ibhizinisi lomsebenzi wezimayini
Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Ukubhalisa umkhumbi wokudweba kwabemikhumbi yamazwe angaphandle
Ukudweba ngenhloso yohwebo ukuhambisa noma ukuphatha ukudla ukuphatha ubisi kanye nokuluhambisa
Ukufunana nomcebo wamaminerali ibhizinisi lomsebenzi wezimayini
Ukuqhuba ibhizinisi lezimayini
Isicelo sokubhalisela ukusetshenziswa kwamanzi
Elayisense yokuqhuba iNkonzo yezamaposi egodliwe
Ukufaka isicelo sokudoba izinhlanzi ukuze uziphili
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izimvume namalayisense
Isicelo semvume noma selayisense ibhizinisi lomsebenzi wezimayini
Isicelo semvume yokwenza ibhizinisi lomsebenzi wezimayini
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana
Izincazelo
Imvume yokuqhuba ibhizinisi lomsebenzi wezimayini yidokhumende ekhishwa ngaboMnyango wezamaMinerali ne-Eneji okuyiwona okuvumelayo ukuthi uqhube umsebenzi wezimayini. Akukho muntu ovunyelwe ukuthi aqhube ibhizinisi lezimayini ngaphandle kokuthola imvume yokuqhuba ibhizinisi lezimayini.
Imvume yokuqhuba ibhizinisi lezimayini ngeke yadluliselwa komunye. Imvume inenhloso yokulawula ukufunana namaminerali kanye nokuqhuba ibhizinisi lezimayini ngokubonelela ezempilo nokuphepha, ukulawulwa kwesimo sendalo kanye nokumbiwa kwamaminerali ngendlela efanele.
Imvume yokuqhuba ibhizinisi lezimayini kumele isebenze ngokulandela leso sikhathi esichazwe kwimvume, kodwa esingeqi iminyaka emibili. Ingavuselelwa ezinye izikhathi zezihlandla ezintathu, kodwa isihlandla nesihlandla esisodwa ngeke saba ngaphezulu konyaka.
Imvume yokuqhuba ibhizinisi lemayini ingakhishwa kuphela uma:
leyo minerali okukhulunywa ngayo, ingambiwa isikhathi seminyaka emibili indawo yokwenza ibhizinisi lemayini ingadluli kumamitha angu-1.5 m².
kungekho omunye umuntu onelungelo lokufunana namaminerali, ilungelo lokuqhuba ibhizinisi lemayini, imvume yokuqhuba umsebenzi wemayini, noma imvume yokugodla iminerali noma umhlaba.
Phezulu
Izinyathelo okumele zilandelwe
Yenza isicelo kuMininjela weRijini (Regional Manager) woMnyango wezamaMinerali ne-Eneji kwirijini lapho kutholakala khona lowo mhlaba.
Umininjela weRijini uzokwamukela isicelo uma zonke izidingo kuhlangatshezwane nazo.
Uma isicelo sakho sesamukelwe, uMininjela weRijini uzokucela ukuthi ufakele uhlelo iplani yokunakekelwa kwesimo sendalo, kanye nokuxhumana nomnikazi womhlaba kanye nabakuwo ngokomthetho legal occupier, kanye nabanye abathintekayo.
Fakela umbiko wokukhulumisana kuMininjela ezinsukwini ezingu-30.
Ungqongqoshe uzokhipha imvume uma zonke izidingo kuhlangatshezwane nazo.
Phezulu
Umthetho osetshenziswayo
Phezulu
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
UMininjela weRijini uzokwazisa ezinsukwini ezingu-14 ukuthi isicelo sakho siphumelele, okusho ukuthi uhlangabezane nazo zonke izidingo.
Phezulu
Izindleko
Umnyango uzobeka izindleko, kanti le mali ayibuyiselwa kuwe.
Inani lezindleko liyahluka kuye ngeminerali ofuna ukusebenzana nayo.
Phezulu
Amafomu okumele agcwaliswe
Phezulu
Indawo nendlela yokuxhumana
Yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka:
Ukuxhumana okuhambelanayo uMnyango wezoHwebo neZimboni
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
