Ukwaziswa Okuvela Kubaphathi









Abaphathi bakwaSATI babenomhlangano wabo waka-muva ngo mhlaka 12 June 2008. Ngezansi ukufushani-swa kwezingxoxo eziyinhloko ezixoxiwe.



Umdlalo Webholo Lendebe Yomhlaba



Ukuhlolwa kolwazi okwenziwe abakwaSATI nokwakha isizinda sabahumushi ezweni lonke, emba kokubonisana nomnyango wezobulingisa, uthole ukuthi ukusabela okuningi, okuningi kuvela kulabo abangewona amalunga abasebenza kulomkhakha kanye nalabo abasebenza ngezilimi ezingajwayelekile. Abakwa SATI bazohlangana futhi ngo July nabomnyango wezobulingisa ukuxoxa ngesinyathelo esilandelayo.



Umhlolovo lwemali ekhokhwayo



Unhlovo seliqalile, futhi abaphethe bajubula ukubona ukuthi, ngemva kosuku oluldwa unhlolomvo luqaliwe, kwasekunokusabela okuqaphelekayo. Unhlolomvo luyo-valwa ngo mhlaka 30 June futhi imiphumela iyokwaziswa iningi ngokushesha emva kwalokho.



Iwebsite yaka SATI



Umsebenzi wokuhunyushwa kwewebsite kuzona zonke izilimi ezisemthethweni isiqalile. Kwavunyelwana ngo-kuthi ingxenye yamalunga kuphela ye website (uma isisebenza) iyonikezelwa ohlwini lwamagama ahunyu-shuwe kanye nezinkumbulo zokuhumusha ezifakwe amalunga. Kuzobakhona nengxenye ‘resources’ engxe-nyeni yeningi ezoba nezichazamazwi, nokunye.



Ukusiza abanye



Uhlelo lokusizana alusebenzi ngendlela ayeyihlo-ngoziwe, ubunzima busekutholeni amalunga akulungene ukunikela isikhathi sawo ukusiza abanye. Abaphethe bavumelene, kodwa, lokhu into ebalulekile ekuthuthu-keni kwalomkhakha futhi bazobona ukuthi kungenzeka yini ukuthi lombono ubhekwe ngenye indlela. Elinye isu, kungaba nokuba nama workshop njalo ezweni lonke.



Ukuba umhumushi oginyaziwe



Uvivinyo lalonyaka lwe NAATI luyoba ngomhlaka 23 July eGoli nase Kapa, kanti uvivinyo lwabahumushi liyoba ngomhlaka 12 July e Potchestroom kanye nomhlaka 14 July eGoli.



Ubulunga



Ama agency ayisishiyagolombili asethathe ubulunga bezinkampani, kanye nesizinda esisodwa sezemfundo. Kubekhona izingxoxo mayelana nobulunga babafundi nokuthi bangahehwa kanjani nokwenza ubulunga bubenenzuzo kuzo.



FIT



Umarion Boers uzobe emele Inhlangano kukhongolose we FIT e Shangahai ngo August. Amanye amalunga








ayobe ekhona angahlanginisa izihambeli zeSATI.



Umhlangano Weningi kanye neSiminar



Umhlangano weningi wango 2008 wabanjwa ngo mhlaka 11 June e Pitoli. Kokibili umhlangano kanye nesiminar ebanjwe kamuva, kwagxila esihlokweni se ITD 2008 esithi ‘Terminology Matters’, yayethanyelwe iningi.



Lamaphuzu alandelayo aphakanyiswa emhlanganweni.



Into ebalulekile kuSATI kusuka manje kuya phambili ukwakha ubuhlobo obuqinile phakathi kwabahumushi bolwimi olibhaliwe nolukhulunywayo bezilimi zabo-mdabu. Inani lamalunga kulomphakathi (ikakhulukazi labo abagunyaziwe ngokomthetho) lincane kakhulu uma liqathaniswa nenani lamalunga ewonke, futhi lokhu kuyakhathaza ngekusasa lika SATI njengenhlangano yase Ningizimu Afrika. Usihlalo uye wanxusa ukuba kuvele imibono ekutheni amalunga angakhushulwa kanjani, kukhumbuleka izinkinga ezinkudlwana njengo-kuthi uhulumeni uhlulekile ohlelweni lukusungula uhlaka lohlelo lwazo zonke izilimi ezisemthethweni. Kwapha-wulwa futhi nokuthi uSATI akazange acelwe ukuba aveze umuzwa wakhe ngephepha lakamuva elihlongo-zwayo lomkhandlu labasebenzisi bolimi eNingizimu Afrika.



Kwaphakanyiswa ukuthi uSATI agxile ekusakazeni ulwazi lweNhlangano: eminye yemibono, ukukhipha ama press release angeziwe, ukusebenzisa abafundi be Public Relations/Markeing ukusiza ekhwakheni naseku-sakezeni indlela yokumaketha kanye nokusebenzisa amalunga agunyaziwe ngokusemthethweni kanye noku-khuluma nabafundi bokuhumusha emanyuvesi ukuze athuthukise umbono owoyiwo kubahumushi abaseba-ncane ngokuba abahumushi abagunyaziwe ngokuse-mthethweni nokuba amalunga kaSATI. Abaphathi bathanda ukukhuthaza amalunga ukuba avele nemibono emisha yokusakaza imisebenzi yeNhlangano ikakhulu-kazi, ukunikeza usizo ekufezeni lemibono.



Kwajabulisa ukuthola ukwazisa okuyikho ngabahumushi bolwimi lwezandla eNingizimu Afrika kanye nohlelo lokugunywazwa ngokusemthethweni: kuyinto ethathwa ngokuthi ukuba sezingeni eliphezulu kulabo be SASL ukuba umhumushi ogunyazwe iSATI futhi kubonakala sengathi eminyakeni embalwa ezayo kuzobanzima ukusebenza njengo mhumushi we SASL ngaphandle kokugunyazwa uSATI. Lokhu kuwuphawu lokuzigqaja kwiSATI futhi kwavunyelwana ukuthi kumelwe sibheke ukuthi singawuqhubekisela kanjani lomoya kwabanye abahumushi.



Kwavela nokuthi uhlelo lwamakomiti olwaqalwa eminya-keni emibili eyedlule aluzange lusebenze ngendlela





Ulwazi oluvela emhlangwaneni wakamuva wabaphathi
 
Vol. 3 No. 2
 

 

 

 
June 2008
 

 

 

 

 

 

 


ngezinye izikhathi ngenxa yokuthi amakomiti awoqo-ndanga kahle lokho Abaphathi ababekulindele kuwo. Kwasikiselwa ukuba amakomiti anikezwe ithuba lokubika imisebenzi yawo ngendlela esemthethweni kuBaphathi. Abaphathi bavumelana ngokuthi indlela engcono yokwenza lokhu ukumema osihlalo bamakomiti kanye nabamagatsha abazobe bebungaze umhlangano weni-ngi emhlanganweni obanzi wabaphathi(ilanga elinga-phambi komhlangano) ukuze babike ngemisebenzi yabo kanye nokunikezelana ngemibono nabanye osihlalo. Abaphathi futhi bazozama ukuxhumana nosihlalo bama-komiti ngokwengeziwe mayelana nemisebenzi yabo.


Abaphathi bathanda ukukhumbuza amalunga anga-thanda ukuba nengxenye emakomitini athile ukuba azise abaphathi ukuze amagama abo afakwe ohlwini lokuvota olulandelayo.







Ukuhumusha ngeSesotho: Abel Mphanya Ukuhumusha ngeSetswana: Pauline More Ukuhumusha ngesiBhunu: Elsie Fourie Ukuhumusha ngesiXhosa: Angelinah Dazela Ukuhumusha ngesiZulu: Lungile Zungu

