Ukufaka isicelo sokudoba izinhlanzi ukuze uziphilise nokukhululwa ukuthi wenze njalo
Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Ukubhalisa umkhumbi wokudweba kwabemikhumbi yamazwe angaphandle
Ukudweba ngenhloso yohwebo ukuhambisa noma ukuphatha ukudla ukuphatha ubisi kanye nokuluhambisa
Ukufunana nomcebo wamaminerali ibhizinisi lomsebenzi wezimayini
Ukuqhuba ibhizinisi lezimayini
Isicelo sokubhalisela ukusetshenziswa kwamanzi
Elayisense yokuqhuba iNkonzo yezamaposi egodliwe
Ukufaka isicelo sokudoba izinhlanzi ukuze uziphili
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izimvume namalayisense
Isicelo semvume noma selayisense
Ukufaka isicelo sokudoba izinhlanzi ukuze uziphili
Ukufaka isicelo sokudoba izinhlanzi ukuze uziphilise nokukhululwa ukuthi wenze njalo
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana
Izincazelo
Ukudoba izinhlanzi ukuze uziphilise kusebenza emiphakathini eseduzane nolwandle imiphakathi ethembele kokudotshiwe ukuze idle, noma benalo ilungelo lokuthengisa noma bashintshise ngokunye. Okwamanje abaziphilisa ngokudoba izinhlanzi babhekwe ngokunikwa imvume yokudoba kuze kubekhona umgomo wezokudoba. Ukuze umuntu akwazi ukudobela ukuziphilisa kumele afake isicelo sokunikezwa imvume abese uyakhululwa ukuthi adobele ukuziphilisa.
Ukuze usebenzise ilungelo lakho lokudoba faka isicelo sokukhululwa ozolinikezwa ngungqongqoshe wegatsha eliphethe izindaba zenhlalo yendawo nezokuvakasha noma isiphathimandla esigunyazwe ukwenza lowomsebenzi ngaphasi kukasekisheni 18 womthetho wezilwane eziphila emanzini ka 1998 Marine Living Resources Act, Act No. 18 of 1998. Ukuze akhululwe umuntu kumele afake isicelo sakhe kwikomidi eseduze naye ebekelwe ukwenza lomsebenzi aphinde agcine izidingo ezibekiwe. Ngokomthetho akekho umuntu ozovele ayodobela ukuziphilisa ngaphandle kwemvume.
Imvume iyavuselelwa njalo ngomnyaka, uma uhluleke ukuthobela umthetho wokukhululwa ukuthi udobe imvume yakho izokumiswa, noma ichithwe noma ilungelo lakho lihoxiswe.
Phezulu
Izinyathelo okumele zilandelwe
Faka isicelo sokukhululwa ukuthi udobe kwikomidi ephethe lowomsebenzi eseduze nawe uma imvume yakho isiphelile njalo ekupheleni komnyaka.
Abaqalisayo ukucela imvume kumele bagcine izidingo ezibekiwe zokudobela ukuziphilisa ngaphambi kokuthi banikezwe imvume.
Ofaka isicelo kumele asho ukuthi uzodoba izinhlanzi ezinjani.
Kuyahlolwa ukuthi imvume yakho iyisima kanjani ngaphambi kokuthi unikezwe imvume yomnyaka olandelayo, uma kukhona abangakufezi okubekiwe, bayasulwa ohlwini lwabantu abanemvume.
Izisebenzi zegatsha zibiza umhlangano womphakathi ukuzonikeza imvume kubo bonke ababhalisele ukudoba.
Izisebenzi zegatsha zichaza izimiselo zemvume kanye nokuthi kumele badobe okungakanani.
Bonke abanikezwe imvume bayasayina ohlwini ukuze bakhombise ukuthi bayemukele imvume.
Phezulu
Umthetho osetshenziswayo
Phezulu
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Kungathatha inyanga yinye noma ngaphezudlwana ukusebenza isicelo sakho, kuzoya ngokuthi zingakanani izicelo ezifakiwe.
Phezulu
Izindleko
Lomsebenzi awukhokhelwa.
Phezulu
Amafomu okumele agcwaliswe
Awekho amafomu okumele agcwaliswe.
Phezulu
Indawo nendlela yokuxhumana
Yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka:
Ukuxhumana okuhambelanayo uMnyango wesimo seNdalo nezokuVakasha
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
