     

IX / 1 (2009)

____________________________________________________________________________





Nazo-ke, kakade sesingena enyangeni yesibili yonyaka. Sithemba ukuthi kuzoba wunyaka ojabulisayo, onempilo nonempumelelo kuwo onke amalungu. Sindawonye kuningi esingakuzama sikufinyelele senzela iprofesheni yethu – ake sizwe ukuthi ingabe ikhona yini imicabango onayo ngezinkonzo le Nhlangano okufanele ngabe iyazinikeza. 



Imali yobulungu 2009

Khumbula ukuthi izimali zobulungu zalo nyaka kumelwe zikhokhwe kungakedluli ukuphela kukaMashi. Ama-invoice athunyelwa ngoDisemba. Uma ungayitholanga eyakho, ucelwa ukuba uthinte ihhovisi le-SATI ukuze uthole ikhophi. Khumbula ukuthi buyatholakala ubulungu bezinkampani maqondana nama-agency kanye nama-hhovisi. Siyabonga kulawo malungu asekhokhile kakade. Ucelwa ukuba uqiniseke ukuthi uyamazisa umbhalisi ngokukhokha kwakho. 



Inhlolovo yama-tariff

Imiphumela yenhlolovo yokugcina yama-tariff isifakiwe ku-Website ye-SATI. Amalungu ayakhunjuzwa ukuthi lawa akuwona amanani “asemthethweni” noma “atuswayo”. Ngokomthetho asivunyelwe ukuba simise ama-rate. Okuwukuphela kwesikwenzayo thina wukuqoqa imfome-sheni ngaloko ngokujwayelekile okukhokhiswayo bese senza leyo mfomesheni itholakale. Ngakho-ke sicela amalungu angathi “i-SATI itusa la manani”. Amalungu nabanye bangawasebenzisela ukuqhathanisa nawabo ama-nani, kodwa kufanele baqaphele ukuthi zikhathi zonke kuzoba khona abasebenza ngolimi abakhokhisa ngaphezulu noma ngaphansi kwala manani. 



Ubulungu

Muva nje saziswe ukuthi uMnu. PF (Flippie) du Toit washona ngoFebruwari 2007. UMnu. Du Toit ubengelo-kugcina ilungu elisaphila kulawo aqalisa i-SATI. Sathintana naye ngesikhathi sigubha iminyaka engama-50 ngo-2006, kodwa impilo yakhe ayimvumelanga ukuba abambe iqhaza ngokuthé ngqo kuleyo migubho yethu. 



Ngasekupheleni konyaka odlule umbhalisi wethu wenza uhlaziyo lwamalungu e-SATI ngokolimi lwasekhaya. Imi-phumela ithakazelisa kakhulu. Kulawo malungu angama-707 ayebhalisiwe ngaleso sikhathi, cishe uhhafu (311 noma 44%) ngabakhuluma isiBhunu abasincela. Iqembu elilandelayo ngobukhulu – abakhuluma isiNgisi – linga-phansi kukahhafu waleso sibalo: amalungu ayi-139 noma 19,7%. Abakhuluma izilimi zabomdabu abazincela benza i-16% yamalungu ewonke (isiNdebele 4; isiXhosa 38; isiZulu 28; isiPedi 6; isiSuthu 11; isiTswana 21; isiSwazi 1; isiVenda 2; isiTsonga 2), bese kuthi lena enye i-20,3% ihlukaniseke kanje: isiFulentshi: amalungu angama-41; isiJalimane: amalungu angama-39; isiNtaliyana: amalungu ayi-8; isiPutukezi: amalungu angama-22; isiRomani: amalungu ama-4; isiRashiya: amalungu ama-4; isiPanishi: amalungu ayi-9, bese kuba yilungu elilodwa ngalunye kulezi zilimi – isiKantoni, isiGreki, isiHebheru, isiSwahili, isiPolishi nesiShona.



Amalungu amasha: Azza Abdelmutti, Zahid Afzal, Andrea Bongiorni, Rudolph Botha, Birgit Böttner, Bashir Castineira Gamo, Susana Cavaleiro, Bridget Claasen, Wilson Cotiyana, Tanja Deyzel, Johan Duvenhage, Joan Fairhurst, Véronique Féau, Paulo Ferreira, Yolandie Fick, Hanelle Fourie, Morgan Funde, Abebe Gebremariam, Gert Griessel, Marinette Grimbeek, Marieta Harley, Mboma Ingila, Patrick Kabini, Giasuma Kamuangu, Melanie King, Geraldine Kruger, Karen Krüger, Rina Leitao Freitas, Thabang Letsoso, Regina Malan, Makhosana Malinga, Monika Matika, Mahlubi Mayongo, Julius Mazibuko, Novel Moroe, Choice Mpanza, Werner Muller, Kamelia Nashed, Zahn Nel, Marie Josephine Ngoua, Mathieu Ngounou, Linda Nienaber, Colin Paterson, Win Phillips, Tim Pretorius, Gertrude Rammala, Monique Rosenberg, Tlhoriso Sakachane, Amanda Sekati, Karin Sivertsen, Lele Skhosana, Ilse Smalberger, Philip Smit, Annamie Stander, Klaus Staudt, Marie Steyn, Amanda Swanepoel, Cillié Swart, Yolani van der Westhuizen, Jutta van Rooyen, Alex Vassev, Gina Wang, Jani Zandberg

Resignations: Paul Beezhold, Ute Ben Yosef, Annatjie Bouwer, Elizabeth du Preez, Susan Roux, Margot Schultz, Mètzi van der Merwe, Estelle Williams, Wordworx

Abashonile: Marian Brink

Abasha abaqinisekisiwe: Mariènne Botha: Ukuhumusha – isiNgisi-isiBhunu; Enver de Wet: Ukuhumusha – isiNgisi-isiBhunu; Sponono Mahlangu: Ukutolika Kungamiwa – isiNgisi-isiNdebele; Thivhulawi Sishonga: Ukutolika Kungamiwa – isiNgisi-isiVenda; Thana Street: Uku-editha isiBhunu



Okuthakazelisayo

I-Common Sense Advisory, Inc., ifemu yokucwaninga nokukhonsalitha ezinze eMelika, iye yamemezela izibike-zelo zayo zango-2009 ngomsebenzi wolimi, izinkonzo nethekinoloji. Izibikezelo ezinhlanu zale femu kule mboni yilezi: Ukukhuluma kuzoba nguyena ngqa-phambili ezingqinambeni zokusetshenziswa kwezilimi eziningi; Ukuhumusha kuya ngokuba lula, kodwa wonke umuntu uyasokola ukuthola imali; Ukuhumusha ngemishini kungena ezinkampanini ezinkulu kusetshenziswa ama-aplikesheni anenani elikhulu; i-Google itomula ezinye izimangaliso emgodleni wayo wamaqhinga okuhumusha; Inqubo-mgomo yolimi kanye nokuzigcina uphila kwa-mazwe ngamazwe kunika uhulumeni ugqozi ngolimi. Imfomesheni eyengeziwe: 

www.commonsenseadvisory.com.



I-software nama-Website

Izinhla zamatemu ze-National Language Service seziyatholakala ku-Website yoMnyango Wobuciko Namasiko, i-www.dac.gov.za. Landela ixhumo lalo mnyango ekhasini i-home eliya ekhasini i-“National Language Service completed terminology”. Izinhla ezitho-lakalayo yilezi: ICT (ngezilimi eziningi), Mathematics (ngezilimi eziningi), Natural Sciences (isiNguni, isiSuthu, nesiBhunu, isiVenda nesiTsonga) kanye ne-Parliamentary (ngezilimi eziningi).



I-Lingua et Machina yethule i-Similis Version 2.14.0 ithuluzi lokuhumusha eliyi-software elenzelwe abahumushi abangochwepheshe elisekelwe kuthekinoloji yamamemori okuhumusha nelimakethwa njengelizimele noma i-server (ku-Windows), elinophico lwamakhasi anokusetshenziswa kanyekanye ngesiNgisi, isiFulentshi, isiJalimane nesi-Panishi. Vakashela i-www.lingua-et-machina.com.


I-SDL, umhlinzeki wezixazululo zembulunga yonke zokulawulwa kwemfomesheni, iye yamemezela uku-khululwa kwe-SDL Trados 2007 Suite. Njengoba (le suite) ihlanganisa kahle ukuhumusha ngomshini nesixazululo sayo sememori yokuhumusha, yenza indawo yokuhumusha ngokubuka maqondana nophico lwamakhasi asetshe-nziswayo ngesakhi (component) esisha esibizwa ngokuthi yi-SDL Passolo Essential. Imfomesheni eyengeziwe: www.sdl.com.



I-Language Line Services, Inc., umhlinzeki wezinkonzo zokutolika, iye yamemezela ukutholakala kwe-Language Line BiMedical.net, i-aplikesheni etholakala ngentanethi eyakha amafomu ezokwelapha andimi-mbili kanye nezinhla zemibuzo ngezilimi eziningi ukwenzela ukuba kuxhu-maneke khona manjalo neziguli ezingasazi kahle isiNgisi. Njengoba eprintwe ngazo zombili izilimi, olwesiguli nolwaloyo ohlengayo, la mafomu aklanyelwe ukuba avikele ukuphepha kwesiguli. Imfomesheni eyengeziwe: 

info@languageline.com noma www.languageline.com.



I-Wordfast LLC, umhlinzeki we-software yememori yokuhumusha (translation memory, TM), ikhulule i-Wordfast 6.0 – eklanyelwe izinkampani ezinkulu, ama-agency okuhumusha kanye nabahumushi abazimele. Le version entsha ihlanganisa indawo yokuhumushela ezimele yodwa engadingi pulatifomu; ukuhlaziywa, ukuhunyushwa nokuhlanzwa okuthuthukisiwe kwezinyanda; ukusekelwa kohleleko lwefayela okuthuthukisiwe; kanye ne-administration ye-TM eyenziwe ngcono. Imfomesheni eyengeziwe: www.wordfast.com.



I-Translate.org.za engabhekile inzuzo isikhiphe i-Virtaal, okuwuhlelo lwe-graphical translation program olusu-ngulwe njengengxenye ye-Translate Project. Izimpawu zeseka izimo eziningi zezinhlelo ze-localisation; ziqhaka-mbisa i-syntax nokukhonjiswa kokuphawula nendikimba; kanye nesihlolisipelingi sokuhunyushiwe nalokho okuhunyushwayo. I-Translate.org.za iyingxenye ye-African Network for Localisation (ANLoc) esaqala ukuvelela nesiqale ukwenza izinhlelo zama-,locales ezilimini zaboMdabu ezingaphezu kwe-100. Ulwazi oluthe xaxa luyatholakala ku: http://o2.it46.se/afrigen/ noma ku: www.translate.org.za. 



I-Dutch HLT Agency (TST-Centrale – Centrale voor Taal- en Spraaktechnologie) iyi-ejensi ye-Dutch-Flemish yoku-lawulwa, yokugcinwa kanye neyokusatshalaliswa kwezinsizakusebenza zezilimi eziyidijithali eDutch. Iningi lezinsizakusebenza zikhokhelwa nguhulumeni. I-HLT Agency yenza ukuba lezi zilimi zitholakale mayelana nemfundo, uma kwenziwa ucwaningo nangezizathu zoku-thuthukisa. Ukuthola ulwazi oluthe xaxa vakashela ku: www.inl.nl/index.php?option=com_content&task=view&id=448&Itemid=552&lang=en. Umkhiqizo osanda kukhi-shwa yi-TST-Centrale yi-Sofeer, okuyisihlolisipelingi kubuye kube yisichazamazwi sokuhunyushiwe phakathi kwesiHebheru/isiJuda nesi-Dutch. Funda ngalokhu kabanzi kuWebusayidi yabo.



Ukuthola izichazamazwi ezinihlonze vakashela ku: 

http://www.lai.com/glossaries.html.



I-Compendium of Translation Software (January 2009) yeshumi nesihlanu isiyatholakala. Eyenziwe nguJohn Hutchins egameni le-European Association for Machine Translation, lesi sifinyezo singumhlahlandlela oyirifarensi eqondisisekayo ezinhlelweni zohumusho lwemishini kwe-zokuhweba ezikhona okwamanje, amathuluzi nabathengisi okweseka izihumusho ezelekelelwa yikhompyutha. Ulwazi oluthe xaxa luyatholakala ku: http://www.eamt.org.



I-Tranflex AB, okuyi-ejensi yezohumusho, isikhiphe i-InDesign for Translators – okuyibhuku elinemiyalelo ekuyalela kahle kancane kancane mayelana nokulungiselela ukuhumusha amafayili e-InDesign. Ngokugunyazwa nguChris Phillips, umphathi we-ejensi, kwabe sekusu-ngulwa i-e-book yabahumushi, yama-ejensi ezokuhumusha neyabashicileli abashicilela ngekhompyutha kanye neprinta. Ulwazi oluthe xaxa luyatholakala ku: www.tranflex.com.



Okushicilelwe

I-Interpreting: International Journal of Research and Practice in Interpreting, ehlelwe nguMiriam Shlesinger benoFranz Pöchhacker. Le jenali isiza njengomthombo wezocwaningo nezinkulumompikiswano kuzo zonke izinhlangothi zokutolika, nezinhlelo ezahlukahlukene zokusebenza, izindlela ezisebenza ngazo kanye nokuhlelwa kwazo. Ulwazi oluthe xaxa luyatholakala ku: 

www.benjamins.com noma subscriptions@benjamins.nl. 



I-Telephone Interpreting: A Comprehensive Guide to the Profession nguNataly Kelly: okuwushicilelo olukhulu loku-qala mayelana nalesi sihloko, le ncwadi inolwazi oluningi lwabatoliki, lothisha, lwabemisebenzi yokuqeqeshelwa umsebenzi wokutolika nalabo abasebenzisa imisebenzi yotolika kuzo zonke izimboni lapho kusetshenziswa khona imisebenzi yezokutolika ngocingo. Vakashela iWebusayithi yomshicileli ukuze uthole imininingwane ethe xaxa: www.trafford.com/08-1015. 



I-Routledge Encyclopedia of Translation Studies Second Edition, ehlelwe nguMona Baker benoGabriela Saldanha: Le-Encyclopedia bekulokhu kuyiyo iriferensi evame ukusetshenziswa kulo mkhakha kusukela ngesikhathi yakhishwa ngonyaka we-1998. Ibhuku lesibili elabu-yekezwa kabanzi futhi landiswa lenza lo mthombo ukuba ube yilowo wakamuva. Lihlukanise izingxenye ezimbili: Okuvamile (okudingida ngethiyori yezokuhumusha, izindlela zokuhumusha nokutolika, izinhlobo zokuhumusha nokutolika) kanye noMlando neNdabuko. Ulwazi oluthe xaxa luyatholakala ku: 

http://www.routledgelinguistics.com/books/Routledge-Encyclopedia-of-Translation-Studies-isbn9780415369305



I-Theatre Translation Theory and Performance in Contemporary Japan: Native Voices, Foreign Bodies nguBeverley Curran (ISBN 978-1-1905763-11-5). Lolu shicilelo landisa izingxoxo mayelana nezokuhumusha kwasethiyetha ngokusebenzisa imidlalo eyisithupha yaseNtshonalanga ekhethelwe ucwaningo neyahunyushwa yadlalwa eshashalazini eJapan kusukela ngeminyaka yawo-1960. Iqubula ukucabangisisa ngomqondo wabase-Ntshonalanga mayelana nokuphithana kokwenzelana kwezilimi nemizimba kwezokuhumusha nezasethiyetha ngesikhathi behamba futhi beguqula ukwenza kwabo ngaphansi kwezimo ezahlukene zamasiko. Ulwazi oluthe xaxa luyatholakala ku: 

http://www.stjerome.co.uk/page.php?id=522&doctype=StJBooks&section=3



I-Multilingualism and Educational Interpreting: Innovation and Delivery nguSolwazi Marlene Verhoef benoSolwazi Theo du Plessis. Lolu shicilelo lumele umsebenzi oyisiqalo emkhakheni omusha wezemfundo yezokutolika mayelana nokutolika ngezilimi ezingabhaliwe phansi. Le volumu yesithupha eluchungechunge lwase-Van Schaik i-Studies in Language Policy in South Africa ayiyibekeli eceleni ingqikithi yezombusazwe ngezilimi zaseNingizimu Afrika futhi yethula imfundo yezokutolika njengendlela ese-benzayo ekuphumeleleni esimeni sohlelo lokufundisa noku-funda ngoliminingi emkhakheni wezemfundo. Ukuthola ulwazi oluthe xaxa, xhumana nabakwa-Van Schaik Pub-lishers kule nombolo: 012 342 2765 noma ku: 

wsenekal@vanschaiknet.com. 



Izigameko nokumenywa kwezithulo

Stellenbosch University Language Centre: Uhlelo lonyaka wonke lwamawekshophu luyatholakala ku: 

www.sun.ac.za/taalsentrum/EVD.



Interaction between text and graphics: Lena yisemina ethatha isigamu sosuku ezoba seStellenbosch University Language Centre, 20 Febhuwari 2009, izobe ithulwa nguSolwazi Leon de Stadler, oyisazi sokwenziwa kwama-bhukwana (document design specialist). Le semina idingida ukuthola incazelo kulokho okunokubonwa nokubhaliwe, ukwenzelana kokudwetshiwe nokubhaliwe, ukusetshe-nziswa kokudwetshiwe kanye nomsebenzi wesikhala kanye nethophografi. Ulwazi kanye namafomu okubhalisa kuyatholakala ku: www.sun.ac.za/taalsentrum/EVD. Uma unemibuzo: xhumana no-Audrey ku:taalsentrum@sun.ac.za noma kule nombolo: 021 808 2167. Usuku lovala ukubhalisa: 13 Febhuwari 2009. Isikhala silinganiselwe.



Writing for the Media I: General: Yiwekshophu ethatha izinsuku ezimbili ezoba seStellenbosch University Language Centre, ngomhla zi-5-6 Meyi 2009, eyalabo okumele babhalele imithombo yezindaba nalabo okumele njalo baxhumane nabemithombo yezindaba. Ulwazi nama-fomu okubhalisa kuyatholakala ku:  www.sun.ac.za/ taalsentrum/EVD. Eminye imibuzo: xhumana no-Audrey Poole ku:taalsentrum@sun.ac.za noma kule nombolo: 021 808 2167. Usuku lokuvala ukubhalisa: 23 Febhuwari 2009. Isikhala silinganiselwe.



GALA Localisation Certification Programme: I-Localisation Certification Programme and Localisation Project Management Certification eyenziwa minyaka yonke yesine izobanjelwa eSan Francisco, USA (23-27 Mashi 2009) naseCologne, Germany (11-15 Meyi 2009). Ulwazi oluthe xaxa luyatholakala ku: 

http://rce.csuchico.edu/localise/ noma ku: http://www.gala-global.org. 



International colloquium: Théorie, pratique et didactique de la traduction spécialisée, eCraiova, Rumania, 28-29 Meyi 2009. Izethulo zizokwenziwa ngesiFulentshi noma nge-Rumanian. Ulwazi oluthe xaxa luyatholakala ku: http://dtil.unilat.org/colocviu_craiova_2009/



Third Conference of the International Association for Translation and Intercultural Studies (IATIS), eMonash University, eMelbourne, Australia, 8-10 Julayi 2009. Ulwazi oluthe xaxa luyatholakala ku: 

http://www.foxevents.com.au/Current-Events/2009-Events/IATIS-Conference/Default.asp[4]. 



Society for Editors and Proofreaders conference, Editing in the 21st century: e-University of York, England, 14-15 Septhemba 2009. Ulwazi oluthe xaxa luyatholakala ku: www.sfep.org.uk/pub/confs/conf09/conf2009_advance.asp



Globalization and Localization Association, GALA 2009: The business of language. The language of business: eCancun, Mexico, ngomhla ka-14-16 Septhemba 2009. Ulwazi oluthe xaxa luyatholakala ku: www.gala-global.org



Korean Association of Translation Studies (KATS) International Conference, Translation and Globalisation: eSookmyung Women’s University, Seoul, Korea, ngomhla we-30-31 Okthoba 2009. Le yinkomfa okuhloswe ngayo ukuhlola imiphumela yezinto ezinkulu esezenziwe kwezo-buchwepheshe bokuxhumana kanye nemithelela yemi-phumela ezinhlanganweni zeminotho nezimiphakathi njengoba lezi zinto zibhekene nabahumushi nokuhu-nyushiwe. Ophuthumayo ukholwa ngamantshontsho ekubhaliseni ngomhla woku-1 Januwari kuya kumhla zingama-31 Mashi 2009. Ulwazi oluthe xaxa luyatholakala ku: http://www.kats.or.kr 



Ukuhumusha ngesBhunu: Ria Crafford, Irene Dippenaar,
 Fred Pheiffer, Maureen van Helden, Robert Young

Ukuhumusha ngeSesotho: Abel Mphanya

Ukuhumusha ngeSetswana: Peter Mekgwe

Ukuhumusha ngesiXhosa: Angelinah Dazela

Ukuhumusha ngesiZulu: Manzo Khulu, Yvonne Malindi







__________________________________________________________________________________________________________________

Ongabathinta e-SATI:			Marion Boers. Ucingo: 011 803 2681. Ifeksi: 0866 199 133. E-mail: publications@translators.org.za

						Irene Dippenaar. Ucingo: 079 492 9359. Ifeksi: 086 511 4971. E-mail: registrar@translators.org.za

