Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Isicelo sosizo lwezimali kahulumeni kumasosha
Isicelo somxhaso lwabantu abancikile
Somxhaso lwesondlo sengane
Somxhaso lwengane okungeyona
Sempesheni yabadala
Zokuhlengwa kwabantu abakhubazekile
Imali yosizo kahulumeni ifakelwe kwiakhawunti yoma
Somxhaso wemali zabakhubazeke unomphela
Zomphakathi zonakekelo lwezempilo kwasebegugile
Izinkonzo zokusekela imindeni
Uhlelo lokusiza ngamandla kwabahlukunyeziwe
Osizo lwemali kahulumeni
Ekusebenziseni kabi izidakamizwa
Somxhaso sosizo ngokulandela uhlelo lokwabelwa umh
Ngokudla kwabakusimo esibucayi senhlupheko
Ukubuyisela izimali zosizo lukahulumeni
Ukwenza isicelo futhi sosizo lwemali kahulumeni
Ukuqoka umuntu ukuthi emukele imali
Emali endaweni ehlala izingane
Izinkonzo amasevisi kaMasipala ayisisekelo amahala
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo kubantu
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana
Izincazelo
Usizo kubantu abaxekekile, olwesikhashana, lunenhloso yokusiza abantu abakusimo esinzima kakhulu esenza ukuthi bangakwazi ukuhlangabezana nezidingo ezibaluleke kakhulu zemindeni yabo.
Ngubani ongathola usizo lwabantu abaxakeke kakhulu?
Ungathola usizo lokuxakeka kakhulu kuhulumeni uma ukusimo esinzima nesiphuthumayo. Lokhu kungaba ngenxa yokulandelayo:
udinga usizo ngesikhathi ulindele umxhaso (usizo) lwesondlo sengane ngesikhathi uhulumeni esabhekana nesicelo kwenzeke inhlekekele ephuthumayo, enjengokusha kwendlu yakho awukufanelanga ukuthola umxhaso (usizo) lukahulumeni nakhona ukusimo sokuxakeka kakhulu awukwazi ukusebenza ngenxa yokuthi impilo yakho ayikuvumeli - lokhu kusho ukuthi ugula isikhathi esingaphansi kwezinyanga eziyisithupha awukwazi ukuthola isondlo sengane noma izingane zakho komunye umzali wengane owondla umndeni ushonile owondla umndeni usejele okwesikhashana (isikhathi esingaphansi kwezinyanga eziyisithupha)
uphazanyiswe yinhlekelele, kodwa indawo yakini noma umphakathi wakini awumenyezelwanga njengendawo yenhlekelele.
Yini okutholayo?
Usizo kubantu abaxekekile (Social Relief of Distress), lunganikezwa ngamaphasela okudla, noma ivawusha yokuthenga ukudla. Ezinye izifundazwe (amanye amaprovinsi) anikeza lolu sizo ngemali ewukheshi. Usizo kubantu abaxakekile lunikezwa isikhashana esifishane kuphela - kuvamise ukuthi kube zinyanga ezintathu, kokunye izinyanga eziyisithupha .
Phezulu
Izinyathelo okumele zilandelwe
Yenza isicelo sosizo kubantu abaxakekile ehhovisi eliseduzane nawe leNtuthuko yaBantu.
Hambisa nalezi zinto lapho wenza isicelo:
Lamaphepha alandelayo azofuneka ukuze ufake isicelo uma incwadi yomazisi noma isitifiketi singekho:
isitetimente esifungelwe ngumuntu ohloniphekile emphakathini owazi umfaki sicelo. Kungaba ilungu lekhansela, umholi wendabuko, unonhlalakahle, noma umfundisi ubufakazi bokuthi isicelo sesitifiketi sokuzalwa noma somazisi sifakiwe negatsha lezasekhaya incwadi yomazisi yesikhashana ekhishwe yigatsha lezasekhaya uma ngabe kunjalo isitifiketi sokubhabhadiswa ikhadi lase kliniki umbiko wesesikoleni.
Kumele unikeze nobufakazi bokuthi:
o wenze isicelo somxhaso (sosizo) lukahulumeni o ube nenhlekelele yesimo esiphuthumayo (isibonelo, ukunikeza umbiko wamaphoyisa wokuthi indlu yakho ishile)
o uzamile ukuthola isondlo o awunalo olunye usekelo olutholayo o ushadile, udivosile (nehlukene) noma uwedwa o awunawo omunye umholo (ingeniso)
Ugula okwesikhashana.
Phezulu
Umthetho osetshenziswayo
Phezulu
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Isicelo sakho sizobonelelwa masishane.
Lapho usufakele isicelo, kuzohlolwa ubuqotho baso kanye nokuthi ngabe ngempela udinga usizo.
Ngisho noma ungenawo onke amadokhumende (zonke izincwadi zomthetho ezidingekayo), uzonikezwa iphasela yokudla, ivawusha, noma imali ewukheshi enyangeni yokuqala.
Khumbula ukuthi uhambe nawo wonke amadokhumende kusikhulu somnyango ngaphambi kokuba uthole usizo enyagneni yesibili. Uma ungakwenzi lokho, ngeke wathola usizo lokudla, ivawusha noma ukheshi enyangeni yesibili neyesithathu.
Uma izinto zingaguquki empilweni yakho, ngemuva kokuba uthole usizo lwezinyanga ezintathu, ungenza isicelo sokuthi kungezelwe ezinye izinyanga ezintathu zosizo.
Phezulu
Izindleko
Le nkonzo ayikhokhelwa ngeyamahhala.
Phezulu
Amafomu okumele agcwaliswe
Sicela uxhumane nehhovisi eliseduze lomnyango.
Phezulu
Indawo nendlela yokuxhumana
Sicela ufakela isifundazwe
Yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka:
Ukuxhumana okuhambelanayo uMnyango wezeNtuthuko yaBantu
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
