UMhlangano-Jikelele Wonyaka we-SATI ka-2010
Kwaba kuhle kakhulu ukwamukela lunguamaningi ayenomdlandla nomfutho kulo mhlangano wamashumi amahlanu nane ngomhla ka-26 Febhuwari. Amanye amalungu ayehambe ibanga elide ukuze abe khona – esuka eKapa, Bloemfontein, Potchestroom, Qwaqwa nase-KZN. Futhi ababekhona kwakungumengameli wokuhlonishwa we-SATI u Dkt Jan Picard nonkosikazi wakhe uJulie, kanye nomfundi osaqeqeshwa we-PR uGizela Mendes. Kwakukhona amalungu angamashumi amahlanu nane, angamashumi amathathu kuwo aqinisekiselwe umsebenzi , futhi saba nesibalo esanele sokuthatha izinqumo.
  Onke amalungu athola umbiko wonyaka weNhlangano ka-2009. Ingxenye enkulu yomhlangano yasetshenziselwa ukucubungula lo mbiko kanye nokuqokomisa amaphuzu aqavile. Usihlalo we-SATI u-Anne-Marie Beukes waphawula ukuthi umkhandlu  omusha wawusunezinyanga eziyisishiyagololunye uqale umsebenzi futhi usebenza kanzima ukuthuthukisa inkozo eya kumalungu. Wagcizelela ukuthi amalungu omkhalndlu asebenza ngokuzithandela, kube wumqondisi olawulayo kanye nabasizi basehhovisi kuphela abakhokhelwayo. Kwakubongwa ngokuphawulekayo amalungu asiza ngokuzithandela ukuhumusheni i-Bulletin kanye neminye imibhalo, lokhu kuyinani elikhulu kwinhlangano ekuzibophezeleni kwayo ukuthuthukiswa ukusetshenziswa kwezilimi ezahlukahlukene. Ilungu lomkhandlu uManzo Khulu wamema amalungu angeziwe ukuba ajoyine futhi akhiphe nezinye ezengeziwe izilimi ezicashile ezintangeni.
  Lapho kuphakanyiswa isihloko sokuziphatha (ethics), kwaba nengxoxo ebanzi ngokuthi  ukuziphatha kusebenza nxazombili nokuthi kwesinye isikhathi amalungu ayabhekana nokuziphatha okungekuhle ; isib. amakhasimende angakhokhi ngesikhathi (noma angakhokhi nhlobo!). Kwaphakanyiswa ukuthi kudwetshwe iziqondisio zokuziphatha okuhle kakhulu futhi zenziwe zitholakale. UMarion Boers waphawula ukuthi ne-International Federation of Translators isebenza ngayo le ndaba. Amalungu aveza imibono ehlukahlukene ekubhekaneni nale nkinga, njengokuchaya labo abakhokha kabi (kunama-website ongenza khona lokhu) kanye nokufuna ingxenye yemali ngaphambi kokuqala umsebenzi.
  Kwaxoxwa ngemicimbi ebanjwe yi-SATI ngo-2009, ikakhulukazi uMklomelo Wokuhumusha Okuvelele kanye Nezichazamazwi. Kwaphakanyiswa umbuzo wokuthi kufanele yini lo mklomelo uhlanganise nokutolika. Kwatholakala ukuthi izinga lemiklomelo liyathuthuka – isekelwa kahle kakhulu ngabashicileli, abawinile bayaneliseka futhi kunokuthuthuka ekubikweni abezindaba. Lokhu kwaholela engxoxweni yokwazisa ngeNhlangano nokusakaza ngayo. Yilesi sizathu esenze i-SATI sati iqashe umfundi we-PR wase-Tshwane University of Technology kulo nyaka, ukuze asize ngemicimbi nangokuthuthukisa ukwaziwa kweNhlangano.
  Ukuqinisekiselwa umsebenzi ngesinye isihloko esadingidwa kakhulu. Amalungu aba nomuzwa wokuthi mhlawumbe sekuyisikhathi sokunweba uhlelo futhi kuhlanganiswe ukuqinisekiswa ezingeni lomphakathi kanye nelobuchwepheshe. UMkhandlu wanikezwa umsebenzi wokuphenya ngalokhu. Omunye umbuzo wawuhlobene nokugunyazwa kwamalungu asebenza ngezilimi ezingandile nokuthi lezi zingasingathwa kanjani.
  IQembu laseBholani lamemezela ukuthi kulo nyaka lizogubha iminyaka engamashumi amabili lasungulwa futhi lizomema amalungu ukuba agubhe kanye nalo ngemicimbi ehlukene, kuphothulwe ngosuku lwe-International Translation Day. Kuthenjwa ukuthi imibungazo ye-SATI ITD ingabanjwa kanye neyaleli qembu kulo nyaka. 
  Isiphakamiso sokuthi imali yobulungu ka-2011 inqunywe ngokuvota nge-electronic ngasekupheleni konyaka, savunywa ngo-elethu, futhi kwanqunywa ukuba ikhuphuke ngokuhambisana nokuwa kwamandla emali.
  Ekuphetheni, u-Anne-Marie Beukes wabonga onke amalungu ngokwesekela kwawo, kanye neWaltons ngokusekela kwayo i-seminar eyalandela umhlangano-jikelele. UDkt. Picard wabonga u-Anne-Maire kanye nomkhandlu ngomsebenzi oncomekayo owenziwayo kanye neqophelo eliphakeme inhlangano  ekhushulelwa kulo.
  Amaphuzu alo mhlangano-jikelele wonyaka ayodluliselwa kumalungui ezinyangeni ezimbili ezizayo.
Umfundi Oqeqeshwayo
I-SATI yamukela uGizela Mendes njengengxenye yeqembu lehhovisi leNhlangano kulezi zinyanga eziyisi- shiyagalolunye ezizayo. UGizela uzobe esiza i-SATI ekufezeni ezinye zezinjongo zokuthuthukisa kanye nokwazisa ngeNhlangano nokulungi-selela   imicimbi   yamalungu.   Yena 
uzothola ulwazi aludingayo ukuze aqedele izifundo zakhe ze-National Diploma in International Communication.
  UGizela udabuka e-Angola, yize esehlale impilo yakhe yonke ePitoli. Ungena khaxa kusiko-mpilo le-SATI njengoba ekhuluma isiNgisi, isiPutukezi kanye nesiBhunu ngokushelelayo kanti nesiPanishi uyakwazi ukuxoxa ngaso. Ujabulela ukufunda, ukuvakasha, ibhola lentenesha kanye nomculo. 
I-seminar yenqubo yokuziphatha i
I-seminar eyalandela umhlangano yayithakazelisa futhi ifundisa. UJohan Blaauw waqala ngokucacisa ukuthi kungani sidinga inqubo-mgomo yokuziphatha nokuthi izindlela zakho ezahlukene zingenziwa kanjani. Empeleni yonke inqubo mgomo idinga umhlahlandlela oqinisekisa ubuchwepheshe nokwengamela kanye nenqubo yokulungisa izigwegwe nendlela yokubhekana nalabo abangahambisi ngawo. Lapho i-SATI ebheke khona inqubo ebanzi ehlanganisa wonke amagatsha okuhumusha okunguthi umthetho ocacisa inqubo mgomo, kanye nendlela yokuqondisa izigwegwe.
  Amalungu aletha izibonelo eziphathekayo ezihilela ukuziphatha futhi lezi zabhekwa futhi zadingidwa. Udaba lokuqala lalihlobene nokwebiwa kwekhasimende lomunye umhumushi. Umuzwa kwaba ukuthi lokhu kuwukuziphatha okungalungile. (kwehlukile ekuncintisaneni okwejwayelekile ngenxa yendlela engacacile imininingwane yekhasimende eyatholakala ngayo), yonakalisa ubuhlobo phakathi kozakwabo futhi ingase imfake enkingeni lowo owenze umsebenzi uma engasakwazi ukuveza umsebenzi wezinga elifanayo eliphezulu. Kwacaciswa ukuthi kunomthetho owaziwayo ongabhaliwe phansi wokuthi ozakwabo abatshontshelani amakhasimende. Uma uzakwenu edlulisela umsebenzi kuwena bese ikhasimende liza kuwe ngqo , kumele uqale ngokubheka ukuthi lokho kuvumelekile yini kumhumushi wokuqala ngaphambi kokuthatha lowo msebenzi.
  Udaba lwesibili lihlanganisa umsebenzi wokuhumusha kubuyiselwa olimini lwasekuqaleni kusetshenziswa ithuluzi le-CAT. Ukuhumusha kubuyiselwa olimini lwasekuqaleni kuyingxenye ekhethekile yomsebenzi futhi kumelwe kwenziwe ngandlela thize ngezizathu ezithile. Ngakho akuvumelekile ukuba umhumushi asebenzise ithuluzi le-CAT uma enza lolu hlobo lomsebenzi, kodwa futhi kubalulekile ukuthi ikhasimende licacise ukuthi lona umsebenzi wokuhumusha kubuyiselwa emuva futhi kudingeka ukuba kulandelwe imithetho ethile.
  Udaba lwesithathu luhlanganisa ama-agency amabili asebenzisa abahumushi abafanayo futhi enye ikhononda lapho umhumushi (eyayimethule ku-agency yesibili) engasakwazi ukwenza umsebenzi wayo ngenxa yokuba matasa nomsebenzi wale agency yesibili. Kwavunyelwana ngokuthi lokhu angeke kwabizwa ngokweba ngaphandle uma umhumushi ayenesivumelwano esikhethekile sokusebenza ne agency eyodwa kuphela.
  Udaba lwesine olwadingidwa kwakungolomhumushi owathweswa icala ngephutha elisekhasini lesihloko lencwadi ayayiyingxenye yochunge. Nokho umhumushi, wayengazange asebenze ekhasini lesihloko, njengoba lalikade liphothulwe kwinkontileka yangaphambili, kodwa ikhasimende lavuma ukuthi lalenze ushintsho oluthize ngaphambi kokushicilela. Naphezu kwemizamo yekhasimende yokuthwesa umhumushi icala, umhumushi wayengenalo icala futhi isimangalo sasingeke sikwazi ukuma lapho sicutshungulwa ngokunzulu. lolu daba lwaqokomisa isidingo sokuthola yonke imiyalelo ngokuyibhala phansi, kanye nokulandelisa yonke ingxoxo yomlomo ngesiqinisekiso esibhalwe phansi, ukuze kube khona ubufakazi obubhaliwe lapho sekuziwa emthethweni.
  Ingxoxo yokugcina yayihlobene nokuthi ingabe kusemthethweni yini ukwenza ukuhumusha okufungelwe kusuka emaphepheni athunyelwe ngesikhahlamezi noma i-electronic copy. Ngezinye izikhathi ayikho indlela yokuthola ikhophi yamaphepha futhi ezimweni ezinjalo umhumushi kumelwe aqaphe kakhulu ukuthi ucacisa ngokugcwele ukuthi uwususelephi umsebenzi: asho ukuthi umsebenzi usuka emsebenzini othunyelwe nge-electronic futhi asho igama lomuntu osuka kuye. Futhi sekuyoxhomeka kukhasimende ukuthi loku kuvumelekile yini. Nokho, ukusebenza ngamaphepha e-electronic noma athunyelwe ngesikhahlamezi kumelwe kube yivelakancane kunokuba yijwayezi futhi umhumushi ofungile kumelwe ngaso sonke isikhathi azame ukuthola amaphepha angempela.
  Le ngxenye yaphetha ngesiphakamiso sokuba kube nengxenye eshicilelwa kuMuratho ephathelene nezindaba nomthetho kanye nenqubomgomo yokuziphatha.
  Ngemva kwesidlo sasemini, isazimthetho uMarc de Bruyn watshela amalungu ngomthetho omusha i-Consumer Protection, ingxenye yayo ebe wumthetho ngomhla ka-1 Aprili. Lo mthetho ubekelwe ukuvikela abathengi emisebenzini engekho sezingeni elifanele. Ukuhumusha kuwumsebenzi wobuhlakani, okwenza kube nzima ukuchaza umsebenzi ongekho ezingeni elifanele kanye nemiphumela yawo. Futhi awekho amacala alolu hlobo asake enzeka  ahilela abahumushi, ngakho uMarc wasekela imibono yakhe ngezibonelo zabaphenyi-mabhuku.
  Kuyacaca kulo Mthetho ukuthi umhumushi unomthwalo wemfanelo  wokuqikelela. Ubudedengu kanye/noma ukuhumusha okungekho ezingeni elifanele kungaba nomphumela omubi emsebenzini wekhasimende futhi kuphumele ekutheni umhumushi aboshwe. Umhumushi angavikelwa kuphela yisivivinyo se-‘reasonable translator’– yiziphi izinyathelo ebezingathathwa umhumushi onokucabangela kule ndaba? Umhumushi angalindeleka ukuba athathe zonke izivikelo ezinengqondo ukuqinisekisa umsebenzi omuhle nongenayo imiphumela emibi, kodwa ngaphandle kokubophezelwa yikontraki ukwenza kanjalo akunasidingo sokwenza okungale kwalokhu.
  Umthetho wenzelwe ukuvikela abathengi, kodwa futhi ungaba nemiphumela engemihle kubona, njengo intengo ingakhuphuka ngenxa yalabo abenza umsebenzi bethatha izinyathelo ezengeziwe zokuzivikela kanye nethuba lamacala mbumbulu. Nangaphezu kwalokho izinkampani ezincane zingafuna ukujoyina ezinye, ukuze babe nokuvikela okuthe xaxa.
  Abahumushi abavamile bangazivikela kanjani? Badinga ukuqonda lokho okuqondwe ilomthetho futhi bathathe izinyathelo ezifanele ukuzivikela. Funda umthetho futhi wazi ukuthi yini ongaboshelwa yona.
Amalungu
Amalungu Amasha: David A-Souop Wafo, Stefano Azzali, Nathan Barnes, Gina Brazier, Antoine Caradonna, Albie de Beer, Herman du Toit, Xany du Toit, Fuma Dyubhele, Catherine Garson, Jennifer Goldrick, Jeanie Goodrum, Alan Gray, Wilmarie Hagan, Henry Janse van Rensburg, Tilla Jansen van Vuuren, Ma'k Keetile, Ziggie Keil, Kirstin Kilian, Sarah Kirton, Mathilda le Roux, Celeste Litkie, Nicole Lombard, Kai Lossgott, Annarita Louw, Mteteleli Mangcunyana, Theresa Marx, Lebohang Mathibela, Emma Matubatuba, Aquilina Mawadsa, Vuyokazi Mbele-Ludidi, Hannelien Meyer, Robert Mojela, Tshedi Mokaeane, Mapule Moswane, Kefuwe Motsie, Jane Murray, Denis Ngcangca, Mkhululi Ngxumza, Thandani Nqunqutha, Sophy Shai, Suzaan Schültz, Sanet Steyn, Tim Stones, Diana Strydom, Wilmie van Schalkwyk, Ernie Venter, Simone Wilcock, Arina Wilson, Celeste Wood, Charles You
Abasulile: Martins Bauwens, Andrea Bongiorni, Christopher Browne, Susan Fraser Cesati, Jean René Derché, Jacques de Villiers, Carla Frontini, Erika Frouws, Zani Kemp, Win Phillips, Sara-Jane Portmann, Hester Smith, Kobus van Rensburg, Karma van Wyk, Heidi von Platen
Abasanda kuqinisekiswa: Yvonne Smuts ukuhumusha isiNgisi-isiBhunu
Okuthakazelisayo
I-Translation Bureau kaHulumeni wase-Canada iye yalungisa i-Language Portal yase-Canada futhi iqoqela ndawonye izinsiza zolimi zase-Canada kwi-site eyodwa. Futhi kule portal ungakwazi ukufinyelela ngaphandle kokukhokha i-TERMIUM Plus®, okungamatemu kanye nebhange le-data yolimi kaHulumeni wase-Canada, kunamatemu angu- 3 900 000, kuhlanganisa nangu-200 000 esiPanishi. Futhi le portal iyisango lokukudlulisela kwezinye  izinsiza ezitholakala online. Okuqukethwe yile Portal kuhlala kuthuthukiswa njalo ngesonto ngabasebenza ngolmi abachwepheshile abahlala bebheka ezentuthuko kulo mkhakha. Iya ku-www.ourlanguages.gc.ca
Izintshicilelo
I-IATIS, i-International Association for Translation kanye ne-Intercultural Studies, imemezele ukukhishwa kwesihlanu online - kwe-New Voices in Translation Studies, uluhlangazinsa izindaba ezinhlanu zabacubunguli abancane kanye nezindatshana ezingu 13 zakamuva zethesis ye PhD. Laba babhali abahlanu  badingisa izihloko eziningi ezahlukene, bebhekisisa izindlea okusetshenzwa ngazo manje futhi behlongoza ezintsha. Ukuhunyuswa komsebenzi wezonkolo kuhlala kuthakazelisa kuzo zombili izinhlangathi, futhi kuxhomeke ekuboneni kwabahumushi. Le journal iyatholaka kwi website yaka IATIS, www.iatis.org, ethi www.iatis.org/newvoices/contents 2009.php.
I-The Interpreter and Translator Trainer Vol. 4 No. 1 2010 iyatholakala kulabo abangama-subscriber ku-www. stjerome.co.uk/periodicals/journal.php?j=107&v=719&i=720. Kulolu hlu kukhona ne-article ebhalwe ilungu le-SATI uDkt. Kobus Marais.
Imicimbi nezimemo zamaphepha
I-International Maastricht-Łódź Duo Colloquium on Translation and Meaning 2010: isiwombe saseMaastrich: Maastricht School of International Communication, ENetherlands, 19–22 Meyi 2010. Injongo yale colloquium iwukuhlinzeka isithangami sengxoxo phakathi kwabethiyori lokuhumusha/-tolika kanye nabasebenzayo ngezingqinamba zencazo (meaning) lapho kuhunyushwa noma kutolikwa. Isiwombe saseMaastrich sizogxila ekusebenzeni. Imfomesheni eyengeziwe: Dkt. Marcel Thelen (m.m.g.j.thelen@hszuyd.nl) noma http://www.translation-and-meaning.nl
I-International Terminology Summer School 2010 (TSS 2010): ENyuvesi yaseVienna, Austria. 24–28 Meyi 2010, ihlelwe ngokubambisana yi- TermNet (International Network for Terminology) ne-Centre for Translation Studies. I-TSS iyi-course yokuqeqeshwa yeviki elilodwa egxile ekuprakthizeni engokulawulwa kwamatemu. I-TSS ihloselwe abasebenzayo (practitioners), izitshudeni,kanye nososayensi abafuna ukwethulwa okusabalele, kweqophelo-ngqangi kutheyori kanye nensebenzo (practice) ngamatemu. Imfomesheni eyengeziwe: 
www.termnet.org/english/events/tss_2010/index.php. 
I-International Technical Translation Conference: E-Universidade Nova, Lisbon, Portugal, 28-29 Meyi 2010. Ihlelwe yi-Tradulinguas kanye nabanye ochwepheshe bokuhumusha oku-technical, le nkomfa izoba nezinsuku ezimbili ezigcwele zeziwombe zokufunda ngokwenza – amashabhu okuhumusha namatemu (ngesiPutukezi, isiNgisi nesiPanishi, nangezinye izilimi uma kunokwenzeka) kwenzelwa umhumushi notolika wezinto ezi-technical, zobunjiniyela, zesayensi nezezimboni. Imfomesehni eyengeziwe: http://www.tradulinguas.com/conf-tech/
I-International Conference on Translation: The paratextual elements in translation and the 1st International Symposium for Young Researchers in Translation, Interpreting and Intercultural Studies: E-Autonomous University of Barcelona, eSpaniya, 21-23 Juni 2010. Le nkomfa izohlanganisa izihloko ezihlobene ne-paratextual polyhedron ezifundweni zokuhumusha futhi uchunge lwezinkulumo lunike ithuba kubacwaningi abasebasha abasaqalisa umgudu-msebenzi (career) wabo wemfundo ukwethula umsebenzi wabo. Ukuthola imfomesheni eyengeziwe: www.fti.uab.es/departament/ congres-simposi/international-conference-on-translation/ index.htm
I-Critical Link 2010: Interpreting in a Changing Landscape (ukuhumusha ezweni elishintshayo). E-Aston University, Birmingham, UK, 26–30 Julayi 2010. Injongo yale nkomfa iwukumfumfutha izici ezingokwepolitiki, ezingokomthetho, zamalungelo abantu, ezeqa imingcele yobuzwe, ezingokomnotho, ezingokwenhlalo nesiko-mpilo nezingokwenhlalo nolimi zenkonzo kawonkewonke/ ukutolikela umphakathi. Uhlelo lwedrafu luzotholakala ngomhla ka-1 Meyi 2010. Ukuthola imfomesheni eyengeziwe vakashela i-website ye-Critical Link 6 e-http://www.aston.ac.uk/CL2010 noma thinta uSlz. Christina Schaeffner e-c.schaeffner@aston.ac.uk
I-TKE (Terminology and Knowledge Engineering) Conference 2010: EDublin University, Ireland, 12-13 Agasti 2010. Le nkomfa imayelana nokugqugquzelwa kolwazi kanye nokudluliselwa kolwazi lomkhakha othile mayelana noxhumano lolimi olukhethekile okuncike kuzinqubo kanye nedatha kwezamatemu. Izogxila ikakhulukazi kundikimba yokwethulwa kwezinsiza-kusebenza zobunjiniyela kwezamatemu nolwazi ezikuntanethi. Imfomesheni eyengeziwe: 
http://www.dcu.ie/fiontar/conference/home_baile.shtml
Umhlangano-jikelele wonyaka nenkomfa yaminyaka yonke yama-21 ye-Society for Editors and Proofreaders (SfEP): ENyuvesi yaseStrathclyde, Glasgow, UK, 4–6 Septemba 2010. Le nkomfa izohlanganisa ama-seminar abandakanya izihloko ezinjenge-interface ye- typesetter-copy-editor, ezenaba ngezinkundla ze-internet zomphakathi ngenjongo yokwazana nabanye kobuchwepheshe, kanye nokuziphatha nokweba umsebenzi wabanye (plagiarism) ekushicileleni, kanye namashabhu ahlukahlukene. Ukubhuka kuvala ngomhla ka-9 Julayi 2010. Imfomesheni eyengeziwe: www.sfep.org.uk/pub/confs/conf10/conf2010_advance.asp 
 
I-International Maastricht-Łódź Duo Colloquium on Translation and Meaning 2010 yesi-5: Łódź session: ENyuvesi yaseŁódź, Poland, 16–19 Septemba 2010. Inhloso yale colloquium ukunikeza isigcawu sezinga lomhlaba lapho kuzobanjwa izingxoxo phakathi kwabethiyori yokuhumusha/-kutolika nabasebenzi mayelana nezingqinamba ezithinta incazo ekuhumusheni nasekutolikeni. Lo mhlangano wase-Łódź uzogxila kuthiyori. Imfomesheni eyengeziwe: Slz. Barbara Lewandowska-Tomaszczyk (duoduo@uni.lodz.pl) noma: http://www.translation-and-meaning.nl
I-TM-Europe 2010 International Translation Management Conference: EKraków, Poland, 30 Septemba–1 Okthoba, 2010. Isihloko: Project and Technology Management, and Business Optimisation for the Translation and Localisation Industry. Amashabhu okwendlalela le nkomfa ngomhla ka-29 Septemba 2010. Kumenywa iziphakamiso zezethulo, amaphaneli kanye namashabhu. Usuku lokuvala ngokulethwayo: 7 Meyi 2010. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.tm-europe.org. 
I-International Congress of the Names Society of Southern Africa (NSA): Homo Nominans ye-16 – Mankind, the namer: Izobanjelwa e-Club Mykonos, Ntshonalanga Koloni, 26–28 Okthoba 2010. Le nkomfa izobheka ukwethiwa kwamagama kanye nogqozi olungenakuvinjelwa lwabantu ukwetheni izinto amagama. Ukuthola imfomesheni eyengeziwe xhumana noBertie Neethling e-bneethling@uwc.ac.za.
I-Cologne Conference on Specialised Translation: E-Cologne University of Applied Sciences, eJalimane, 21–22 Okthoba 2010. Ukufaneleka okwandayo kokuhumusha okukhethekile emagatsheni asetshenziswayo ezifundo zokuhumusha kuye kwaletha ukucatshangelwa okunzulu ngokuthe xaxa kokuhumusha okukhethekile emagatsheni ethiyori/achazayo alo mkhakha. Le nkomfa izogxila ezindleleni ezintsha zokwenza ukuhumusha okukhethekile. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.f03.fh-koeln.de/ fakultaet/itmk/fachgebiete/konferenzen/00558/index.html
I-National Conference and International Forum on Interpreting yesi-8 eShayina: E-Sichuan University, Chengdu, 15-16 Okthoba 2010. Isihloko: Interpreting in the Age of Globalization. Imfomesheni eyengeziwe: www.kouyi8.org, www.flc.scu.edu.cn, www.tac-online.org.cn or www.fltrp.com. 
I-International Postgraduate Conference in Translation and Interpreting (IPCITI) 2010: From Reflection to Refraction – New perspectives, new settings and new impacts: ENyuvesi yaseManchester, UK, 29–31 Okthoba 2010. Lena yinkomfa yesithupha kulolu chunge,ehloselwe ukunika abacwaningi abasebasha ithuba lokubamba iqhaza emcimbini obalulekile wamazwe wokwazana nabanye. Umnqamula-juqu ngezifushaniso wumhla ka-30 Mashi 2010. Imibuzo kufaneke ubhekiswe e-ipciti2010@manchester.ac.uk. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.ipciti.org.uk/
I-SCREENIT 2010: The changing face of screen translation: ENyuvesi yaseBologna, Italiya, 20–22 Okthoba 2010. Izincomo zezethulo kanye namaphowusta kuyo yonke imikhakha yokuhumusha kwesikrini kufanele kuthunyelwe ungakedluli umhla ka-15 Aprili 2010 ku-screenit2010@sslmit.unibo.it. I-website yale nkomfa isakhiwa.
Translation and Interpretation in a Multilingual Context: International Conference on Translation and Interpretation: Bangkok, Thailand, 1–3 November 2010. More information: http://www.ictithailand.com/.
Ukuhumusha Nokutolika Endaweni Endiminingi: Inkomfa Yamazwe Ngokuhumusha Nokutolika: EBangkok, Thailand, 1–3 Novemba 2010. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.ictithailand.com/.
I-FIT Asian Translators' Forum Yesi-6: Translation and Intercultural Communication: Past, Present and Future: EMacao, eShayina, 6–8 Novemba 2010. Imfomesheni eyengeziwe: www.umac.mo/fsh/de/atf/index.htm
Ukuhumusha Okuza Ngamamodi Amaningi: ENyuvesi yasePortsmouth, UK, 6 Novemba 2010. Ngokuvamile kuhunyushwa igama elibhaliwe, kodwa namuhla ezweni elizungezwe yizinto ezimamodi-maningi (multimodal environment) abahumushi kumelwe banake nanezinye izinto zokunika izimpawu (izithombe ezinganyakazi nezinyakazayo, imidwebo, ukuqanjwa komculo – music typography – noma ukumiswa kwekhasi lephepha (page layout). Kumenywa iminikelo ngezinselelo ezilethwa yi-multimodality. Imibuzo kanye na-/noma izifushaniso ezimagama angama-300 kufanele kuthunyelwe kuCarol O’Sullivan e-carol.osullivan@port.ac.uk ungakedluli umhla ka-30 Juni 2010. Imfomesheni eyengeziwe: www.port.ac.uk/translationconference.
Izilimi Zokuvakasha: Isiko-mpilo, Ukuxhumana Nokuhumusha Emhlabeni Onabantu Abahlala Behamba: ELeeds Metropolitan University, UK, 3–5 Disemba 2010. Izifushaniso Zenkomfa Yaminyaka Yonke ye-10 ye-International Association of Languages and Intercultural Communication kufanele zithunyelwe ku-Jane Wilkinson at IALIC2010@leeds.ac.uk ungakedluli umhla ka-1 Juni 2010. Imfomesheni eyengeziwe: www.leeds. ac.uk/german/ialic_conference_2010.htm 
Isihloko esithi Writing past each other? Literary translation and community: Inkomfa Yamazwe Ngokuhunyushwa Kobucikomazwi (literature), eWellington, New Zealand, 11-13 Disemba 2010. Imfomseheni eyengeziwe: www.victoria.ac.nz/victoria-conferences/default.aspx. 
Bheka ikhalenda yemicimbi ye-FIT (http://members.fit-ift.org/calendar) ukuze uthole imininingwane yeminye imicimbi.
Inkumusho yesiBhunu: Mariènne Botha, Anne-Marie Mischke, Anne-Marie Beukes
Inkumusho yesiSuthu: Abel Mphanya
Inkumusho yesiXhosa: Sonwabile Cotiyana
Inkumusho yesiZulu: Lungile Zungu, Manzo Khulu
__________________________________________________________________________________________________________________
Ongabathinta e-SATI:			Marion Boers. Ucingo: 011 803 2681. Ifeksi: 0866 199 133. E-mail: publications@translators.org.za
						Irene Dippenaar. Ucingo: 079 492 9359. Ifeksi: 086 511 4971. E-mail: registrar@translators.org.za
