukwenzeka kwezinto eziqondene nawo okungenamkhawulo. Abantu abafuni ukuhlala lapho balalele undendende lwezinkulumo. Abadingi futhi ukuchazelwa ukuthi kungani belapho. Zisuke ziduma!
5. Ungasitshela ngomshado wakho?
John Khashane, Bloemfontein
Umshado wami noShona ngawuhlelela ukuba ube ngusuku oluyisipesheli kunazo zonke empilweni yami. Sasisendaweni efana nengadi enezimbali eziningi, imindeni nabangani - nothando.
6. Njengoba sazi ukuthi imishado igqilaza kakhulu komakoti - kuningi okungeke kuhambe kahle. Yini owawuyesaba emshadweni wakho?
Neliswa Mrenyuka, Khayelitsha
Imvula yana ekuseni ngaqala ngakhathazeka ngoba ngangazi ukuthi sizokuba sendaweni evulekile. Kodwa kwathi lapho sengizophuma ekhaya, lanqamuka - imithandazo yami yaphenduleka.
7. Abanye abashadikazi, bayazivuselela izethembiso zabo zomshado - wena uthini ngalokhu?
Alfred Dyasi, Queenstown
Thina sihlele ukukwenza lokho lapho sesiqeda iminyaka engu-10, kodwa uShona uthi ufuna ukukwenza lokho kulo nyaka. Ukwenza lokhu kuthanda ukwehluka kunomshado. Sesineminyaka engu-7 sindawonye - kuyothi sesivuselela izifungo zethu, sazi ukuthi sisho ukuthini.
8. Ungasitshela ngowakwakho?
ZA Makalla, Mount Fletcher
UShona ungomunye walabo abambalwa abasasele. Ungowesilisa onothando olumangalisayo emhlabeni. Ngowesilisa ohlale enezindlela zokumangaza owesimame.
9. Lusho ukuthi uthando lweqiniso kuwena?
Nosibusiso Mpikwa, Seabe
Ngikholwa wukuthanda okusuka ekujuleni kwenhliziyo - hhayi uthando lwamanga. Lumnandi uthando, nokuthi lapho nihleli nibukana nizizwe sengathi nimuntu munye. Lumnandi uthando!
10. Yisiphi iseluleko kwabanye besifazane bemidlalo yezithombe?
MK Motlhabane, Bultfontein
Ukuzethemba nokuwufundela kahle umsebenzi wakho - lokhu kubandakanya ukuqeda isikole - bese usebenza kanzima! [z]
BONA ZULU September 2008
YITHUBA LAKHO!
Leli yithuba lakho lokubuza uHlubi Mboya imibuzo. Thumela imibuzo yakho ifike kithina ngaphambi komhlaka 30 August ukuze sikukhiphele izimpendulo zakhe oshicilelweni lwethu lukaNovember. SMSa ASK nombuzo wakho (ungeqi emagameni angu-160) ku-35919. AmaSMS abiza R3 iyinye. Noma thumela umbuzo wakho, igama lakho nedolobha langakini nge-e-mail ethi: bona@dbn.caxton.co.za
BONA August 2008
