zulu.100.beauty
Ukulwa neminyama
Ukunakekela isikhumba usuku nosuku kuyindlela enhle yokuzivikela ukuze ungabi neminyama
SONKE siba nemihuzuko namabala lapho sikhula. Ngeshwa, okunye kwalezi zinto kungashiya izibazi emzimbeni - abanye banezibazi noma iminyama (stretchmarks).
I-Striae gravidarum, nokuyigama ochwepheshe iminyama abayibiza ngalo, ibonakala uma isikhumba sinwebeka sigcine singasakwazi ukubuyela esimweni saso esijwayelekile.
Isikhumba sethu sinama-layer amathathu: sine-layer engaphandle (epidermis), i-layer ephakathi nendawo (dermis), kanye ne-layer esekugcineni (subcutaneous stratum). Iminyama isuka kule-layer ephakathi nendawo eyilasitiki, enwebekayo eyenza ukuba isikhumba sihlale sisesimweni esikahle. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi liyehla izinga lokuba isikhumba sibe yilasitiki o-fibre baso bahlukane kusale izibazi.
Ngokodokotela besikhumba, iminyama iba mandla kakhulu uma umuntu ekhulelwe kodwa futhi ungaba nayo uma kwehla isisindo somzimba wakho noma ukhuluphala. Osozinyama nabantu abasebenzisa ama-steroids bangaba nayo.
Kungenzeka futhi idalwe ama-hormones, ngoba izinga le-oestrogen lithikameza indlela yokwakheka kwama-cells esikhumba nokubukeka kwaso.
Iminyama iqala ukuba nombala obomvu okusambala o-pink noma onsunjwana kanti lokho kuya ngokwebala lesikhumba sakho. Igcina isinombala o-violet ogqamile noma o-purple ibuye ibe nombala ogqwalile. Iyazithanda izindawo ezinamafutha njengasemabeleni, ezinqeni nakwesingezansi.
Ukukhulelwa
Iminyama ibonakala kwabesimame abakhulelwe abangamaphesenti angu-50 kuya kwangu-90 uma sekusele izinyanga ezimbalwa babelethe. Ukuba nayo kungancika nasofuzweni nokuthi isikhumba sinwebeka kangakanani.
Okunye okuyimbangela yeminyama
n Uma umama wakho noma udadewenu enayo nawe ungaba nayo.
n Ukukhuluphala noma ukwehla kwesisindo kungayidala iminyama.
n Indlela odla ngayo - isikhumba esinamanzi anele sinwebeka kalula.
n Ibala lesikhumba - abesimame abanebala elinsundu iyabathanda iminyama.
n Uma wake waba nayo ukhulelwe, kungenzeka uphinde ube nayo.
Ukuzivikela
Lokhu kungcono kakhulu kunokwelapha kanti kukhona izinto ezimbalwa ezilula ongazenza ezingasiza isikhumba sakho sivikeleke ekubeni neminyama.
n Qiniseka ukuthi isikhumba sakho sihlale sinamanzi. Phuza okungenani amalitha amabili amanzi ngosuku - waphuze kakhulu uma uphuza utshwala noma iziphuzo ezine-caffeine.
n Yidla ukudla okusiphatha kahle isikhumba sakho, njengalokho okunoVitamin C, E, i-zinc ne-silica.
n Zivocavoce njalo (ukuze igazi lihambe kahle kuphume namanzi emzimbeni).
n Hlikihla isikhumba ngebhrashi - noma i-glove - ukuze kukhuphuke izinga lokuhamba kwegazi emzimbeni.
n Gcina isikhumba sisihle ngokugcoba isiswakamisi nsuku zonke.
Imithi yokwelapha
Kuncane ongakwenza ukuzivikela kule nkinga ukuze ungabi nayo nhlobo. Iminyama ayipheli kanti nakuba ungeke uyiqede, kodwa ingafiphabala. Kufanele usheshe uqale ukuyelapha ngoba lokho kungenza ukuba indlaleke ingagqami.
Okhilimu ongazithengela bona abayiziswakamisi ezinoVitamin E no-A, noma i-tretinoin cream, noma imikhiqizo ene-glycolic acid noma abathakwe ngesithako esino-anyanisi bayayithambisa iminyama kwabanye abantu. Njengoba bengakwazi ukungena kule-layer yesibili, bangasebenza njengesiswakamisi ukuze kwehle izinga lokubonakala kweminyama.
Ukwelashwa kwesikhumba ngendlela ebizwa nge-microdermabrasion ne-laser resurfacing kuyabiza kodwa kungadingeka ukuba uzame izinto ezimbalwa ezingakusiza ukuze uthole umphumela owufunayo.
Kukhona nama-tissue oils ongawasebenzisa ukuze isikhumba singathambi ikakhulu uma ukhulelwe noma wehlisa isisindo somzimba.
Okhilimu be-AHA (alpha hydroxy acids) basuselwe ezitshalweni nasezithelweni ezithile kanti bangaba wusizo ekwehliseni iminyama. Bakhuphula ukwakheka kwama-cells "ngokushisa" i-layer engaphandle yesikhumba isikhumba sibe nama-cells akahle azobonakala ngaphezulu. Ngenxa yalokho isikhumba sakho sizobukeka kangcono. Kungenzeka isikhumba sixebuke some uma usaqala ukubasebenzisa ngenxa yokuphela kwama-cells asonakele kodwa emva kwamasonto ambalwa isikhumba sizothamba sishelele.
Buza kudokotela mayelana nezinga leRetin-A (noma i-tretinoin) elikokhilimu noma elikokhilimu be-AHA. Okhilimu abaneRetin-A akufanele ubasebenzise uma ukhulelwe noma usakhulisa umntwana kanti akufanele usebenzise izikhuthazi-mzimba ezinoVitamin A ngesikhathi usabasebenzisa ngoba lokho kungakudalela izinkinga. [z]
BONA ZULU - March 2007
ezobuhle
KWESOKUDLA: Okhilimu bokuswakamisa abatholakala emakhemisi bayakwazi ukuthambisa iminyama.
nguCHRISTINE HAMMANN
izithombe nguSALLY BLACKMAN
umkhangisi ngu-ANCHEN ophuma kwaModels International
BONA ZULU - March 2007
