     

IX / 4 (2009)

____________________________________________________________________________





IMiklomelo Yokuhumusha Okuvelele Nezichazamazwi ye-SATI

IMiklomelo ye-SATI iyakhishwa futhi kulo nyaka emcimbini ozoba ngomhla ka-2 Okthoba 2009 eNyuvesi yaseGoli. Lo mcimbi uzohlanganisa ingxoxo yethimba kanye nesidlo sasemini esilula, kanti isikhulumi esimenyiwe wuLeon de Kock (owathola umklomelo wokuqala we-SATI ngokuhumusha kwakhe inoveli kaMarlene van Niekerk i-Triomf). Thintana nehhovisi le-SATI uma ungasitholanga isimemo kanye nefomu lokubhalisa. Bonke abanesithakazelo bemukelekile ukuthamela lo mcimbi. Le Miklomelo ikhishwa njalo emva kweminyaka emithathu maqondana nezinkumusho ezishicilelwe kanye nezichazamazwi ezindimimbili noma ezindiminingi ngezilimi zaseNingizimu Afrika ezisemthethweni futhi le miklomelo iyingqayizivele kuleli.



Amalungu 

Amalungu amasha:  Mauricio Apablaza, Martins Bauwens, Nathalie Brodelle, Virginia de Klerk, Shirley Finkel-Hall, Thomas Göbel, Ronél Gouws, Ann Hiemstra, Marijke Hillmann, Mdu Jili, Gaston Kalombo, Zani Kemp, Kgomotso Kgwadi, Cornelia Kuhles, Laura Lopez, Rachel Matteau Matsha, Anne Menday, Anne-Marie Mischke, Gunda Mundt, Ntsapho Nyamende, Terri O'Brien, Marianne Potgieter, Samuel Rivière, Catharine Rose, Isabeau Sas, Ursula Smith, Diana Sousa, Barbara Szymanska, Lezandra Thiart, UJ Translation (corporate member), Gisela Ullyatt, Dominic Uys, Laida Ventura, Gail Zizzamia

Abasanda kuqinisekiswa: Cynthia Bantich: uku-editha ngesiNgisi; Shumani Nevhulaudzi: ukuhumusha isiNgisi-isiVenda; Linda Nienaber: uku-editha ngesiNgisi



Okuthakazelisayo

Uhlelo lweshumi lwe-Afrikaanse Woordelys en Spelreëls entsha lwakhululwa ngoJulayi. UTom McLachlan, iphini likasihlalo we-Afrikaanse Taalkommissie (iKhomishani loLimi), uhlaziya ukuthi lolu hlelo lwehluke kanjani kolwangaphambili oluku-Website ye-SATI (www.translators.org.za: Publications > AWS 2009). Amalungu e-SATI anelungelo lokuthola isaphulelo sika-20 phesenti enanini lentengo evamile lale AWS entsha. Thinta ihhovisi le-SATI ukuze ufake i-oda lakho.



Kuye kwamiswa usosesheni wabahumushi omusha, i-Global Internet Translators Association (GITA), ngenjongo yokufaka phakathi imithombo yezindaba yesimanje embonini yokuhumusha. I-GITA ishisekela ucwaningo nokuqeqeshwa okwengeziwe emkhakheni wokuhumusha ku-internet futhi iyiziko lokuthintana kubahumushi, amakhasimende kanye nabanye abanesithakazelo. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.gita-online.org



Ushicilelo lwamuva ngci lwencwadindaba (newsletter) ye-FIT, i-Translatio, seluyatholakala ku-website yabo (www.fit-ift.org). Lolu wushicilelo oluphindwe kabili olugcwele ama-article nemfomesheni okuthakazelisayo. Lubika ngeMbizo (congress) yanyakenye kanye nezenzakalo ezihlobene namakomiti kanye namaziko ezifunda.



I-Babylon Ltd., inkampani ehamba phambili emkhakheni we-software yezichazamazwi, inika (offer) ilayisense yonyaka yamahhala ye-software yezichazamazwi ngombandela wokuthi umuntu abeke isiqubulo (slogan) sabo kanye na-/noma ubuyekezo olufisha ku-website yakhe noma i-blog. Siza uthinte u-Sylvio Branco umhleli wokuqukethwe, e-silvio@babylon.com noma uvakashele ku-website yabo: http://www.babylon-blog.com/translator-outreach/.



I-Software nama-Website

I-SDL Trados 2009 Studio: ISikole seZilimi e-Campus kaNxantathu weGwa ye-NWU (iNyuvesi yaseNyakatho-Ntshonalanga) inika inani elinesaphulelo kumalayisense kumalungu e-SATI kuze kube wumhla ka-15 Okthoba 2009. Futhi bazokwethula (present) ama-webinar akhethekile ngale-software. Ukuze ucele ikhothesheni ehlanganisa konke, ucelwa ukuba uthinte uMari-Leigh Pienaar (016 910 3485 noma MariLeigh.Pienaar@nwu.ac.za) noma uMelanie Law (016 910 3485 noma 13090658@student.nwu.ac.za). Thinta uFanny Lacroix ukuze uthole imfomesheni ngemikhiqizo noma ukuqeqeshwa 016 910 3493 noma Fanny.Lacroix@nwu.ac.za) noma vakashela i-website yabo e-http://vaal.puk.ac.za/tale/trados/index_e.html 



Iveshini 4.0 ye-software yokukhiqizwa kwesichazamazwi i-TshwaneLex kanye nesizinda samatemu manje isiyatholakala, isinezici ezintsha eziningi ezihlanganisa ukubuthelwa ndawonye kwe-Microsoft Word, amalokalizesheni amasha (isiFulentshi, isiPanishi, isiLuba), i-function i-Search and Replace elungiswe ngokugcwele, amahluzo (filters) amasha ama-query, nokunye okuningi.



Izintshicilelo

I-Translation Studies in Africa, ehlelwe wuJudith Inggs noLibby Meintjies. ISBN 978-1-8470-6177-5 (uqwembe oluqinile) kanye ne-978-1-8471-4589-5 (uqwembe lwephepha). injongo eyinhloko yalo mqulu wukuqoqela ndawonye ama-article ocwaningo ngezifundo zokuhumusha nokutolika e-Afrika, ezibhalwe ngokuyinhloko, kodwa hhayi njalo, abacwaningi abahlala futhi abasebenza kuleso sifunda. Kugxilwe ekuhunyushweni kobucikomazwi (literature) nemithombo yezindaba, kanye nokuthi kusetshenziswa kuphi ukutolika. Imfomesheni eyengeziwe:

http://www.iatis.org/content/pubs/yearbook/2008.php



I-Routledge iye yamemezela ukuthi izoshicilela amajenali amabili asanda kutholwa emkhakheni wokuhunyushwa koBucikomazwi Base-Afrika kanye ne-Linguistics: i-English Studies in Africa (eshicilelwe ngokubambisana ne-Unisa futhi ehlelwe wuMichael Titlestad waseNyuvesi yaseWits) igcizelela ukutadishwa kobucikomazwi bomhlaba ngesiNgisi ngokuphathelene nokwenzeka e-Afrika, khona manjalo ibe igqugquzela ukutadishwa kobucikomazwi base-Afrika emhlabeni kabanzi. Ukuze ubhalisele ukuthola amabika ethebula lokuqukethwe esikhathini esizayo, buka ikhophi lesampula lamahhala noma ukuze wenze isikhokhelo (subscription) vakashela e-http://www.tandf.co.uk/journals/reia. I-Southern African Linguistics and Applied Language Studies (eshicilelwe ngokuhlanganyela ne-NISC yahlelwa wuJacobus Naudé wase-UFS) ishicilela ama-article ngohlu lwezihloko ezimayelana nolimi. Iminikelo e-original iyokwemukelwa, kuhlanganise ama-article okubuyekeza, imibiko yocwaningo emifisha kanye nokubuyekezwa kwamabhuku. Ukuze uthole imfomesheni eyengeziwe vakashela e-http://www.tandf.co.uk/journals/rall.



I-New Voices in Translation Studies, Ushicilelo 4 (2008), enomhleli oyisimenywa u-Dorothea Martins. Lolu shicilelo luqukethe amaphepha amahlanu akhethwe enkomfeni yasebeneziqu kakade, enesihloko esithi ‘Ngethiyori noma ngaphandle kwayo: Indima yethiyori ocwaningweni lwezifundo zokuhumusha’, eyayibanjwe ngomhla ka-17 no-18 Aprili 2008 e-University College London (UK). Itholakala 

e-http://www.iatis.org/newvoices/contents2008.php 



I-Translation Studies, ehlelwe wuMona Baker (imiqulu emine). ISBN 978-0-415-34422-7. Leli qoqo elimiqulu-mine lase-Routledge elenzelwe i-indeksi ngokugcwele futhi elinesethulo esenebe libuthezele enqala iminikelo eyisisekelo kanye neyakamuva emkhakheni wezifundo zokuhumusha. Imfomesheni eyengeziwe:

http://media.routledgeweb.com/pdf/9780415344227/9780415344227.pdf)



Imicimbi nokumenywa kwamaphepha

Ukuhumusha Okukhethekile: Ukwenza izihlokwana (subtitling), i-CTrans izobambela eNyuvesi yaseNyakatho-Ntshonalanga (Vanderbijlpark) i-course ensuku-nhlanu eqinisekiswe (accredited) yi-institution enamakrediti angama-20 eqophelweni 6 le-NQF ukusuka ngomhla ka-14–18 Septemba. Le course izohilela isethulo esingokwethiyori esifisha, kulandele ukuqeqesha kokubamba mathupha ngezinto eziyisisekelo zokwenziwa kwezihlokwana. Abafaki-zicelo kumelwe babe okungenani neziqu zokuqala ezine-major yezilimi, umsebenzi wolimi noma ukukhiqiza kwemithombo yezindaba (noma imfundo yangaphambili efanelekayo). Izicelo zivala mhla ka-7 Septemba. (Izicelo ze-course yaseStellenbosch zavala mhla ka-21 Agasti). Amalungu e-SATI afanelekela inani elehlisiwe. Ukuze uthole imfomesheni eyengeziwe thinta i-CTrans e-(016) 910 3485 noma

13090658@student.nwu.ac.za.

Ukuthintana kanye ne-email ngokwesikhundla sakho somsebenzi: Ishabhu losuku olulodwa eSikhungweni seZilimi seNyuvesi yaseStellenbosch, 17 Septemba 2009. Leli shabhu liqondiswe kulabo basebenzi emkhakheni womphakathi kanye nowangasese okumelwe bathintane nabangaphandle ngokwesikhundla sabo somsebenzi. Usuku lokuvala wumhla ka-9 Septemba (kungathathwa kuphela abantu abangama-20). Imfomesheni eyengeziwe: http://academic.sun.ac.za/taalsentrum/EVD noma i-email taalsentrum@sun.ac.za



I-Globalization and Localization Association, GALA 2009: The business of language. The language of business: ECancun, Mexico, 14-16 Septemba 2009. Imfomesheni eyengeziwe:

http://www.gala-global.org/conference/ 



Inkomfa i-European Forum of Sign Language Interpreters 2009 – Sound Mind in Sound Hands: ETallinn, Estonia, 18–20 Septemba 2009. Le nkomfa izogxila ekhonweni likatolika lokusebenza, lelo elithonywa yingcindezi engokomzimba nangokwengqondo yokutolika, ukuxhumana endaweni eyehlukile yesikompilo, ukushintsha okusheshayo ezimweni ezihlukahlukene kanye nesimo esingokomzwelo sababambi-qhaza kulezo zimo zokutolika. Imfomesheni eyengeziwe:

www.evkty.ee/eng_efsli2009/index.html



I-PowerPoint: Basic pointers for an effective presentation (izinkomba eziyisisekelo zesethulo esishaya emhloleni): Ishabhu lasuku lunye eSikhungweni Sezilimi saseStellenbosch, 1 Okthoba 2009, eligxile eziqondisweni zesethulo (presentation) se-PowerPoint esiphumelelayo. Usuku lokuvala kwezicelo wumhla ka-23 Septemba 2009. Imfomesheni eyengeziwe:

www.sun.ac.za/taalsentrum/EVD noma thinta u-Audrey Poole e-021 808 2167 noma e-taalsentrum@sun.ac.za



I-Writing for the Media III: Features: Olwesithathu ezincungeni (series) zamashabhu eSikhungo Sezilimi seNyuvesi yaseStellenbosch ezimayelana nokulobela imithombo yezindaba luzoba ngomhla ka-12 Okthoba 2009. Leli shabhu lizogxila ekulobeni nasekuphothulweni kwezici. Umbambi-qhaza ngamunye kuzodingeka ukuba alobe isici (feature) ekulungiseleleni leli shabhu. Kungathathwa kuphela abantu abayisishiyagalombili. Ukwethanyelwa kwamashabhu esikhathi esedlule akuyona imfuneko. Usuku lokuvala kwezicelo wumhla ka-2 Okthoba 2009. Imfomesheni eyengeziwe:

www.sun.ac.za/taalsentrum/EVD noma thinta u-Audrey Poole e-021 808 2167 noma e-taalsentrum@sun.ac.za



Inkomfa i-TM-Europe 2009 ngesihloko esithi “Quality and Terminology Management, and Business Terms and Conditions for Translation and Localisation Services”: EHhotela iMarriott, Warsaw, Poland, 1–2 Okthoba 2009. Imfomesheni eyengeziwe: www.tm-europe.org.  



Inkomfa Yamazwe ngeNqubomgomo Yolimi, Ukuhlela Nokuxhasa Emfundweni Ephakeme – Izinselele Zobundiminingi: EStellenbosch, 17-20 Novemba 2009. Le nkomfa izohlanganisa izihloko eziyinhloko ezintathu. Izinqubomgomo ngolimi esimweni semfundo ephakeme phakathi kwamasiko-mpilo nezilimi okuningi; Ukuhlelwa (planning) kolimi emfundweni ephakeme; Imizamo emisha yokusekelwa kolimi emfundweni ephakeme. Imfomesheni eyengeziwe: www.langhighered2009.co.za 



Eyesi-4 iNkomfa Yabahleli Kazwelonke i-IPed – Ukudlulisela Umyalezo (4th IPEd National Editors Conference – Getting the Message Across): E-Adelaide, Australia, 8–10 Okthoba 2009. Le nkomfa ihloselwe abahleli (editors) asebesezingeni eliphezulu, abamaphakathi nomzila-msebenzi (career) nabasafufusa, izifundiswa (academics) nezitshudeni zokuloba nokuhlela base-Australia nezifunda eziseduze. Eminye imicu yale nkomfa ihlanganisa uxhumano lwasezinkampanini, ubudlelwano phakathi komhleli nomlobi, imfundo nokweluleka (mentoring) abahleli, ukuhlela okusafufusa kwemithombo yezindaba naloko okuthiwa ‘kuluhlaza’ (green). Imfomesheni eyengeziwe: 

http://www.editors-sa.org.au/?q=IPEd%20conference



Umhlangano wesi-IV Wezesayensi Nobuchwepheshe i- TREMÉDICA (IV Scientific and Professional TREMÉDICA Meeting): EMalaga, Spaniya, 22-24 Okthoba 2009. Lo mcimbi ongewona wenzuzo futhi ohlose ukufundisa uhlanganisa zonke izici zokuhumusha nokuloba kwezokwelapha. Imfomesheni eyengeziwe:

http://www.tremedica.org noma info@tremedica.org



Inkomfa yamazwe mayelana Nezindlela Zezenhlalo Nesikompilo Zokuhumusha: izindlela zokubuka zaseNdiya naseYurophu (International conference on Socio-Cultural Approaches to Translation: Indian and European perspectives): ENyuvesi yaseHyderabad, Ndiya, 10–12 Febhuwari 2010 (ngokubambisana neNyuvesi yaseSouth Brittany, France). Umnqamulajuqu wokulethwa kwama-abstract wumhla ka-31 Okthoba 2009. Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe thinta uSlz. J. Prabhakara Rao (pjandhyala1@gmail.com) noma vakashela e-www.itaindia.org. 



Inkomfa Yamazwe ye-Korean Association of Translation Studies (KATS), Ukuhumusha Ne-globalisation: ESookmyung Women’s University, Seoul, Korea, 30-31 Okthoba 2009. Le nkomfa ihlose ukuphenya (explore) imiphumela yentuthuko engavamile kutheknoloji yokuxhumana kanye nezingudluko eziwumphumela ekuhlelekeni kwama-economy kanye nemiphakathi njengoba lezi zici zithinta abahumushi nezinkumusho. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.kats.or.kr



Eyama-34 iNkomfa ye-IALB–ASTTI Yaminyaka Yonke: Umhlaba Enhlekeleleni – Imboni Yolimi Yona? (34th Annual IALB–ASTTI Conference: The World in Crisis – And the Language Industry?): EGeneva, Switzerland, 13–14 Novemba 2009. Inhlekelele engokwezimali eyabheduka ngasekupheleni kuka-2008 isikhule yaba yinhlekelele yezomnotho yembulunga yonke ethinta ukukhiqiza nezinkonzo ngokufananyo emhlabeni wonke. Le nkomfa izocubungula igalelo embonini yolimi. Izicelo eziphuthumayo zivala ngomhla ka-31 Agasti 2009. Imfomesheni eyengeziwe: http://www.ialb-astti.org/de/



I-course yokutolika kwakanyekanye nokudedelanayo: I-Estudio Sampere (eMadrid, Spaniya) inikeza i-course yonyaka owodwa eqalisa ngo-Okthoba 2009 iphele ngoJuni 2010, lapho isiNgisi siyi-L2. Imfomesheni eyengeziwe (ngesiPanishi): http://www.sampere.edu.es/



Phakathi kwaMasikompilo Nemibhalo: Imizila emlandweni wokuhumusha (Between Cultures and Texts: Itineraries in translation history): ETallinn, Estonia, 9–10 Aprili 2010. Le nkomfa izogxila embonweni wokuthi kaningi izinkumusho ziyimisebenzi yobucikomazwi ngokwazo, futhi ebumba ukuhamba kwemilando. Izikhulumi eziyinhloko eziqinisekisiwe zihlanganisa uJean Delisle noTheo Hermans. Iziphakamiso ngamaphepha, ngesiNgisi noma isiFulentshi (ezingezinde ukwedlula amazwi angama-200) kumelwe zilethwe ngaphambi komhla ka-30 Septemba komunye walaba abalandelayo: anne.lange@tlu.ee (u-Anne Lange, iNyuvesi yaseTallinn); katiliina.gielen@ut.ee (uKatiliina Gielen, iNyuvesi yaseTartu); noma daniele.monticelli@tlu.ee (uDaniele Monticelli, Inalco).







Ukuhumusha ngesiBhunu: Seugnet du Toit

Ukuhumusha ngesiSuthu: Abel Mphanya

Ukuhumusha ngesiZulu: Manzo Khulu

Ukuhumusha ngesiXhosa: Angelinah Dazela, Thokozile Mabeqa











__________________________________________________________________________________________________________________

Ongabathinta e-SATI:			Marion Boers. Ucingo: 011 803 2681. Ifeksi: 0866 199 133. E-mail: publications@translators.org.za

						Irene Dippenaar. Ucingo: 079 492 9359. Ifeksi: 086 511 4971. E-mail: registrar@translators.org.za

