Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Sikazwelonke sosizo lwezimali kubafundi iNational
Kuqala sobhaliso nesikhungo semfundo ephakeme
Kuhlaka lukazwelonke lwamarekhodi abafundi iNation
Ubhaliso lwesipesheli njengososayense
Izidingo ngobhaliso kumkhakha wokusebenza njengoso
Isicelo sokubhalisa njengososayense weprofeshini y i aphili ngokwalelwa ubhaliso
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo Kubantu
Imfundo noqeqesho
Izikhungo zemfundo ephakeme
Isicelo sokubhalisa njengososayense weprofesheni yesayense yemvelo kumkhakha weSayense ye-Forensic
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana
Izincazelo
ukusebenza emkhakheni we-consultancy ukuba nesimo seprofeshini kanye nokuthola inzuzo enikezwa zikhungo zezezimali ukuthola ukusekelwa wuMkhandlu kanye negaranti (isiqinisekiso) esingavuni sekhono lakho ukuvikela kanye nokuqinisa iprofeshini.
Ukuze ukhwalifaye (ukufanele) ukubhalisa (ukurejista) ukusebenza emkhakheni weSayense ye-Forensic, kudingeka uhlangabezane nokulandelayo:
Okungenani u-50% wezifundo kuhlelo kumele kube ngezibonwa njengezifundo zesayense yezemvelo.
Olunye uqeqesho:
Kumele unikeze ubufakazi boqeqesho kwiSayense ye-Forensic noma yophenyisiso (yama-Investigation), isibonelo, ukuhlola amadokhumende, ukuphenyisisa ngomlilo, ukuphenyisisa izimpawu zamathuluzi, ukuphenyisisa kobushushisi, inqubo yomthetho nezinkantolo, ufakazi wobuchwepheshe, noma ezinye izifundo ezifishane ezigunyaziwe.
Kumele ube nomlando (nerekhodi) lomsebenzi oqondene nesayense ye-forensic kanye nocwaningo.
Izibhamu:
o ukuhlola kanye nokubeka ngezinhlozo zazo izikhali/ izinhlam o ukuxhumanisa isikhali nobugebengu, ukunaka indawo okwenzeke kuyo ubugebengu kanye nokuhlola ubufakazi be-forensic.
Ukuphenyisisa ingozi:
Usekelo lobuchwepheshe ekuphenyisisweni kwezingozi zasemgwaqeni, ukuhlanganisa indlela izinto ezenzeke ngayo okuholele ekungqubuzaneni, ukucwaninga okunemininingane kwezingxenye zemoto, ulwazi oluthile maqondana netheknoloji yezimoto. (Amakhwalifikheshini kwi-physics noma isayense yezinto ezibambekayo (materials science) kungayinto engaba wusizo.)
Ukufundisisa amadokhumende emibuzo - ukwazi ukubona imibhalo yesandla
Ukukhulisa indawo okwenzeke kuyo isenzo kanye nokuqoqa ubufakazi
Imibhalo yezesayense
Isipiliyoni ngesimo sangaphakathi kwelabhorethri
Ulwazi lokubheka indawo okwenzeke kuyo ubugebengu ngokweluleka
Imisebenzi yokusuphavayisa uvivinyo lwezinto elabhorethri ezihambelana nobugebengu
Ubufakazi bezesayense obungavuni hlangothi enkantolo yamacala ukusekela ubushushisi noma abamele abamangalelwe kuphenyisiso bobugebengu
Phezulu
Izinyathelo okumele zilandelwe
Fakela imali ebekiwe okumele ikhokhelwe yerejistreshini (yobhaliso) ihambisane nesicelo.
Umkhandlu uzokurejista (uzokubhalisa) ebese ukhipha isitifikedi serejistreshini, uma weneliseka ukuthi unemfundo edingekayo nefanele kanye nesipiliyoni njengoba sibekwe ngoboMkhandlu.
Umphumela wohlolo ngeke waziswa kuze kube ngemuva komhlangano woMkhandlu.
Umkhandlu ungala ukurejista umenzi wesicelo ngaphansi kwezimo ezilandelayo:
o uma, ngemuva kokusungula koMthethosisekelo weRiphabhuliki yeNingizimu Afrika, 1996, (Act 108 of 1996)umenzi wesicelo watholakala enecala eRiphabhuliki noma kwenye indawo nakhona agwetshwa isikhathi esingaphezulu kwezinyanga ezintathu noma ifayini njengenye indlela yokugwetshwa.
o uma irejistreshini (ubhaliso) lomuntu lumisiwe ngenxa yesijeziso asinikeziwe ngaphansi kwalo Mthetho.
o uma umuntu ekhishwa esikhundleni sokwethembeka ngenxa yokungaziphathi kahle.
o uma umuntu etholwe yinkantolo njengohluleka ukukhokhela izikweledu nakhona engakabuyiselwa esimeni esihle ngezikweledu (non-rehabilitated insolvent), kanti ukuhluleka kwakhe ukukhokha izikweledu (insolvency) kwabangelwa wubudedengu bakhe ekwenzeni umsebenzi owela ngaphansi komkhakha enza isicelo seresjistreshini (sobhaliso) kuwo.
Umkhandlu uzokwazisa ngokubhala uma isicelo sakho sobhaliso (serejistreshini) sinqatshelwe.
Ungenza i-aphili ngesinqumo soMkhandlu kungakapheli izinsuku ezingu-30.
Kumele wenze isicelo kuMkhandlu, sokuvuselelwa kwerejistreshini (kobhaliso) okungenani, kusenezinyanga ezintathu ngaphambi kokuphela kwesikhathi sobhaliso (kwerejistreshini) yakho.
Phezulu
Umthetho osetshenziswayo
Phezulu
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Phezulu
Izindleko
Ukufakela imali ngendlela ye-elektroniki kanye nokufakela imali ngokuqonde ngqo: Sicela usebenzise onobumba bokuqala bamagama (initials) kanye nesibongo ukuze kwaziwe imali ekhokhwayo ibuya kubani kwisitatimende sebhangi lethu ebese uthumela ubufakazi bokukhokha ngefekisi, kanye nekhasi lokuqala lefomu yesicelo kwinombolo ethi: 841 1057.
Imininingwane yeBhangi:
Inombolo ye-Akhawunti: 1644292289
Phezulu
Amafomu okumele agcwaliswe
Phezulu
Indawo nendlela yokuxhumana
Yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka:
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
