Isicelo sokushintshwa noma ukugudlulela eceleni umyalelo wokuvikelwa
Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Isicelo sokushintshwa noma ukugudlulela eceleni um
Isicelo senye iwaranti yokubopha umuntu omangalelw
Isicelo sokushintshwa noma ukugudlulela eceleni um
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo Kubantu
Ubudlelwane nezobulili
Isicelo sokushintshwa noma ukugudlulela eceleni um
Izincazelo
Yini udlame lwasekhaya?
ukulimaza impahla ukulandelela ukungena endaweni yomuntu ngaphandle kwemvume yakhe noma yikuphi okunye ukuhlukunyezwa, noma ukulawulwa indlela oziphatha ngayo
Lapho lokho kuziphatha kwalowo muntu okukulimazayo noma okungabangela ukuthi ulimale empilweni yakho, ngokuphepha kwakho noma ngokungaphili kahle.
Uma lezi zinhlobo zokuhlukumezeka zenzeka kuwe noma komunye umuntu omaziyo, ungenza isicelo somyalelo wokuvikelwa. Umyalelo wokuvikelwa kudlame lwasekhaya, yidokhumende ekhishwa yinkantolo evimbela umhlukumezi ukwenza okulandelayo:
ukwenza isenzo sodlame lwasekhaya ukuthola usizo lomunye umuntu ukwenza isenzo esinjalo ukungena endaweni yokuhlala ehlanganyelwe ngumenzi wesicelo kanye nalowo okwenziwa ngaye isikhalazo ukungena engxenyeni ethile yaleyo ndawo yokuhlala ehlanganyelwe;
ukungena endaweni yokuhlala ehlala umenzi wesikhalazo;
ukungena endaweni lapho okusebenza khona umenzi wesicelo (ummangali);
ukuvimbela umenzi wesikhalazo (ummangali) ohlala noma obehlala endaweni ehlanganyelwe ukuthi angene endaweni yokuhlala ehlanganyelwe noma engxenyeni yendawo ehlanganyelwe yokuhlala noma engxenyeni ethile ebekwe njengengxenye yendawo yokuhlala; noma ukwenza noma yisiphi isenzo esifakwe kumyelelo wenkantolo wokuvikela (protection order).
Ngubani ongenza isicelo somyalelo wenkantolo wokuvikelwa?
Noma ngubani ohlukunyeziwe
Osemncane ngeminyaka angenza isicelo ngaphandle kosizo
Noma ngubani umuntu onakekela noma okhathazeka ngempilo yomenzi wesicelo (ummangali). Abantu abalandelayo bangenza isicelo ngokuvunyelwa ngumkhalazi (ummangali) ngokubhala (written consent), ngaphandle kokuba umkhalazi esemncane ngeminyaka, noma engumuntu ongaphilile kahle ngokwengqondo (mentally retarded person), osahanjelwe yingqondo noma oqulekile (unconscious), noma uma inkantolo ineliseka, wukuthi lowo muntu akakwazi ukunikezela ngokuvuma kwakhe.
Umsebenzi wezempilo
IPhoyisa
o uThisha (umfundisi)
Ukuthola olunye ulwazi, ngena kwi-website yaboMnyango wezoBulungisa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo.
Izinyathelo okumele zilandelwe
Yenza isicelo somyalelo wokuvikelwa eNkantolo kaMantshi eseduzane nalapho uhlala khona noma usebenza khona noma kunini, ngesikhathi samahora okusebenza noma ngaphandle kwesikhathi samahora okusebenza, ngisho nangamaholidi noma ngezimpelasondo
Isicelo kumele senziwe ngesitatimende esifungelwe kwabomthetho (i-afidavithi), echaza okulandelayo:
Uhlobo lomyalelo okwenziwa isicelo sawo
Igama lesiteshi samaphoyisa lapho umkhalazi (ummangali) angabika khona ukwephulwa komyalelo wokuvikelwa okwenziwa isicelo sawo.
Lapho khona isicelo esenziwa egameni lomunye umkhalazi, senziwa ngomunye umuntu, isitatimende esifungelwe kwabomthetho (i-afidavithi), kumele ichaze okulandelayo:
Indlela lowo muntu owenzela omunye isicelo akhathazeka ngayo ngempilo yalowo mkhalazi enza isicelo egameni lakhe
Umsebenzi owenziwa yilowo muntu (occupation), kanye nesikhundla noma isimo (capacity) enza isicelo ngaphansi kwaso
Ukuvuma kwalowo muntu okubhaliwe (written consent) okhalazayo, ngaphandle kokuba umkhalazi:
ekhubazekile ngokwengqondo;
esahanjelwe zingqondo noma equlekile (unconscious)
umuntu inkantolo eneliseka ngaye ngokuthi lowo muntu akakwazi ukwenza ukuvuma ngokwakhe noma ukunikeza imvume edingekayo.
Qinisekisa (certify) ifomu nomabhalane wenkantolo ebese uyifakela.
Lapho ifomu selemukelwe, umabhalane uzothumela isicelo sakho kumantshi ozobeka usuku lokuthi ubuyele enkantolo, ukuze kubonelelwe isicelo sakho.
Umantshi uzolungisa nenothisi ezokwazisa umhlukumezi ngesivikelo senkantolo, kanye nokumazisa ukuthi eze nini enkantolo.
Ngemuba kokuvela ngaphambi kwenkantolo, umantshi anganikeza umyalelo wokuvikelwa.
Imithetho nemigomo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi kanye nesikhathi sokwenziwa komsebenzi
Ezikhathini eziphuthumayo, inkonzo itholakala amahora angu-24
Umyalelo wokuvikela ungatholakala ngalo lolo suku, kodwa lokhu kuvamise ukwenzeka ngokubonelela nokuncika kwisixaka-xaka sodaba lwakho.
Umyalelo usebenza kuze kufike lapho umuntu ohlukunyeziwe ewukhansela khona.
Uma umhlukumezi efakela i-aphili, umyalelo uyaqhubeka nokusebenza kuze kufike lapho ukhanselwa khona yiNkantolo yama-Aphili.
Izindleko (Imali ekhokhwayo)
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana
Ucingo:
Ikheli lendawo:
Ikheli leposi:
Ucingo:
Ikheli lendawo:
Ikheli leposi:
Yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka:
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
