Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo Kubantu
Isicelo sokuvula i-akhawunti yeBhangi yeMzansi
Isimo
I-Akhawunti yeMzansi, yinkonzo ebhekwe ngabe-SAPO (South African Post Office) eqondene nabantu ziqu. Yindlela elula yokwamukela imali kanye nokukhipha imali noma ukukhokha. Ungaba nesiqiniseko sokuthi imali yakho iphephile ngoba akukho zindleko zenyanga, okugcina ku-akhawunti yakho, kuzothola inzalo. Akukho zimali ezikhokhwa njalo, ukhokhela nje lokho okusebenzisile. Awudingi isiliphi somholo ukuvula i-akhawunti yoMzansi. Noma ngubani angavula i-akhawunti, ngoba akukho mibandela efana nokuba nemali ethize yomholo okumele uyihole edingekayo ukuvula le-akhawunti. Ungasebenzisa ibhangi kumagatsha ePosi angu-1300 noma kumishini yama-ATM (Automated Teller Machines) engu-8000.
Konke ukufakela izimali ePosini kwenziwa mahhala.
Qaphela: Abasebancane ngeminyaka abafisa ukuvula le-akhawunti kumele bahambe nomuntu omdala ongumnakekeli ngokomthetho noma umzali/abazali.
Ukuze uthole olunye ulwazi, ngena kwi iposini
Inqubo okumele ilandelwe
Ukuvula i-akhawunti, okudingayo nje kuphela, ngokulandelayo:
Hamba uye ePosini eliseduzane eNingizimu Afrika ucele u-teller (umsizi waseposini) ukukunikeza ifomu lesicelo.
Gcwalisa ifomu lesicelo.
Khombisa uMazisi wakho (i-ID yakho).
Khombisa ubufakazi bendawo ohlala kuyo. Njengengxenye yomthetho we-Financial Intelligence Centre Act (FICA), bonke abenzi bezicelo kumele banikeze ubufakazi bendawo abahlala kuyo. Lokhu kungenziwa ngokuthi ukhombise isitatimende sokukhokhela okusebenzisayo (kungaba yi-akhawunti kamasipala). Uma uqashile (urentile), ikhophi yekontraki yokuqasha (yokurenta) iyadingeka. Uma uhlala nabazali, isitatimende esifungelwe (i-afidavithi) efakazela lokhu iyadingeka.
Abasebancane ngeminyaka abafisa ukuvula le-akhawunti kumele bahambe nomuntu omdala ongumnakekeli ngokomthetho noma umzali/abazali.
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele kwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Amafomu ezicelo atholakala emaPosini kulo lonke izwe.
Indawo nendlela yokuxhumana
Yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka:
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
