Ngokuhlukunyezwa kwabantu asebegugile
Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Ukubika ubugebengu ngaphandle kokuzidalula igama
Ngokuhlukunyezwa kwabantu asebegugile
Fakela isaziso ngokufa okwenzekile
Umgunyathi wenkohliso ye419 kanye nenkwabaniso yam
Inombolo yokubika ubugebengu
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo Kubantu
Ukubhekana nomthetho
Ukubika ubugebengu izenzakalo
Ngokuhlukunyezwa kwabantu asebegugile
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana
Izincazelo
Lomsebenzi uchaza indlela yokuthatha izinyathelo nokuqalisa uhlelo lokulamulela noma lokuvikela ukuhlukubezwa kwabantu abadala. Kunezindlela ezehlukahlukene zokuhlukubezeka abantu abadala bazithola bebhekene nazo. Nazi ziyalandela:
Ukuhlukubezeka okuthintana nomzimba: Noma ngayisiphi isenzo esinomphumela wokulimala noma ukufa komuntu omdala. Njengokumshaya ngampama, ukushaya nangenqindi, ukumshova, ukuphatha nje ngokudlubulundela, ukumsika ngomese, ukusebenzisa amakhemikhali noma indluzula ukumvimbela ukuthi enze utho, ukusebenzisa imithi engeyona noma eyeqile, noma ngayisiphi isenzo esibanga ukulimala, ukungaphatheki kahle komzimba, ukumphuzisa amaphilisi amlalisayo noma abanga ukufa.
Ukuhlukubezeka ngokwecansi: Noma ngayisiphi isenzo esinomphumela wokusebenzisa umuntu omdala abe yisigcila socansi noma ukuzithokozisa ngokwecansi ngomuntu omdala ngaphandle kolwazi lwakhe,nokuqondisisa kwakhe noma imvume yakhe.
Ukuhlukubezeka ngokwenqondo, ngemizwa noma ngezinkulumo: Indlela ephindaphidiweyo yokuphatha umuntu omdala kabi, ngehlazo okubangela ukuthi inqondo yomuntu omdala ingasebenzi kahle nomoya wakhe uphatheke kabi akhathazeke. Njengokumkhumbisa ukungamukeleki, ukumkhipha inyumbazana, ukumqindezela okuthile, ukumcisha uthando, nokuthuthuka kwenqondo, ukumbiza ngamaganyana angathokozisi, ukumenza inhlekisa, ukumethwesa amaqadlana angasile nokuhlala ubheke okuthile kuyena.
Ukuhlukubezeka ngasezimalini noma ukunqhaphaza ngezomnotho: Ukusebenzisa imali yomuntu omdalla yegranti, impahla yakhe, izinto zakhe azikhonzile noma imali yakhe ngokungekho emthethweni nome ngaphandle kwemvumo yakhe nolwazi lwakhe ukuthi kuzokwenzekani noma anganeliswa yilesenzo.
Ukungamkhathaleli: ukungamnakekeli ungamnikezi izidingo ezibalulekile ezigcina umzimba nenqondo. Njengokumncisha ukudla, ukuthokomala indawo yokuhlala izimpahla zokwembhatha, imithi yokwelapha, ukungamngcini ajabulile anomdlandla azikhathalele.
Ukumncisha amalungelo oluntu (ukwephula umthetho): Ukumephuca umuntu omdala, amalungelo oluntu njengokumnikeza inhlonipho, isithunzi sakhe, ukumnikeza ingasese lakhe ukumvumela azicabangele akufunayo akholwe akufunayo, abeke umbono wakhe, azikhulumele ngomlomo wakhe ngendlela ayithandayo aye lapho afuna ukuya khona. Njengobuthakathi (ikakhulu abesifazane asebabadala baziphatha njengabantu asebakhulile bese abantu bacabanga ukuthi bayathakatha) loku kunomphumela wokuthi babizwe ngokuthi bangabathakathi, bakhishwe inyumbazana, balinyazwe noma babulawe.
Noma ngangubani obona ukungakhathalelwa komuntu omdala noma ukugcilazwa kwakhe noma ukungaphathwa kahle komuntu omdala, noma umuntu onesizathu sokusola ukuthi lenzizinto ezibaliwe ziyenzeka noma sezenzekile.
Phezulu
Izinyathelo okumele zilandelwe
Phezulu
Umthetho osetshenziswayo
Phezulu
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Uma umuntu obikayo angunonhlalakahle ovele asebenza ngazo lezindaba, kumele aqhubeke nophenyo anikeze umbiko obhaliwe ophelele kwihhovisi lentuthuko lezenhlalakahle angakapheli amaviki amane.
Uma umuntu obikayo angeyena unonhlalakahle, kungumsebenzi womphathi omkhulu wononhlalakahle wehhovisi lentuthuko lezenhlalakahle ukuthi anikeze umuntu ofanele ukuthienze lomsebenzi alindele umbiko angakapheli amaviki amane.
Uma ukuhlukubeza kuphathelene nekhaya labadala, noma inhlangano okungeyona kahulumeni, noma inhlangano yomphakathi, unonhlalakahle kwelinye ihhovisi elikhweshelene naleyondawo kumele asebenze loludaba.
Uma isimo kungesona esichazwa lapha ngaphezulu, thola isifiso somuntu ohlukubezwayo. Ungqongqoshe wentuthuko kwezenhlalakahle, noma ilungu likhansela enkulu kumele ligunyaze omunye umuntu ukuthi alekelele.
Phezulu
Izindleko
Awukhokhelwa lomsebenzi.
Phezulu
Amafomu okumele agcwaliswe
Amafomu atholakala ehhovisi lentuthuko kwezenhlalakahle eliseduze nawe.
Phezulu
Indawo nendlela yokuxhumana
Yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka:
Ukuxhumana okuhambelanayo uMnyango wesimo seNdalo nezokuVakasha
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
