Ubhaliso lozalo emva kwesikhathi
Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Ubhaliso lozalo emva kwesikhathi
Ubhaliso lokuzalwa
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo Kubantu
Ukubeletha
Ubhaliso lozalo emva kwesikhathi
Isicelo sobhaliso (serejistreshini) yozalo (ngemuva kwesikhathi)
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana
Izincazelo
Ubhaliso lozalo ngemuva kwesikhathi (late registration) kwenziwa lapho ubhaliso lwenziwa ngemuva konyaka ngemuva kokuba ingane izelwe.
Phezulu
Izinyathelo okumele zilandelwe
Gcwalisa ifomu le-BI-24/1 lokuzalwa okubhaliswa ngemuva konyaka, kodwa kungakedluli iminyaka engu-15.
Gcwalisa ifomu le-BI-24/15 lokuzalwa ngemuva kweminyaka engu-15.
Fakela ikhophi eqinisekisiwe yedokhumende kamazisi kamama, uma abazai bengashadile noma kanye nekababa yokuvuma ubuzali. Kanti uma ubaba emukela ubuzali, fakele amakhophi aqinisekisiwe abo bobabili abazali, amadokhumende kamazisi. Uma beshadene nomama wengane ngokuzalwa, amakhophi aqinisekisiwe abo bobabili abazali amadokhumende kamazisi kanye nesitifikedi somshado wabo siyadingeka noma
Fakela isitifikedi esivela esibhedlela noma semathenithi lapho ingane eyazalelwa khona. Isitifikedi kumele sisayinwe ngumuntu ophethe indawo (UNsumpa noma uMetroni) kanti kumele sibe negama elisemthethweni lesikhungo kanye nesitembu.
Fakela isiqiniso semininingwane yengane njengoba ikhonjiswe kurejista yesikole noma kwisitifikedi sesikole ingane eyaqala kuso, esisayinwe nguprinsipali (uthishanhloko). Isiqiniso kumele sibe nenombolo kaprinsipali kwi-letterhead enesitembu sesikole nosuku.
Fakela nesitifikedi sengane sokubhabhadiswa, uma sakhishwa eminyakeni emihlanu ingane izelwe.
Uma abazali bengekho, isitatimende esefungelwe kwabesemthethweni i-afidavithi yesihlobo esisondelene kakhulu naye, kodwa esineminyaka emidala enganeni okungenani ngeminyaka engu-10, kanti futhi isihlobo esazi kabanzi ngemininingwane yokuzalwa kwengane, okumele kuhambisane nobunjalo nesimo sengane.
Fakela isitatimende esivela kumuntu onalwazi ngabazali bomenzi wesicelo buqu. Lo muntu kuzomele ahambe nomenzi wesicelo ehhovisi lezaseKhaya lapho umenzi wesicelo kanye nalowo muntu bezophengululwa khona ngemibuzo emagumbini ehlukene (interviewed separately).
Phezulu
Umthetho osetshenziswayo
Phezulu
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izicelo zingathatha izinyanga ezingu-3 ukuya kwezingu-6.
Phezulu
Izindleko
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
Phezulu
Amafomu okumele agcwaliswe
Qaphela:
Amafomu awatholakali kulayini we-internethi. Sicela uxhumane nehhovisi eliseduze lonyango.
Phezulu
Indawo nendlela yokuxhumana
Yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka:
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
