     

IX / 6 (2009)

____________________________________________________________________________





Njengoba sekuya ngasekupheleni konyaka, sifisela onke amalungu ethu  inkathi yamaholidi enenjabulo, futhi sethemba ukuthi nizongena onyakeni ka-2010 niphumule kahle futhi senikulungele ukubhekana nezinselelo zonyaka omusha.



Inkokhelo yobulungu ka-2010

Ama-invoyisi okukhokhela ubulungu bangonyaka ozayo azothunyelwa ngamameyili ekuqaleni kwenyanga kaJanuwari. Sicela ukuba usithinte uma ungayitholanga eyakho kwaze kwaba phakathi naphakathi nenyanga. Khumbula ukuthi inkokhelo yobulungu kumele yenziwe ngaphambi kokuphela kwenyanga kaMashi.



UMhlangano-Jikelele woNyaka ka-2010

Khumbula ukuthi ngokuhambisana nomthetho-sisekelo wethu omusha uMhlangano-Jikelele woNyaka ka-2010 weNhlangano  uzoshesha ukubanjwa onyakeni kunakuqala. Ngakho-ke bekisa oLwesihlanu lwangomhla wama-26 Febhuwari kudayari yakho; imininingwane izotholakala ngoJanuwari, kodwa okwamanje singakusho ukuthi uMhlangano-Jikelele woNyaka uzolandelwa yi-seminar ezobe idingida inkambiso elungile.



Izindaba ezivela ku-FIT

IKomiti LeSigungu Esiphethe le-International Federation of Translators (FIT) lizobambela umhlangano walo eGoli ngomhla wesi-6 nangomhla wesi-7 Febhuwari 2010. Lo mhlangano uzobe uvulelekile kuzingqapheli eziphuma ezinhlanganweni ezingamalungu ale nhlangano, ngakho-ke uma ungathanda ukwethamela ingxenye yalo mhlangano ngenhloso yokuzobona eduze ukuthi i-FIT isebenza kanjani, yazisa uMarion Boers.



Yana kuWebhusayithi ye-FIT (www.fit-ift.org); lapho uzothola imfomesheni enhlobonhlobo ethakazelisayo.



Ubulungu

Amalungu amasha: Pierrot Bajika, Lee Beeslaar, Lucie Bougerol Ratabouil, Corinne Capela, Rina Coetzee, Marc de Bruyn, Géraldine de Maudave Bestel, Mthokozisi Dlalisa, Ndumiso Dlamini, Gertruida du Buisson, Anita du Plessis, Elizabeth du Preez, Jacob Filtane, Nick Foster, Charl Hattingh, Al Homan, Tracy Huang, Abdelrahim Ibrahim, Mahomed Kazee, Annie Kraay, John Laurie, Piet Lerm, Laureen Maartens, Khazamula Maluleke, Mpumi Mnisi, Mamokgabo Mogodi, Mpho Monareng, Anita Morkel, Julia Pedro, Elma Potgieter, Alrine Rodgers, Yahia Sabah, Yacoub Sabah, Nadia Sabbah, Anja Schiegl, Sanette Schutte, Yvonne Smuts, Dina Steyn, Lerato Tsehloane, Barcley Tshilengi, Madré van der Merwe, Simone van der Merwe, Paul van Rooyen, Henriette Visser

Amalungu amasha aqinisekiswe: uTisa Viviers: ukuhlela ngesiBhunu; Carine Janse van Rensburg: ukuhumusha ngesiNgisi-isiBhunu



Okuthakazelisayo



Sekuvuliwe ukuqoka kanye nokuvotela abazothola iMiklomelo ye-Inttranet Linguists of the Year 2009, emayelana nokubongwa kwalabo basebenzi bezilimi kulo nyaka okuthe basiza ekuqwashiseni umphakathi ngokubaluleka kwabasebenza ngezilimi kanye nokubaluleka kwezilimi. Kuqokwa abantu bese kuthi odle umhlanganiso aqokwe ngamalungu e-Inttranet, okuyinethweki esezingeni lomhlaba lotolika nabahumushi, kanye nabafundi be-Inttranews, okuyibhulethini yansuku zonke yale nethweki. Odle umhlanganiso kule Miklomelo uyomenyelwa ukuba anikele ngemali enhlanganweni ezisiza amakhaya abantulayo ayikhethayo. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.inttra.net/linguists_of_the_year/ 



I-Imperial College London izobe iqhuba uhlelo lwayo olwaziwayo lwe-e-learning lwamasonto ayi-11 olumayelana ne-localisation ye-software nemidlalo olwenzelwa abahumushi oluzoba mhla we-11 Januwari kuze kube ngumhla wama-26 Mashi 2010. Le course izoba ngolukhulu usizo kunoma ubani osathanda ukufunda aqhubeke kule mboni yokuhumusha, kanti lesi yisinyathelo esibalulekile sokuba yi-localiser ye-software. Imfomesheni eyengeziwe: http://www3.imperial.ac.uk/cpd/courses/subject/other/localisation



I-Software namaWebhusayithi 



I-TAUS Data Association (TDA) isithule i-version entsha yenjini yabo yokusesha ulimi engakhokhelwa ebizwa ngokuthi yi-TAUS Search kanye newijethi entsha ukuze labo abayisebenzisayo bakwazi ukusesha amamemori omhlaba okuhumusha kuma-desktop abo ngqo. I-TAUS Search inezici ezinjengokuhumusha okwenziwe ngekhompuyutha, ukuhumusha kokubuyisela olimini lwasekuqaleni, ukusesha okwenziwa ngumnikazi we-data, imboni, uhlobo lokuqukethwe, ucezu lwenkulumo, njl. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.tausdata.org



I-CSOFT International, Ltd., engumhlinzeki we-localisation endiminingi, ukuhlola nokuthuthukiswa kwe-software, yethule ngokusemthethweni i-L10NWorks, okuyintuba yewebhu exhaswe yinkampani nengacheme namthengisi futhi etholakala mahhala kubasebenzisi bayo. Vakashela: http://www.l10nworks.com/ mayelana nazo zonke izindaba zakamuva eziqondene ne-localisation, okufaka phakathi amathuluzi nezingqungquthela okungakhokhelwa.



I-Translia yisevisi entsha yokuhumusha ngentanethi yamakhasimende kanye nabahumushi. Abahumushi bangathola izaziso zemisebenzi, bakhokhelwe ngale webhusayithi futhi bajoyine nezingqungquthela ezihlukahlukene. Vakashela: www.translia.com.  



I-Blogos yiwebhusayithi ethungatha izindaba kanye nemibono mayelana nemboni yomhlaba yezilimi. Ihlangansia ubundiminingi, ukuhumusha, i-localisation kanye nabaphawuli bomhlaba, ubuchwepheshe obufufusayo, izinto ezenziwayo ezintsha nokunye. Vakashela: http://www.multilingualblog.com/index.php   



I-Proz.com inama-seminar ewebhu amaningana atholakala kuntanethi kanye nezinhlelo zokuqeqeshwa oziphothula ngesakho isikhathi ezizobe zitholakala kulezi zinyanga ezimbalwa ezilandelayo, ezihlanganisa izihloko ezinjengamakhono okubonisana nawamabhizinisi kulabo abazisebenzelayo; i-Wordfast, i-SDL Trados kanye namanye amathuluzi e-CAT; i-localisation; ukuhumusha ezomthetho kanye nezifundo zezilimi. Ukuthola olunye ulwazi vakashela: http://www.proz.com/training 



Izintshicilelo



I-Interpreting and Translating in Public Service Settings: Policy, practice, pedagogy, ehlelwe nguRaquel de Pedro Ricoy, no-Isabelle Perez kanye noChristine Wilson. ISBN 1-905763-16-0. Leli qoqo lama-eseyi ahlaziywe azinza linikeza ukukhanya okusha ngobuqiniso bokusebenzisana ezimweni zomkhakha kawonkewonke nangezindima nezikhundla kwalabo ababambe iqhaza ngokucela inselelo kumamodeli nezindlela okubhekwa ngazo izinto okukhona njengamanje. Imfomesheni eyengeziwe:

http://www.stjerome.co.uk/page.php?id=533&doctype=StJBooks&section=3



I-Decolonizing Translation: Francophone African novels in English translation, ebhalwe nguKathryn Batchelor. ISBN 1-905763-17-7. Njengoba ididiyela yonke imibhalo yase-Afrika yabakhuluma isiFulentshi ezansi kweSahara eyake yashicilelwa ngesiNgisi, le ncwadi icubungula izindlela zobuchule abahumushi abasingatha ngazo izici ezifana nokweboleka ezilimini zabaNsundu, amagama amasha kanye nobunye ubunyoningco bangabomu bolimi lwesiFulentshi, ukukhombisa ukwehlukahluka kolimi ngokwezigaba zenhlalo yabantu, kanye nezinye izinhlobonhlobo zokudlala ngamazwi. Lapha kuphenywa ngezimemo zenqubo yokuhumusha osekusukile emqondweni wokubuswa ngelinye izwe kanye noshintsho ezifundweni zokuhumusha emva kokuba izwe likhululekile ekubusweni ngelinye. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.stjerome.co.uk/page.php?id=537&doctype=StJBooks&section=3



I-Translating China, ehlelwe nguXuanmin Luo benoYuanjian He. ISBN 9781847691873. Le ncwadi iyiqoqo lama-eseyi amayelana nokuhumusha izinhlobo ezahlukene zemibhalo (ezobucikomazwi, ezenkolo, ezombusazwe, njl.) kuyiswa olimini lwesiShayina nangokususela kulo. Kubhekwe kakhulu ukuthi lezi zihumusho zenziwe futhi zasakazwa kanjani ukusuka ezikhathini zasendulo ukuza kwezamanje kanye nemithelela yazo kusikompilo nenhlalo emphakathini mayelana nokushintsha komlando wesiShayina kanye nezifundo zokuhumusha isiShayina.



Imicimbi kanye nezimemo zezethulo



I-Effective minutes for successful meetings: Inkundla yokucobelelana ngolwazi ezothatha usuku lonke e-Stellenbosch University Language Centre, ngomhla wesi-3 Febhuwari 2010. Imfomesheni namafomu okubhalisa: http://www.sun.ac.za/taalsentrum. Imibuzo: Audrey Poole e: taalsentrum@sun.ac.za noma kushayelwe le nombolo: 021 808 2167. Usuku lokuvala mayelana nokubhalisa: 25 Januwari 2010.



I-Asian Translation Traditions Conference yesi-4: E-Chinese University of Hong Kong, 15–17 Disemba 2010. Ngale nkomfa kuhloswe ukufaka inselelo ngokuchema kokwabelungu kweZifundo zoKuhumusha ngokuphenya ukunotha kanye nokwahlukahluka kwemibhalo engeyona eyabelungu kanye nezinqubo zokuhumusha. Kuzogxilwa kulokho kushintshisana okwenzeka ekuhumusheni phakathi kwezilimi ezingezona ezabelungu kanye noshintsho nokuqhubeka kwamasiko kwezokuhumusha kwase-Asiya. Umnqamula juqu wokuthunyelwa kwezifingqo (250 amagama): 31 Disemba 2009. Imfomesheni eyengeziwe: asiantranslation4@cuhk.edu.hk noma:

http://www.asiantranslation4@cuhk.edu.hk (isayithi isakhiwa)



I-Teaching and Researching Foreign Languages and Translation: inkomfa yamazwe yesi-2: E-Buenos Aires, e-Argentina, 1–3 Juni 2010. Ngale nkomfa kuhloswe ukunikeza ithuba kubacwaningi, abasebenza ngolimi, nabafundi boKufundisa noKuhumusha Ngezilimi Zangaphandle ukuba bacobelelane ngomsebenzi wabo nalokho abahlangabezana nakho ocwaningweni kulo mkhakha. Izifingqo, okungaba kuhle zibe ngesiPanishi, kufanele ukuba zithunyelwe ku-jornadaslenguasvivas2010@gmail.com engakadluli umhla we-15 Febhuwari 2010.



I- International Congress of the Names Society of Southern Africa (NSA): Homo Nominans ye-16 – Mankind, the namer: Izobanjelwa eClub Mykonos, Ntshonalanga Koloni, 26–28 Okthoba 2010. Le nkomfa izobheka ukwethiwa kwamagama kanye nogqozi olungenakuvinjelwa lwabantu ukwetheni izinto amagama. Abafundi abakumkhakha wokwethiwa kwamagama bayamenywa ukuba bathumele izethulo zabo ngaphambi komhla wama-28 Febhuwari 2010. Ukuthola imfomesheni eyengeziwe xhumana noBertie Neethling e-bneethling@uwc.ac.za.



I-Translation Colloquium/International Conference ye-14: Translating classics, ancient and modern: Izobanjelwa e-University of Vic, Catalonia, eSpaniya, 17–18 Mashi 2010. Kule nkomfa kuzodingidwa ukuhunyushwa kwemibhalo yazo zonke izikhathi kanye nezindawo, ihunyushelwa olimini lwesi-Catalan, kanye nokuhunyushwa kwemibhalo yolimi lwesi-Catalan yazo zonke izikhathi ihunyushelwa kwezinye izilimi. Ukuthola imfomesheni eyengeziwe, thumela imeyili ku: jornades_trad@uvic.cat.



I-FIT Asian Translators’ Forum yesi-6: Translation and Intercultural Communication: Past, present and future: Le ngqungquthela izobanjelwa e-University of Macau, 6–8 Novemba 2010 (izobanjwa ngokubambisana ne-Federation of Translators and Interpreters of Macau). Lesi sigcawu, esibanjwa njalo emva kweminyaka emithathu, singumcimbi obalulekile kumphakathi wokuhumusha wesifunda sase-Asiya. Izihloko zihlanganisa ukuhumusha kanye nezifundo zamasiko ezinhlanga ezehlukene; umlando wokuhumusha namasiko eMacau nase-Asiya; ukuhumusha kwezokukhenketha, imithombo yezindaba, ezobunxusa, ezamabhizinisi, ezomthetho kanye nobucikomazwi; ukufundisa ngokuhumusha; ukuqeqeshwa kwabahumushi; ubuchwepheshe bezokuhumusha kanye nokushicilela. Izifingqo kufanele zithunyelwe ku: atf2010papers@gmail.com ungakadluli umhla wama-31 Mashi 2010.



I-Research Models in Translation Studies II: E-Manchester Conference Centre, UK, 19 Aprili kuya kumhla ku-1 Meyi 2011. Le nkomfa inikezela ngethuba lenkulumo-mpikiswano egxilile emayelana nesimo kanye nohlangothi okumele kuthathwe wucwaningo kwezokuhumusha engqikithini yezomhlaba. Izifingqo ezinamzwi angama-300-500 kufanelele zithunyelwe ungakadluli umhla we-15 Meyi 2010 kuSlz. Mona Baker (mona.baker@manchester.ac.uk). Imfomesheni eyengeziwe: http://www.llc.manchester.ac.uk/ctis/activities/conferences/researchmodels2/



I-International Maastricht-Łódź Duo Colloquium on Translation and Meaning 2010 yesi-5: Maastricht session: I-Maastricht School of International Communication, eNetherlands, 19–22 Meyi 2010. Inhloso yale seminar ukunikezela ngesigcawu sezinga lomhlaba lapho kuzokwenziwa khona izingxoxo phakathi kwabasebenzi kanye nabethiyori kwezokuhumusha/ukutolika ngezingqinamba  zencazelo (meaning) euhumusheni nasekutolikeni. Lo mhlangano wase-Maastricht uzogxila enqubweni. Imfomesheni eyengeziwe: noDkt Marcel Thelen (m.m.g.j.thelen@hszuyd.nl) noma uvakashele:

http://www.translation-and-meaning.nl



I-International Technical Translation Conference: E-Universidade Nova, Lisbon, ePortugal, 28-29 Meyi 2010. Njengoba ihlelwe yi-Tradulínguas kanye nabanye ochwepheshe bokuhumusha emikhakheni yolwazi oluthile, le nkomfa izoba yizinsuku ezimbili ezigcwele zemihlangano lapho kufundwa khona ngenqubo – izinkundla zokucobelelana kwezokuhumusha nokwakhiwa kwamatemu (ngesiPutukezi, isiNgisi kanye nesiPanishi, nanezinye izilimi uma kunokwenzeka) – lezi zinkundla kuzobe kungezabahumushi notolika emikhakheni yolwazi oluthile ngezinto, zobunjiniyela, zezesayensi zezezimboni. Ukuthola olunye ulwazi vakashela: http://www.tradulinguas.com/conf-tech/ 



I-TKE (Terminology and Knowledge Engineering) Conference 2010: Izobanjelwa eDublin University, Ireland, 12-13 Agasti 2010. Le nkomfa imayelana nokugqugquzelwa kolwazi kanye nokudluliselwa kolwazi lomkhakha othile mayelana noxhumano lolimi olukhethekile okuncike kuzinqubo kanye nedatha kwezamatemu. Izogxila ikakhulukazi kundikimba yokwethulwa kwezinsizakusebenza zobunjiniyela kwezamatemu nolwazi ezikuntanethi. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.dcu.ie/fiontar/conference/home_baile.shtml



I-International Maastricht-Łódź Duo Colloquium on Translation and Meaning 2010 yesi-5: Łódź session: Le seminar izobanjelwa e-University of Łódź, ePoland, 16–19 Septemba 2010. Inhloso yale seminar ukunikeza isigcawu sezinga lomhlaba lapho kuzobanjwa izingxoxo phakathi kwabasebenzi kanye nabethiyori kwezokuhumusha/kwezokutolika mayelana nezingqinamba ezimayelana nencazelo ekuhumusheni nasekutolikeni. Lo mhlangano wase-Łódź uzogxila kuthiyori. Imfomesheni eyengeziwe: Slz. Barbara Lewandowska-Tomaszczyk (duoduo@uni.lodz.pl) noma: http://www.translation-and-meaning.nl



I-International Conference on Literary Translation: Writing Past Each Other? Literary Translation and Community: Izobanjelwa eVictoria University of Wellington, New Zealand, 11–13 Disemba 2010. Ngale nkomfa kwethenjwa ukubukisisa ukuthi ukuhunyushwa kobucikomazwi (literature) kukuthuthukisa kanjani ukuqwashisa ngokwehlukana kwamasiko-mpilo kanye nokwamukelwa kwako, ngesikhathi esifanayo kube kunika abantu umuzwa wokuthi kulokhu kukhona mphakathi munye nangaphesheya kwemingcele yasekhaya kanye naleyo ehlukanisa amazwe – noma ukuthi ukuntuleka kokunikezelana okunjalo kungaba namphumela muni ekugcineni amasikompilo angokobucikomazwi engawodwana.. Kuzokwenziwa nezinkundla zokucobelelana ngolwazi kanye nemihlangano yokufunda. Izethulo sezingathunyelwa kwamanje. Thumela izifingqo ku: NZCLT@vuw.ac.nz (umnqamula-juqu 31 Mashi 2010). Imfomesheni eyengeziwe izotholakala ngasekuqaleni kuka-2010 e:

http://www.victoria.ac.nz/victoria-conferences/default.aspx.



I-IATIS Conference yesi-4 2012: Izobanjelwa eQueens University Belfast, eNyakatho Ireland, 17–20 Julayi 2012. Imininingwane yale nkomfa izolandela maduze. Imfomesheni eyengeziwe:

http://www.iatis.org/content/conferences/offers-iatis2012.php 



Isihumusho sesiZulu:Yvonne Malindi, Manzo Khulu 

Isihumusho sesiXhosa: Sonwabile Cotyana 

Isihumusho sesiNdebele: Thomas Ntuli 

Isihumusho sesiBhunu: Seugnet du Toit, Eugene Seegers, Gretha Aalbers 







__________________________________________________________________________________________________________________

Ongabathinta e-SATI:			Marion Boers. Ucingo: 011 803 2681. Ifeksi: 0866 199 133. E-mail: office@translators.org.za

						Irene Dippenaar. Ucingo: 079 492 9359. Ifeksi: 086 511 4971. E-mail: registrar@translators.org.za

