Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Ukubhalisa umkhumbi wokudweba kwabemikhumbi yamazwe angaphandle
Ukudweba ngenhloso yohwebo ukuhambisa noma ukuphatha ukudla ukuphatha ubisi kanye nokuluhambisa
Ukufunana nomcebo wamaminerali ibhizinisi lomsebenzi wezimayini
Ukuqhuba ibhizinisi lezimayini
Isicelo sokubhalisela ukusetshenziswa kwamanzi
Elayisense yokuqhuba iNkonzo yezamaposi egodliwe
Ukufaka isicelo sokudoba izinhlanzi ukuze uziphili
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izimvume namalayisense
Isicelo semvume noma selayisense
Isicelo selungelo lokufunana nomcebo wamaminerali
Izincazelo
Ilungelo lokufunana nomcebo wamamaminerali, yivume evumela inkampani noma umuntu siqu ukwenza i-survey noma ukuphenyisisa ngendawo yomhlaba ngenhloso yokubona indawo ethize enamaminerali noma engaba namaminerali. Noma ngubani omunye umuntu ofuna ukwenza isicelo selungelo lokufunana nomcebo wamaminerali, kumele afakele isicelo ehhovisi lika-Regional Manager lapho umhlaba okhona.
Ilungelo lokufunana nomcebo wamaminerali lisebenza iminyaka emihlanu, kodwa ngemuva kokuphela kweminyaka emihlanu, umenzi wesicelo angacela imvuselelo yelungelo lokufunana nomcebo wamaminerali yesikhathi esingekho ngaphezulu kweminyaka emithathu.
Ilungelo lokufunana nomcebo wamaminerali lizonikezwa uma uhlangabezane nezidingo ezilandelayo:
Umenzi wesicelo unezimali ezenele kanye nekhono lokuqhuba umsebenzi wokufunana nomcebo wamaminerali ukufinyelela kwizinga eliphezulu
Iplani yezezimali ihambisana nomsebenzi wokufunana nomcebo wezimali waso sonke leso sikhathi.
Uma kungeke kwaba nokungcoliswa komoya nendalo noma ukulinyazwa kwesimo sendalo okuzokwenzeka ngomsebenzi wokufunana nomcebo wamaminerali.
Uma kungekho omunye umuntu onelungelo lokufunana nomcebo wamaminerali, ilungelo lokuqhuba ibhizinisi lezemayini, imvume yokuqhuba ibhizinisi lezezimayini, noma imvume yokugodla leyo minerali noma umhlaba.
Ukuze uthole olunye ulwazi, ngena kwaboMnyango&#160;wezamaMinerali ne-Eneji
Izinyathelookumele zilandelwe
Yenza isicelo kuMininjela weRijini (Regional Manager) woMnyango wezamaMinerali ne-Eneji kwirijini lapho kutholakala khona lowo mhlaba.
Ifomu kumele lihambisane nemali edingekayo okumele ikhokhelwe isicelo
Fakela umbiko wokukhulumisana kuMininjela ezinsukwini ezingu-30.
Uma zonke lezi zidingo kuhlangatshezwane nazo, uRegional Manageruzofakela isicelo kuNgqongqoshe ukuze asibonelele.
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Uma uRegional Manager engasivumeli isicelo, uzokwazisa ngokubhala ezinsukwini ezingu-14 kanye nokubuyisela isicelo kuwe.
Uma u-Regional Managerevumela isicelo sakho, uzokwazisa ezinsukwini ezingu-14,ukuthi ufakele iplani yokubhekana nesimo sendalo, kanye nokukhulumisana nomnikazi womhlaba, ohlezi kulowo mhlaba ngelungelo lomthethokanye nabanye abathintekayo.
Fakela umbiko wokukhulumisana kuMininjela weRijini ezinsukwini ezingu-30.
Uma zonke lezi zidingo kuhlangatshezwane nazo, uRegional Manageruzofakela isicelo kuNgqongqoshe ukuze asibonelele.
Umthetho osetshenziswayo
Umkhombandlela wohlelo lokufunana nomcebo wamaminerali kumele ufakelwe kwisicelo seLungelo lokufunana nomcebo wezezimayini
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana
Yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka:
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
