Ukubika ifa lomuntu oshonile
Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Ukubika ifa lomuntu oshonile
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo Kubantu
Ukubhekana nomthetho
Ifa nempahla yomuntu oshonile
Ukubika ifa lomuntu oshonile
Ukubika ifa lomuntu oshonile
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana
Izincazelo
Kuba nefa (estate) lomuntu lapho umuntu eshona eshiya impahla kanye/noma idokhumende eyiwili, noma enenhloso yokuba yiwili. Ifa kumele liphathwe kanye nokwabiwa ngokulandela iwili yomuntu oshonile, kanti uma umuntu oshonile engashiyanga iwili, ngokulandela okubekwe kumthetho. Umthetho wezokuphathwa kwamafa abashonile we-Administration of Estates Act, 1965, ubeka inqubo okumele ilandelwe ekuphatheni ifa lomuntu oshonile.
Ifa lomuntu oshinile kumele libikwe emahhovisi ka-Master kungakapheli izinsuku ezingu-14 ngemuva kosuku umuntu ashona ngalo. Ukushona kungabikwa ngunoma ngubani umuntu olawula noma ophethe impahla yomuntu oshonile, noma olawula noma ophethe idokhumende yomuntu oshonile eyiwili noma esabuwili.
uma umuntu eshonele eNingizimu Afrika nakhona washiya impahla kanye/noma idokhumende eyiwili noma enenhloso yokuba yiwili uma umuntu eshonele ngaphandle kweNingizimu Afrika nakhona washiya impahla kanye/noma idokhumende eyiwili noma enenhloso yokuba yiwili.
Ngabe libikwa kuphi ifa lomuntu oshonile?
Phezulu
Izinyathelo okumele zilandelwe
Uma umuntu oshonile ebehlala eNingizimu Afrika ngesikhathi sokushona kwakhe, bika ifa ku-Master onegunya kuleyo ndawo lapho umuntu oshonile ebehlala khona ngesikhathi sokushona kwakhe.
Bika ifa ngokugcwalisa ifomu le-Form J294: Inothisi yokushona kanye namanye amadokhumende okubika kufakelwe kuhla olungezansi.
Form J192: Affidavit (isitatimende esifungelwe kwabomthetho): imininingwane yoshonelwe - egcwaliswa uma oshonile engashiyanga iwili esebenzayo
o uma umuntu eshona ngaphandle kwewili noma o uma iwili ingaqoki umuntu othize njengomabi wefa noma o uma umabi wefa owaqokwa ashona, noma enqaba ukuqokwa.
sitifikedi sokushona noma ikhophi yaso eqinisekisiwe:
o isitifikedi sokuqala somshado noma ikhophi yaso eqinisekisiwe - uma lokhu kusebenza o onke amawili akuqala noma ama-codicil (okusho ezinye izingxenye zokwengezela kuwili, ezishintsha iwili yakuqala noma ezikhansela ingxenye yayo) noma amadokhumende analeyo nhloso - uma ekhona o uhla lwabantu abakweleda umuntu oshonile - uma bekhona o isimemezelo esiqinisekisa ukuthi ifa alibikwanga kwelinye ihhovisi lika-Master noma kwamanye amahhovisi asebenzela u-Master.
o uma umuntu eshona ngaphandle kwewili noma o uma iwili ingaqoki umuntu othize njengomabi wefa noma o uma umabi wefa (executor) owaqokwa ashona, noma enqaba ukuqokwa.
Form J109: Ukwamukelwa kwe-trust yokuba ngumabi wefa - okumele igcwaliswe ngamabili ngumuntu (ngabantu) abaqokwe ukuba ngumabi wefa (ababi befa)
Fakela isicelo sakho esisayiniwe sihambisane namadokhumende alandelayo:
isitifikedi sokushona noma ikhophi yaso eqinisekisiwe isitifikedi sokuqala somshado noma ikhophi yaso eqinisekisiwe - uma lokhu kusebenza onke amawili akuqala noma ama-codicil (okusho ezinye izingxenye zokwengezela kuwili, ezishintsha iwili yakuqala noma ezikhansela ingxenye yayo) noma amadokhumende analeyo nhloso - uma ekhona.
Amahhovisi asebenzela u-Master (amahhovisi omantshi) anegunya uma umuntu oshonile engashiyanga iwili esebenzayo, kanti futhi ubungakanani befa lomuntu oshonile lingaphansi kuka-R50 000. Izincwadi zesigunyaziso zivumela ukuthi umuntu oqokiwe aphathe ifa ngaphandle kokulandela inqubo ebekwe kumthetho we-Administration of Estates Act, 1965.
Phezulu
Umthetho osetshenziswayo
Phezulu
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Isikhathi sokwenziwa kwalo msebenzi sincike kwisixaka-xaka sodaba nodaba.
Phezulu
Izindleko
Phezulu
Amafomu okumele agcwaliswe
Phezulu
Indawo nendlela yokuxhumana
Ucingo:
Ikheli lendawo:
Ikheli leposi:
Ucingo:
Ikheli lendawo:
Ikheli leposi:
Ucingo:
Ikheli lendawo:
Ikheli leposi:
Ucingo:
Ikheli lendawo:
Ikheli leposi:
Ucingo:
Ikheli lendawo:
Ikheli leposi:
Ucingo:
Ikheli lendawo:
Ikheli leposi:
Yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka:
Ukuxhumana okuhambelanayo uMnyango wezoBulungisa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
