Imibandela nezimo zokuSebenzisa
Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
Noma yimuphi umuntu osebenzisa le-website (umsebenzisi) kumele alandele nokuvuma ukulandela imibandela nezimo zokusebenzisa njengoba kubekwe kule nothisi yomthetho Uma umsebenzisi engafisi ukuphoqelelwa yile mibandela nezimo umsebenzisi akumela angene kwi-website, akhombise izinto ezikuyo, asebenzise, noma akhiphe izinto kuyo kanye/noma ukwenza ikhophi noma ukusabalalisa okuqukethwe kule website.
Indlela yokusebenzisa kanye nelungelo lobunikazi (copyright)
Abasebenzisi bangabuka, benze amakhophi, bakhiphele (download) kumakhompyutha abo, baprinte, basabalalise (distribute) okuqukethwe kule website, noma ingxenye yayo ukusebenzisa ulwazi noma ukuchaza lapho abakuthole khona (reference) kuphela, kanti futhi lokhu bangakusebenziseli inzuzo ngezemali.
Konke okuqukethwe lapha, i-data, ama-trademarks (uphawu olubhaliswe emthethweni lwenhlangano noma inkampani)
Lolu lwazi kule website lunenhloso yokunikeza ngolwazi olunabile maqondana nesihloko esithile noma izihloko, kanti futhi alunikeze yonke injula ngalesi sihloko (ngalezi zihloko).
Uma umsebenzisi edinga noma yiluphi ulwazi kwabe-GCIS maqondana nezinkonzo (amasevisi) abo, noma ngokuqukethwe kule-website, kungaxhunyanwa nabo ngokusebenzisa inqubo yokuveza imibono lapha kwi-feedback link
Ukuvikeleka
Ukuphepha
Abe-GCIS banamazinga afanele kwezentengo yetheknoloji kanye nenqubo yokuvikeleka ekusebenzeleni ukuvikela lonke ulwazi olunikezwa ngabasebenzisi ukuthi lungalahleki, lusetshenziswe kabi, lushintshwe noma lubhidlizwe. Kuzothathwa zonke izinyathelo ezifanele ukuvikela ulwazi lomsebenzisi. Abasebenzi abagunyaziwe ababhekene nokunakwa kolwazi oluyimfihlo (sensitive data) olunikezelwe, kumele bagcine imfihlo yalolo lwazi. Umgomo usebenza kubo bonke abasebenzi bakwa-GCIS, noma izinhlangano zikahulumeni ezingamukela ulwazi oluvela kwabe-GCIS. Kuvinjelwe wumthetho kunoma yimuphi umuntu, ibhizinisi, inhlangano, ukuthola, noma ukuzama ukuthola ukungena ngendlela engekho emthethweni kunoma yiliphi ikhasi kule-website, noma ukufakela noma ukuzama ukufakele noma yiyiphi ikhodi engagunyaziwe, elimazayo, noma yolunya kule website. Uma umuntu efakela noma ezama ukufakele ikhodi engagunyaziwe, elimazayo noma yolunya kule website, noma ezama ukungena ngendlela engekho emthethweni kunoma yiliph ikhasi , lowo muntu kule website, lowo muntu uyobekwa icala lokweqa umthetho, kanti uma abe-GCIS noma yimuphi umkhakha kahulumeni ulimazeka noma ngayiphi indlela, uyovula icala lembuyekezo ngokulinyalelwa.
Ukuba yimfihlo (okwangasese)
Isingeniso
Isitatimende semfihlo (sokugcina okwangasese) sisebenza kwabe-GCIS kanye nakunoma yiyiphi inhlangano ebhalise ngokomthetho elawula, eqinisekisa noma esebenzisa ulwazi olungaqokelelwa ngokusebenzisa le-website.
Umsebenzisi angavakashela le website ngaphandle kokunikeza ulwazi ngaye siqu. Kodwa umsebenzisi uvuma ukusebenzisa lolo lwazi (i-data) ngokulandela lesi sitatimende semfihlo (sokugcina okwangasese) Sicela uqaphele ukuthi le website ingaba nokuxhumana namanye ama-website angalawulwa yilesi sitatimende semfihlo (sokugcina okwangasese).
Ukusebenzisa ulwazi lomuntu siqu
Ngisho noma abe-GCIS benganikeza ulwazi lwabasebenzisi kwabanikeza ngezinkonzo (service providers) abasebenza ngowlazi egameni labo, ngeke banikeza abantu besithathu ulwazi, noma eminye imikhakha kahulumeni ukuze ilusebenzisele ezinye izinhloso noma izinhloso ezingaqondene, ngaphandle kokuba lokho kuye kwadalulwa ngesikhathi sokuxhumana.
Ulwazi lomuntu siqu lungadluliselwa kumikhakha yamazwe omhlaba ngabe-GCIS noma kubantu besithathu ngezinhloso ezingenhla. Lokhu ngeke kwabandakanya ukudluliseka kumazwe angenayo imitheshwana yolawulo (rules) lokuvikelwa kolwazi efana naleyo ekhona kuzwe okuhlala kulo umsebenzisi. Ngokunikeza ulwazi kwabe-GCIS ngale website, umsebenzisi uvumela ukudluliselwa kwalolo lwazi.
Ukufinyelela kulwazi lomuntu siqu
Uma kunikezwe ngolwazi lomuntu siqu kule website, abasebenzisi abafisa ukubuyekeza ulazi lwabo ziqu bangenza lokho ngesicelo sokucela ukubuyekeza ngokusebenzisa i-feedback link. Ngemuva kwalokho, abasebenzisi bazokwazi ukufinyelela ama-profile abasebenzisi, ukuqondisa lolo lwazi kanye nokufakela imininingwane yabo yakamuva noma ukukhipha amagama kuhla (unsubscribe) noma kunini. Abasebenzisi abanenkinga yokuthola ama-profile abo, noma abafuna ukucela ikhophi yolwazi lwabo ziqu, kumele baxhumane no-web administrator ngokusebenzisa i-feedback link. Kuzo zonke izimo, abe-GCIS bazobhekana nezicelo zokufinyelela kulwazi, noma ukushintsha ulwazi ngokulandela izidingo zomthetho ezisebenza kulesi sigaba.
Akukho okutholakala lapha ngaphakathi, okubanga noma okunenhloso yokubanga ikontraki noma isivumelwano phakathi kwabe-GCIS kanye nomsebenzisi ovakashela i-website.
Ukuvikela nokugcina imfihlo yangasese yeziNgane
Abe-GCIS bamukela ukubaluleka kokuvikela imfihlo yangasese yezingane ekuxhumaneni ngokwe-online kuwo wonke umhlaba.
Ukunqamula ubudlelwane
Lezi zimo nemibandela zokusetshenziswa ziyisisekelo esiphelele sobudlelwane obuprofeshinali, noma obunye ubudlelwane phakathi kwabe-GCIS kanye nale-website. Noma yikuphi ukuhluleka ngasohlangothini lwabe-GCIS ukusebenzisa noma ukulandela noma yiliphi ilungelo noma okubekiwe (provision) kule mibandela nezimo zokusebenzisa ngeke nanganoma yiyiphi indlela kwaba wukugudlulela eceleni kwalelo lungelo noma lokho okubekiwe Uma umbandela othize noma isimo esithize sokusebenzisa le website singasebenziseke ngkugcwele noma singasebenziseki (valid) ngenxa yanganoma yisiphi isizathu, lowo mbandela (mibandela) noma leso simo (lezo zimo) ziyonqumeka kweminye imibandela nezimo. Imibandela nezimo ezisele ngeke zachaphazeleka ngalokho kunqumeka noma ukungasebenziseki, nakhona kuyohlala kusebenza.
Ukubuyekeza kabusha le Mibandela kanye Nezimo
Abe-GCIS benelungelo lokushintsha (ukuguqula) ukuhlela ngenye indlela (modify), ukungezela noma ukususa izingxenye ezithile noma yonke le mibandlela nezimo zokusebenzisa ngezikhathi nezikhathi. Izinguquko kule mibandela nezimo zokusebenzisa ziyoqala ukusebenza ngaleso sikhathi sezinguquko lapho zifakelwa kule website. Kuyisibopho esisemahlombe omsebenzisi ukuthi ngezikhathi nezikhathi ahlole imibandela nezimo zokusebenzisa le websiste noma izinguquko noma ulwazi olusha olusanda kufakelwa. Ukuqhubeka komsebenzisi ukusebenzisa le website, ngemuva kokufakelwa kwezinguquko noma ulwazi olusha, kuyothathwa ngokuthi lowo msebenzisi uyitholile inothisi kanti futhi wemukela ukuzibophezela ngayo le mibandela nezimo zokusebenzisa, okubandakanya izinguquko nolwazi olusha.
Ulwazi nge-website kanye nomnikazi
Igama eligcwele kanye nesimo kwezomthetho maqondana nomnikazi we-website:
Imininingwane yokuxhumana nomnikazi we-website:
Ikheli lePosi:
Ikheli lomgwaqo:
Inombolo yocingo: +27 12 314 2911
Yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka:
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
