Isicelo sokubhalisela ukusetshenziswa kwamanzi
Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Ukubhalisa umkhumbi wokudweba kwabemikhumbi yamazwe angaphandle
Ukudweba ngenhloso yohwebo ukuhambisa noma ukuphatha ukudla ukuphatha ubisi kanye nokuluhambisa
Ukufunana nomcebo wamaminerali ibhizinisi lomsebenzi wezimayini
Ukuqhuba ibhizinisi lezimayini
Isicelo sokubhalisela ukusetshenziswa kwamanzi
Elayisense yokuqhuba iNkonzo yezamaposi egodliwe
Ukufaka isicelo sokudoba izinhlanzi ukuze uziphili
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izimvume namalayisense
Isicelo semvume noma selayisense
Isicelo sokubhalisela ukusetshenziswa kwamanzi
Isicelo sokubhalisela ukusetshenziswa kwamanzi
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana
Izincazelo
Bonke abasebenzisi bamanzi, amanzi abo angaveli kumnikezi wenkonzo (service provider), uhulumeni wendawo, ibhodi yamanzi, ibhodi yamanzi emisele yezokunisela (irrigation scheme), isikimu samanzi kahulumeni, noma abanye abasaplaya ngomthamo omkhulu wamanzi (bulk supplier), kumele babhalise ukusebenzisa kwabo amanzi noMnyango wezaManzi namaHlathi (DWAF). Laba basebenzisi kumele babengabasebenzisa amanzi ukwenza okulandelayo:
ukunisela (ngemisele)
izinhloso zomsebenzi wemayini ukusebenzisela izimboni
Okunye ukusetshenziswa kwamanzi okumele kubhaliswe, kubandakanya okulandelayo:
o ukuchithwa kodoti noma amanzi anodoti o ukuphambukisa imifula kanye nemisele, noma ukwenza umehluko ngendlela umfula ogeleza ngayo nokungenela kwenjula yomfula (alterations to river beds) noma kumazibuko emifula noma indlela umfula obukeka ngayo.
Ukugcina amanzi - Noma yimuphi umuntu ogcina amanzi nganoma yiyiphi inhloso (okubandakanya ukunisela ngemisele, ukuwasebenzisela ekhaya, ukuwasebenzisela imboni, ukuwasebenzisela imayini, izinto ezitshalwa noma ezifuywa emanzini, izinhlanzi, imidlalo yamanzi, ukuhlobisa ngamanzi, izingadi, ukuhlobisa ingadi noma ipaki (landscaping), ukwenza igalofu endaweni, nokunye okunjalo), ukusukela kunqenqema lwendawo, amanzi angaphansi komhlaba, noma umthombo oyisisusa (fountain), ogeleza ngomthamo ongaphezulu kuka-10 000 cubic meters, noma lpaho khona amanzi asaplaywa endaweni engahezulu kukahekthere eyodwa yomnikazi noma umuntu ohlala khona, noma inhlangano, iphemithi noma imvume (permit or permission).
Imisebenzi ephungula ukugeleza kwemisele (Afforestation) - Konke ukungezelwa kwehlathi (ukutshala izihlahla) ngenhloso yentengiso, okubandakanya izihlahla zemiphakathi (communal forestry) ngenhloso yentengiso, okwenzeka ngaphambi kukanyaka ka-1972, kumele kubhaliswe.
Ukusetshenziswa ngohulumeni bezindawo kanye nabasaplayi bomthamo omkhulu ngemithombo yabo yamanzi, kanye nemisebenzi yokuhlanzekisa (purification works).
Imisebenzi elawulwayo (controlled activities) efana nokunisela ngamanzi kadoti, ukwenza amandla kagesi ngamanzi, ukuguqula isimo somoya (atmospheric modification), noma ukushaja futhi unqenqema ledwala noma unqenqema lomhlabathi elimunca amanzi (aquifer).
Phezulu
Izinyathelo okumele zilandelwe
Ukuqapha (ukubeka) ukusetshenziswa kwamanzi okuqondene kanye.
Ukuxhumana nehhovisi lerijini laboMnyango wezaManzi namaHlathi.
Thumelaamafomu ehhovisi eliseduzane lerijini le-DWAF kanye namadokhumende alandelayo:
o imininingwane yomenzi wesicelo o indawo lapho okuzosetshenziswa khona amanzi o imininingwane yomnikazi wendawo (weprophathi)
o nikeza ngekhophi yesitifikedi esiqinisekisiwe sikaMazisi wakho (se-ID) yakho o ikhophi eqinisekisiwe yetayitela leprophathi (lempahla)
Phezulu
Umthetho osetshenziswayo
Phezulu
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Ubhaliso (irejistreshini) izothatha inyanga eyodwa.
Phezulu
Izindleko
Ngu-R114. 00 Lokhu kusebenza kuphela kwizicelo zelayisense.
Phezulu
Amafomu okumele agcwaliswe
Phezulu
Indawo nendlela yokuxhumana
Yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka:
Ukuxhumana okuhambelanayo uMnyango wezaManzi namaHlathi
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
