Imicimbi Ye-SATI Yokuzazanisa
UMichelle Rabie, oyilungu loMkhandlu we-SATI, uzokwethula ishabhu eKapa ngomhla ka-5 Agasti 2010. Ngaphansi kwesihloko esithi ‘Indlela Yokuzimaketha Njengomsebenzi Wolimi Oziqashile’, leli shabhu lizohlinzeka elihle kakhulu ithuba lokuzazanisa (network) namanye amalungu alo msebenzi wobuchwepheshe endaweni ehleleke kahle. Thinta uMichelle e-michelle@translators.org.za. Ukubhalisa kuvala ngomhla ka-28 Julayi 2010, kodwa musa ukuchitha isikhathi – bekisa indawo yakho kwanamuhla!
Leli shabhu kuseyilo leli elalibanjelwe ePitoli ngo-Aprili, futhi kwenziwa amalungiselelo okuliphinda.
UMbukiso Wezincwadi Wamazwe WaseKapa
Le CTIBF (Cape Town International Book Fair) izokwenzeka ukusuka ngomhla ka-30 Julayi ukuya ku-2 Agasti 2010 kanti i-SATI izobe ikhangisa ikanye ne-PEG ne-McGillivray Linnegar Associates. Uma ngabe uzowethamela lo Mbukiso, uze phela esitandini sethu uzosekela labo abaye bavolontiya ukusimelela. 
I-SATI izokwethula ngosuku olungolohwebo kuphela (Lwesihlanu, 30 Julayi): “Loko Abashicileli Okufanele Bakwazi Ngokuhumusha”. Amalungu emukelekile ukuthamela – futhi khuthazani amakhasimende enu ukuba nawo enze kanjalo. Isethulo sizokwenziwa ngo-15:00 eRumu 1.62 e-Cape Town International Convention Centre. 
Sizobe siphisana nangezikhwanyana ezinokukhala kahle kubavakashi abakhethiwe abeze esitandini se-SATI futhi amalungu angase athole ithuba lokuba amakhadi awo ebhizinisi noma ipheshana lesikhangiso (elingengaphezulu kuka-A5) kushuthekwe kulezi zikhwanyana – okungelihle ithuba lokuzazanisa nabanye! Thinta uMarion ukuze uthole imfomesheni eyengeziwe (office@translators.org.za).
INdebe Yomhlaba 2010
Ingabe nawe wawulapho? Uma ngabe wahlanganyela kunoma yiziphi izabelo zokuhumusha/ukutolika esiphathelene nalo mcimbi (ngaphambili, ngenkathi uqhubeka noma kamuva) sicela usazise ngako. Singathanda ukuhlamganisa umbiko ngohlobo lomsebenzi wolimi iNdebe Yomhlaba eyawudalela abaseNingizimu Afrika. Thumela imfomesheni kuMarion e-office@translators.org.za.
Izindaba ezivela ku-FIT
I-FIT iye yakhipha inhlamvu ekhululelwa abezindaba yethula isihloko esikhethelwe Usuku Lokuhumusha Lwamazwe 2010: “Iqophelo Lokuhumusha Lamazwi Ahlukahlukene”. Bheka i-http://www.fit-ift.org./download/en/pr-itd-2010.pdf. 
Ushicilelo lwamuva lwephephancwadi ye-FIT, i-Translatio, luyatholakala e-http://www.fit-ift.org./en/translatio-e.php futhi luhlanganisa umbiko ngemigubho ye-SATI yoSuku Lokuhumusha Lwamazwe ka-2009.
Inhlolovo yamanani akhokhiswayo ka-2010
Njengoba imiphumela yenhlolovo ka-2010 ibonisé ukuthi amanani akhokhiswayo (tariffs) awashintshanga ukusuka kunhlolovo yango-2008 (mhlawumbe ngenxa yesimo somnotho samanje), akuzukukhishwa mbiko kulo nyaka. I-SATI izoqhuba enye inhlolovo ngasekuqaleni kuka-2011 ukuze ilandele noma ziphi izinguquko. Siyanxusa kuwo onke amalungu ukuba ahlanganyele kulo mkhankaso: kunzima kabi ukuthola ukutomula imfomesheni enokwethenjelwa ekusabeleni okungekungaki. 
Amalungu
Amalungu amasha: Tracey Babb, Illona Meyer
Abaqinisekiselwe umsebenzi abasha: Simone van der Merwe: isiBhunu-isiNgisi ukuhumusha; Henry Janse van Rensburg: isiBhunu-isiNgisi ukuhumusha; Arina Wilson: isiNgisi-isiBhunu ukuhumusha
Iminikelo eSikhwameni Sokuthuthukisa: MA Grobbelaar, I Nkulu, B Nokele, K Wong Man Wan
Okuthakazelisayo
Kuye kwaxoxwa nelungu le-SATI u-Olivier Fléchais ohlelweni lomsakazo lwe-SAfm i-“Word of Mouth” ngomhla ka-27 Juni 2010 ngokusebenza njengotolika. Le podcast iyatholakala e-www.safm.co.za.
I-Proz.com izosingatha inkomfa yayo engabonakali (virtual) yesibili kamuva kulo nyaka. Isihloko sithi Translation3 (Ukuhunusha) kanti kuzobanjwa izinkomfa ezehlukene ezintathu ngomhla ka-30 Septemba 2010 (abasebenzi abaziqashile), 13 Okthoba (ama-agency okuhumusha) kanye no-10 Novemba 2010 (imboni ye-localisation/GILT). 
Bheka i-http://www.proz.com/translation3 ukuze uthole imfomesheni eyengeziwe. 
Isofthwe nama-website
Isichazamazwi sebhola lezinyawo esikulayini esihumusha amatemu ebhola lezinyawo ajwayelekile phakathi kwesiNgisi, isiJalimane, isiFrentshi, isiTaliyana kanye nesiPanishi siyatholakala e-http://football.cls.ch/dict/appl.do?a=home.
Izintshicilelo 
I-African Languages in a Digital Age: Challenges and opportunities for indigenous language computing, ka-Don Osborn (ISBN 978-07969-2249-6),eshicilelwe yi-HSRC Press. Le ncwadi ihlonza izingqinamba, okukhathazekwe ngako, okufanele kwenziwe kuqala kanye nemigudu yocwaningo ngokuphathelene ne-localisation e-Afrika nanendlela okubaluleke ngayo entuthukweni nasemfundweni enkathini ende. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.hsrcpress.ac.za/product.php?productid=2269
Imicimbi nezimemo zamaphepha
I-A Handle on Plain Language Issues and Practice: E-Cape Town International Convention Centre, 30 Julayi 2010. Leli shabhu elethulwa yinhlangano engumfowabo we-SATI i-Professional Editors’ Group (PEG), ikanye ne-Cape Town Book Fair’s Professional Development Programme, lidingida udaba olungundaba-mlonyeni lokuxhumana ngolimi olulula. Ukubhalisa kuvala ngomhla ka-23 Julayi 2010 futhi kulinganiselwe kwaba yi-100. Thinta i-ellynbarry@telkomsa.net ukuze uthole imfomesheni eyengeziwe.
I-Tips for Corporate Writers: Ishabhu losuku olulodwa eSikhungweni Sezilimi SaseNyuvesi YaseStellenbosch, 3 Agasti 2010. Usuku lokuvala ngezicelo wumhla ka-23 Julayi 2010. Ukuze uthole imfomesheni eyengeziwe thinta u-Audrey Poole ku-021 808 2167 noma e-taalsentrum@sun.ac.za
I-2010 Biennial National AUSIT Conference for Translators and Interpreters: E-Fremantle, Australia, 5–6 Novemba 2010. Isaphulelo esikhethekile sokushesha ubhalise sivala ngomhla ka-31 Julayi 2010. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.ausitconference.org/
I-2010 International Medical Interpreters Conference: Ensuring Patient Safety for Language Minority Patients: E-Harvard Medical School, Boston, USA, 3–5 Septemba 2010. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.imiaweb.org/conferences/2010conference.asp 
Inkomfa i-IALB-Tradulex – Languages and Business Today and Solutions for Tomorrow: E-Lisbon, Portugal, 1–2 Okthoba 2010. Njengoba igqugquzelwe yi-International Association Language and Business (IALB) kanye nenethweki yamazwe i-Tradulex, le nkomfa izogxila ezinguqukweni eziye zenzeka ezimbonini zolimi ngenxa yenhlekelele yezimali esanda kwenzeka emhlabeni wonke. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.ialb-tradulex.org/ 
I-International Conference and Exhibition on Language Transfer in Audiovisual Media Yesishiyagalombili: The Digital Revolution in the Field of Audiovisual Media – Boon or Bane? E-Berlin, Jalimene, 6–8 Okthoba 2010. Ababambi-qhaza bazodingida izinguquko nezindlela ezintsha emkhakheni wezindaba emhlabeni wonke ngokugxile ekudluliselweni ngolimi. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.languages-media.com/index.php 
I-LISA Forum Europe: E-Budapest, Hungary, 11–14 Okthoba 2010. I-Forum of the Localisation Industry Standards Association (LISA) izohlinzeka izethameli ngolwazi lwamuva ngeqophelo (quality): indlela eliqondwa futhi lilinganiswe ngayo nokuthi liyithinta kanjani imisebenzi yebhizinisi. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.lisa.org/LISA-Forum-Europe.1426.0.html 
I-International Conference on Interpreting Quality Yesibili: E-Almuñécar, Spaniya, 24–26 Mashi 2011. Le nkomfa izobe igxile eqophelweni lokutolika ulimi kuzo zonke izimo (inkomfa, inkonzo yomphakathi, ulimi lwezandla, njl.) Izifushaniso (300-350 amagama) kufanele zithunyelwe e-ecis.granada@gmail.com ungakedluli umhla ka-20 Okthoba 2010. Imfomesheni eyengeziwe: http://ecis.ugr.es/2011.htm
I-International Congress of the Names Society of Southern Africa (NSA) ye-16: Homo Nominans – Mankind, the namer: E-Club Mykonos, Ntshonalanga Koloni, 26–28 Okthoba 2010. Le nkomfa izobheka umkhakha wokwethiwa kwamagama kanye nogqozi olungenakuvinjelwa lwesintu lokwetha izinto amagama. Ukuze uthole imfomesheni eyengeziwe thinta uBertie Neethling e-bneethling@uwc.ac.za.
I-International Postgraduate Conference in Translation and Interpreting (IPCITI) 2010: From Reflection to Refraction – New perspectives, new settings and new impacts: ENyuvesi yaseManchester, UK, 29–31 Okthoba 2010. Lena yinkomfa yesithupha kulolu chunge oluhloselwe ukunika abacwaningi abasebasha ithuba lokuhlanganyela nabanye ucwaningo lwabo kanye nokubamba iqhaza esenzakalweni sokunethweka (sokuzazanisa nabanye) samazwe esibalulekile. Imibuzo kufanele ibhekiswe e-ipciti2010@manchester.ac.uk. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.ipciti.org.uk/    
I-Summer School for Translation Studies in Africa: ENyuvesi yaseStellenbosch, 29 Novemba–4 Disemba 2010. Njengoba sethulwa wuMnyango We-Afroasiatic Studies, Sign Language and Language Practice e-Nyuvesi yaseFlestata kanye noMnyango wesiBhuni nesiDashi eNyuvesi yaseStellenbosch, lesi Sikole Sasehlobo sihloselwe izitshudeni zebanga leziqu zobudokotela kanye na-/noma ama-lecturer ezifundo zokuhumusha ngenjongo yokusebenza kubhekiswe kokwase-Afrika ngezifundo zokuhumusha. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.ufs.ac.za/SSTSA  
I-International Conference on Translation and Accessibility in Video Games and Virtual Worlds: E-Universitat Autónoma de Barcelona, Spaniya, 2-3 Disembar 2010. Le nkomfa ihlose ukuqoqela ndawonye bonke labo abanesithathazelo emikhakheni ye-game localisation and accessiblity kanye nendima yokuhumusha emihlabeni-mfaniswa (virtual worlds). Imfomesheni eyengeziwe: http://jornades.uab.cat/videogamesaccess/
I-FIT XIX World Congress: E-San Francisco, USA, 1–4 Agasti 2011. Isihloko sale ngqungquthela sithi “Bridging Cultures”. Umnqamulajuqu weziphakamiso zezethulo wumhla ka-10 Disemba 2010. Imfomesheni eyengeziwe: www.fit2011.org
Inkumusho yesiXhosa: Sonwabile Cotiyana, Thokozile Mabeqa 
Inkumusho yesiSwazi: Benjie Shongwe 
Inkumusho yesiTswana: Peter Mekgwe, Ramodima Moikanyang 
Inkumusho yesiZulu: Manzo Khulu
Inkumusho yesiSuthu: Abel Mphanya
Inkumusho yesiPedi: Mapule Moswane
Inkumusho yesiBhunu: Wilna Liebenberg, Elsie Fourie,Bridget Claasen
Ongabathinta e-SATI:			Marion Boers. Ucingo: 011 803 2681. Ifeksi: 0866 199 133. E-mail: office@translators.org.za
Irene Dippenaar. Ucingo: 079 492 9359. Ifeksi: 086 511 4971. E-mail: registrar@translators.org.za
