











VIII / 3 (2008)



____________________________________________________________________________





Umhlangano Weningi Waminyaka Yonke we-SATI kanye ne-Seminar



Siza ukhumbule ukuthi usuku nendawo yalo mhlangano ishintshiwe. Umhlangano uyobanjelwa eGroenkloof, ePitoli ngoLwesithathu mhlaka 11 Juni. Isaziso nohlelo sekuthunyeliwe futhi amanye amaphepha azolandela ngesikhathi esifanele. Ngezizathu zokulungiselela okuya ngasethunjini, siyojabula kakhulu uma usitshela uma uzoba khona.



Umhlangano uyolandelwa i-seminar enesihloko esithi Words Matter. Imininingwane isidlulisilwe; sicela usazise uma ungakayitholi eyakho ikhophi. Ukubhalisa kuvalwa ngomhlaka 5 Juni.



Inhlolovo yemali ekhokhwayo



Inhlolovo yezimali ka-2008 isisemaphethelweni futhi sekuseduze ukuba uthole isicelo sokuba ubambe iqhaza. Inhlolovo izonikwa labo abane-Internet, ngoba yenziwa nge-Internet. Sinxusa onke amalunga ukuba athathe imizuzu embalwa ukuba aphendule inhlolovo; lena iyona kuphela indlela yokuba sikwazi ukuqoqa ulwazi olunembile, lokhu kuzoniqinisekisa izimo ezifanele zokusebenza zawo wonke umuntu esikhathini esizayo. Khumbula ukuthi kulonyaka loluhlolomvo luzonikeza ulwazi kubahumushi abasebenzela izinkampani kanye nalabo abazimele.



Amagatsha



UManzo Khulu usalokhu enesasasa lokuqalisa igatsha lezilimi zesiNguni eGauteng, kodwa ukusabela kwamalunga kuyadumaza. Noma ubani onesasasa ekuqalisweni, kwaleli gatsha sicela athintane noManzo (kayem@telkomsa.net noma 011 693 7237).



Igatsha laseBholani linale micimbi elandelayo ehlongozwayo kulo nyaka; sicela uxhumane noJan Vorster (021 39 5470 noma janvorster1@mweb.co.za) uma udinga imininingwane eyengeziwe noma ufuna ukujoyina leli gatsha.



31 Meyi: Igatsha lika SATI laseBholani, linomhlangano weningi wonyaka kuhlanganise nengxoxo yeningi ethi ‘Professional business practice: Providing and getting paid for a professional service’ 



14-17 Juni: I-International Book Fair eKapa – i-SATI iyobe isesitendeni esisodwa nabakwa-PEG kanye nabakwa-McGilivray Linnegar Associatiates. Amavolontiya ayadingeka. Imininingwane izolandela. 



20 Septemba: Usuku lwabahumushi lomhlaba wonke – i-seminar esekelwe esihlokweni esithi Terminology: Words Matter. Imininingwane izolandela. 

25  Okthoba:  Ukuqeqeshwa  ekuhleleni  nokuhumusha 




kunikezwa u-Amanda Lourens kanye no-Ilse Feinauer



22 Novemba: Umcimbi wokuphela konyaka.Imininingwane izolondela.



Amalunga



Amalunga amasha: Belinda Bezuidenhout, Annatjie Blignault, Reneé Bloem, Bohle Conference and Language Services (corporate member), Estanislau Chombossi, Berta Clase, Gisela Collins, Johan de Jager, Dilicom Language and Communication (corporate member), Thozamile Douws, Ary German, Michiel Heyns, Tambu Hwaramba, Michelle Jordaan, Evelyn Keere-Mswetsa, Lorna Keough, Beata Leszczynska, Susan Lombaard, Denys Lukusa, Thami Molale, Moloi Translators (corporate member), Lydia Moussonzo, Slindile Mtshali, Multilingua T/I Services (corporate member), Natalie Myburgh, Mpondomise Ncokazi, Constance Nkopo, Deli Nkosi, Mari-Leigh Pienaar, Hendrien Pieterse, Cindy Schoeman, Adri Theron, Aurélie Torres-Hastie, Inesa van Rooyen, Nolitha Vani, Wordworx (corporate member)

Abashiyile: Lande Botha, Liezel de Vries, Fabian Jaumain, Hester Mey, Annalene Schoeman, Corine Turkstra, Lanie van Kradenburg

Abanikelele isikhwama seNtuthuko: Gretha Aalbers, Bas Angelis, Robbie Brizzolari, Irene Dippenaar, Michelle du Plessis, Basile Ezenge, Karen Garbers, Corrie Geldenhuys, Kerry-Anne Gilowey, Sybille Gussmann, Lorraine Hartman, Glynis Harvey, Joey Kok, Wilna Liebenberg, Lulu Mfazwe-Mojapelo, Magadi Mohasoa, Lucas More, Adelaide Morgado Grobbelaar, Bheki Ntuli, Silvia Pratten, Isabella Redelinghuijs, Sue Richardson, Tim Steward, Rita van Wyk, Alison Wright



Izindaba ezivela kwa-FIT



I-FIT World Congress izobanjelwa e-Shanghai, eShayina kusukela ngomhla ka- 4 kuya ku-7 Agasti 2008. Isihloko somcimbi siyobe sithi Translation and Cultural Diversity. Amalunga ayakhunjuzwa ukuthi abhalise kusenesikhathi. Ungakhohlwa ukuthi Imidlalo yama-Olimpiki yaseBeijing iyodlalwa emva nje kokuphela kwe-FIT Congress futhi iyoba nemithelela ezindlekweni. Imininingwane yokubhalisa iyatholakala kwi-website ku-http://www.fit2008.org/



Okuthakazelisayo



I-Master of Advanced Studies (MAS) in interpreter training: Umnyango wokuhumusha, wase-Ecole de traduction et d'interprétation (ETI), eNyuvesi yaseGeneva. Lezi ziqu (60 ECTS) zinikezwa ngendlela exubile (90% distance, 10% on site at ETI) futhi ziqala ngomhla ka-1 Septemba 2008. Sekuvuliwe ukubhalisa lapha https://virtualinstitute.eti.unige.ch/MAS/. Izikhala zibaliwe





I-SATI – Igudluza izingqinamba zolimi





futhi usuku lokuvala kwezicelo umhla ka-20 Juni 2008.



Okushicilelwe



I-Comics in Translation, ehlelwe uFederico Zanettin. Amakhomikhi awuhlobo lwe-art oluphambene futhi ayingxenye ebalulekile yamasiko amazwe amaningi, kodwa kuncane kakhulu okuye kwabhalwa ngokuhunyushwa kwamakhomikhi. I-Comics in Translation izama ukubhekana naleli gebe ezincwadini kanye nokunikeza ulwazi oluningiliziwe ngezimo ezihlukahlukene lezimo zokuphila ezihlelwe ngaphansi kwelebula ‘amakhomikhi’. ISBNA Ukuthola imininingwane eyengeziwe: http://stjerome.co.uk/page.php?id=514&doctype=StJBooks &section=3.



I-Translation as Reparation: Writing and Translation in Postcolonial Africa, ebhalwe uPaul Bandia, itshengisa nge-Afrika yangasemva kokubuswa ngabamakoloni ngokunikezela ngezincwadi zase-Afrika ezingezilimi zaseYurohu njenge-case study yethiyori yokuhumusha kwangasemva kokubuswa ngabamakoloni, futhi yenza isiphakamiso ngombono omusha ngokugxekwa okungokwezincwadi ezibhaliwe zangasemva kokubuswa ngabamakoloni. ISBN 978 -1-1905763-06-1. Ukuthola imininingwane eyengeziwe: www.stjerome.co.uk/page. php?id=512&doctype=StJBooks&section=3.



I-Translating Institutions: An Ethnographic Study of EU Translation, ebhalwe uKaisa Koskien, isitshela ngomgogodla wocwaningo lwezikhungo zokuhumusha, zisebenzisa ukuhumusha kwesi- Finnish kwi-European Commission njenge-case study. ISBN 978-1-1905763-08-5. Ukuthola imininingwane eyengeziwe: www.stjerome.co.uk/ page.php?id=518&doctype=StJBooks&section=3.



Imicimbi nokubizwa kwamaphepha



I-workshop yokuhumusha, eNyuvesi yaseStellenbosch: 27-29 Meyi 2008. Le workshop ethatha izinsuku ezintathu, eyohlanganisa izifundo zokuhumusha kanye nokuhumusha ngokoqobo, ihlelelwe abahumushi besiBhunu, isiXhosa, kanye nesiNgisi abasaqala ukuhumusha abafuna ukulola amakhono abo kanye nokuhlangana nabanye abahumushi kanye nalabo abathanda ukuqonda imicimbi yokuhumusha ngokombono wokubhekela ukuhumusha. Ukuthola imininingwane eyengeziwe ungaxhumana noDokotela u-Amanda Lourens ku 021 880 1985 noma alou@iafrica.com noma alourens@sun.ac.za.



I-Correspondence and E-Mail in your Official Capacity:



I workshop yosuku lonke e Nyuvesi yase Stellenbosch Isikhungweni Sezilimi, 25 June 2008. Ukuthol imininingwane: www.sun.ac.za/taalsentrum/EVD noma ungaxhumana no Maretha Joyce ku 021 808 2167 noma mjoyce@sun.ac.za.



I-WALTIC – Writers kanye Literary Translators International Congress: Umhlangano wokuqala wamazwe wababhali nabahumushi bezincwadi ezilotshiwe, e-Stockholm eSweden ngomhla ka-29 Juni – 2 Julayi 2008. I-congress ivulekele ababhali, abahumushi beliterary, izishoshovu, abamele abama NGOs, osopolitiki, abacwaningi nochwepheshe emkhakheni wezamasiko. Ukuthola imininingwane eyengeziwe: www.waltic.com noma uye kule folder: www.congrexnetwork.com/dbs/ waltic/ files/PDF/waltic_information.pdf


I-Third IATI Summer School “SummerTrans III: Translation meets Management”, eNyuvesi yaseVienna, e-Austria, ngomhla ka -1-11 Julayi 2008. Uhlelo luyoqhutshwa ngesiJalimane nangesiNgisi . Ukuze uthole uhlelo nokubhalisa vakashela: www.termnet.info/english/ events/sumtrans2008.php noma uthintane noBlanca Nájera ku-bnajera@termnet.org ukuze uthole ulwazi olwengeziwe.



I-First International CTIS Postgraduate Conference: Translation Frames: Gateways and Gatekeeping, Inyuvesi yase Manchester, UK, ngo mhlaka 30 June–1 July 2008. Ukuthola iminingwane eyengeziwe: hulme.hall@ manchester.ac.uk.



I-Localization Forum at tcworld 2008: IGALA isebenzisaa no-tekom ukuhlanganisa i-Localisation Forum ye-tekom ka 2008 yenkomfa yonyaka kanye ne- trade fair (tcworld) e-Wiesbaden, eJalimane , ngomhla ka 5-7 Novemba 2008. Uhlelo luyohlanganisa ukuphatha ezingeni eliphakeme, ukusetshenziswa okungokoqobo, kanye nemidati yamasiko neyezifunda emkhakheni wokuhumusha ne-localization. Ukuthola imininingwane eyengeziwe: info@gala-global.org noma http://www.gala-global.org.



I-World Congress on Specialized Translation: Lang-uages and Intercultural Dialogue in a Globalizing World, Havana, Cuba, 8-13 Disemba 2008. Ukuthola imininingwane eyengeziwe: http://dtil.unilat.org/cmte2008



I-Korean Association of Translation Studies (KATS) International Conference: Translation and Global-ization, e-Sookmyung Women’s University, Seoul, Korea, 30-31 Okthoba 2009. Amaphepha ahlongozwayo, angedlulile emagameni angu-400 futhi ahlanganisa nesihloko kanye nemininingwane efushanisiwe ngalowo ozolethula, anganikezwa ikomiti yabahlelayo nge-e-mail ku- kats09_seoul@yahoo.com. Isikhathi sokuvalwa kwezicelo: 31 Okthoba 2008. Ukuthola ulwazi ngokwamukelwa: 31 Disemba 2008. Labo aboyobhalisa kuqala: 1 Januwari – 31 Mashi 2009. Ukuthola imininingwane: http://www.kats.or.kr



I-Third Conference of the International Association for Translation and Intercultural Studies (IATIS), eNyuvesi yaseMonash , eMelbourne, Australia, 8-10 Julayi 2009. Kucelwa amaphepha enkomfa yeningi. (www.foxevents. com.au/Current-Events/2009-Events/IATIS-Conference/ Call-for-Panels/Call-for-Papers.asp) kanye nezikhulumi ezikhethekile (http://www.foxevents.com.au/Current-Events/2009-Events/IATIS-Conference/Call-for-Panels/ Panel-Descriptions.asp). Labo abahlongoza ukubamba iqhaza kumelwe banikeze ingxoxo ebhaliwe engangamagama angu-300 ephepha labo (imizuzu engu-20 yokwethula ingxoxo kanye nemizuzu eyi- 10 isikhathi sokuxoxisana.). Vakashela i-website yenkomfa ukuze uthole imininingwane yokuthi unganikeza kanjani ingxoxo yakho ebhaliwe nokuthola ifomu: www.foxevents.com. au/ Current-Events/2009-Events/IATIS-Conference/Default. asp. Ukwamukelwa kwezingxoxo ezibhaliwe kuvalwa: 17 Septemba 2008.



Inkumusho yesiBhunu: u- Gretha Aalbers no-Wilna Liebenberg Inkumusho yesiSotho: Abel Mphanya

Inkumusho yesiXhosa: Angelinah Dazela Inkumusho yesiZulu: u-Lungile Zungu no- Manzo Khulu







I-SATI – Igudluza izingqinamba zolimi



__________________________________________________________________________________________________________________



Ongabathinta e-SATI: Marion Boers. Ucingo: 011 803 2681. Ifeksi: 0866 199 133. E-mail: publications@translators.org.za Irene Dippenaar. Ucingo: 079 492 9359. Ifeksi: 086 511 4971. E-mail: sati@intekom.co.za

















































































































































I-SATI – Igudluza izingqinamba zolimi

