Isicelo sokufakelwa kwinqubo yezezindlu zabantu
Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Isicelo somxhaso sosizo lwendlu kumuntu oyedwa
Isicelo sosizo lomxhaso wesikhungo
Isicelo sokufakelwa kwinqubo yezezindlu zabantu
Isicelo sosizo lwamasabsidi imixhaso ezindaweni za
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo Kubantu
Indawo yokuhlala
Isicelo sokufakelwa kwinqubo yezezindlu zabantu
Isicelo sokufakelwa kwinqubo yezezindlu zabantu
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana
Izincazelo
Inqubo yezezindlu zabantu (People's Housing Process), yindlela kahulumeni yokusiza ngezindlu esekela amakhaya afisa ukuthuthukisa imixhaso yawo yamasabsidi ngokuzakhela izindlu noma ngokugqugquzelana ngokwabo ukuzakhela amakhaya abo.
Inqubo isiza ukuthi abafuna ukuzuza basungule inhlangano yokusekela kwezezindlu ezobasiza ngokuba nosizo kwinhlangano, ezobuthekniki kanye nezokuphatha. Usizo lubandakanya uqeqesho kanye nokwelulekwa kwabazuzayo ukuzakhela amakhaya abo.
Le ndlela itholakala njengeprojekthi kubazuzi, ngokuhlanganisa, ukwenza izikhungo kanye namasabsidi amaprojekthi. Nangaphezu kwalokho, ibuye itholakale ezindaweni zasemakhaya lapho khona abantu abanelungelo lokusebenzisa nokuhlala kumhlaba (functional tenure rights) abakuwo.
Le nqubo yenza ukuthi usebenzise usizo lwesabsidi ukuzakhela indlu yakho. Ngenxa yokuthi usizo kwezobutheknikhali (ubucwepheshe) bubaluleke kakhulu kule nqubo, wonke umuntu obamba iqhaza kwinqubo, kumele abe nenhlangano esekelanayo. Le nhlangano isiza ngosekelo lobutheknikhali (lobuchwepheshe) ukuqinisekisa ukuthi indlu yakhiwe ngendlela efanele.
Abantu abazakhela izindlu ngokwabo noma abagqugquzelela ukwakhiwa kwezindlu zabo, bangakha izindlu ezinkulu ngemali encane.
ukonga ngezindleko zabasebenzi ngokuthi abantu bayazakhela okunye ngokwabo noma ngokuthola usizo emindenini yabo, komakhelwane, kubangani kanye nabanye abangasizana nani ukugwema ukukhokha inzalo (iprofit) kwabamakontilaki okwakha, kanye nokuthuthukisa izinqumo.
Ukuze ukwazi ukungena kule nqubo, kumele ube:
Ngoshadile noma onohlalisana naye, noma ube nabancikile ngokwezimali.
Ube ngumuntu omdala ngokwanele okwaziyo ukungenela ikontraki. Lokhu kusho ukuthi kumele ube ngumuntu oneminyaka engaphezu kwengu-21 noma ushadile, nakhona ube ngophile kahle engqondweni
Ube nomholo womndeni ongaphansi kuka-R3 500.
Ningabi ngabathole usizo lwesabsidi yokuthenga indlu kuHulumeni ngesikhathi esedlule.
Ube ngumuntu ofuna ubunikazi bendlu okokuqala ngqa.
Qaphela ukuthi kumele ungenele ikontraki ngokusekelwa yinhlangano esemthethweni (legal entity) Inhlangano esekelayo izosiza ngolwazi lobuchwepheshe (lobutheknikhali) kanye nakwezokuphatha. 
Phezulu
Izinyathelo okumele zilandelwe xhumana noMnyango wezeZindlu weprovinsi (wesifundazwe)
nikeza ngomazizi wakho (i-ID yakho), yowakwakho kanye nezingane nikeza ngekhophi yesiliphi somholo njengobufakazi bokuthi uyahola. 
Phezulu
Umthetho osetshenziswayo
Phezulu
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Isicelo sibonelelwa ngaboMnyango yezeZindlu yeziFundazwe (wamaProvinsi). Isikhathi esidingekayo ukwethula le nkonzo (le sevisi) siyehluka-hluka kuye ngodaba nodaba.
Phezulu
Izindleko
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
Phezulu
Amafomu okumele agcwaliswe
Alikho ifomu lesicelo.
Phezulu
Indawo nendlela yokuxhumana
Yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka:
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
