Isicelo sokubhalisa (sokurejista) ubunikazi bophawu lwenkampani
Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Isicelo sobhaliso serejistreshini yelungelo lobuqa
Isicelo sokubhalisa sokurejista ubunikazi bophawu
Isicelo sokubhalisa ilungelo lobunikazi
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo ezinhlanganweni
Isicelo sokubhalisa sokurejista ubunikazi bophawu
Isicelo sokubhalisa (sokurejista) ubunikazi bophawu lwenkampani
Izincazelo
Uphawu lwenkampani yi-brand name, isilogeni (isiqubulo) noma ilogo. Luphawula izinkonzo (amasevisi) izimpahla zomuntu oyedwa kanye nokwenza ukuthi impahla nezinkonzo (amasevisi) ahluke kwamanye. Isibonelo sibandakanya:
Ilogo: Uphawu lwe-Nike olunjena: "v" noma uphawu lwakwa-MacDonalds olunjena: "M"
Isheyiphu ethize: Yebhodlela le-Coca Cola
Ngakho-ke i-brand name yigama noma inhlanganisela yamagama (isibonelo: Kentucky Fried Chicken). Isilogeni (isiqubulo) wumusho omfishane noma isenthense kanye nelogo eyisithombe esithize esehlukile kwezinye noma uphawu. Kukhombisa ubunjalo obehlukile nobuqondana naleyo nkampani kwezezimakethe kanti futhi kusebenza kwimikhiqizo kanye nezinkonzo (amasevisi).
Uma uphawu lobunikazi (i-brand name, isilogeni noma ilogo) sekubhalisiwe (kurejistiwe), akekho omunye umuntu ongasebenzisa lolu phawu lobunikazi, noma olunye olufana nalo. Uma lokhu, kwenzeka, kungathathwa izinyathelo zomthetho. Kuke kwaba namacala adumile ezinkantolo zeNingizimu Afrika, afana nalapho inkampani yakwa-MacDonalds e-USA ike yamangalela inkampani yaseNingizimu Afrika eyayisebenzisa uphawu olufana nolwabo lwe-"M".
Izinyathelookumele zilandelwe
Thola ifomu le-TM1 ebese uligcwalisa ngamathathu. Amakhophi amabili azosetshenziswa yihhovisi kanti elesithathu kumele uzigcinele lona njengobufakazi besicelo sakho.
Khokhela imali yobhaliso (yerejistreshini) ngaphambili, noma lapho ufakele isicelo.
Bhala phansi izimpahla noma izinkonzo (amasevisi) ofuna ukusebenzisa uphawu lobunikazi kuzo, ku-field 57 wefomu le-TM1.
Cophelela kakhulu ukuze ungafakeli izimpahla noma amasevisi (izinkonzo) zakwamanye amaklasi kuphawu lobunikazi olulodwa kwisicelo. Uma wenza lokho, uzokwelulekwa ukuthi uchibiyele incazelo uukbandakanya lezo zimpahla kuphela noma lawo masevisi (lezo zinkonzo) kuphela achazwe kuleyo klasi kuphela. Kokunye, kuzomele ufakele isicelo esiseceleni kabusha.
Uma isicelo sakho sesihambisane nazo zonke izidingo zokosiko, uzonikezwa usuku isicelo sakho esibekelwe lona kanye nenombolo. Konke ukuxhumana nehhovisi kuzoba nenombolo yaleso sicelo. Ngisho noma kuthatha izinyanga ezingu-18 ukubhalisa (ukurejista) ubunikazi bophawu, ungaqala ukulusebenzisa maduzane nje lapho usuthole khona inombolo yomenzi wesicelo (applicant number).
Uma ubunikazi bophawu lwakho lwamukelwa ngaphandle kwemibandlela, ungakhangisa ngalo kwi-Patent Journal, ekhishwa nyanga zonke ngabaPrinti bakaHulumeni.
Abantu emiphakathini banikezwa izinyanga ezintathu zokuthi baphikisane nesicelo (lodge objections).
Ungashayela isikhungo sezokuxhumana ne-dti kunombolo ethi: (0861 84 33 84).
Khokha ebhangi ngokusebenzisa ikhodi yekhastama.
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Kungathatha iminyaka emibili ukuze ubhaliso (irejistreshini) yobunikazi bophawu kuphethwe ngabo.
Izindleko
Ngu-R85 ukufunsisa ngobunikazi bezimpawu obukhona
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana
Ucingo:
Ikheli lendawo:
Ikheli leposi:
Yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka:
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
